Ngo-2011
Izethembiso Ezinhle zeNcwadi kaMomoni
Okthoba 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, Okthoba 2011

Izethembiso Ezinhle zeNcwadi kaMomoni

Eminyakeni eminingi eyadlulayo ngema eduzane komhlaba kababa osemncane njengoba engakwazi ukukhetha phakathi kwempilo kanye nokufa. Unkosikazi wakhe owayecasukile kanye nabantwana ababili bema eduzane. Wathatha isandla sami kuyena futhi ngokubheka kokucela wathi, Bhishobhu, ngiyazi ukuthi sengizokufa. Ngitshele ukuthi kwenzekani emoyeni wami uma ngifa.”

Nganikela ngomthandazo othulile ukuba ngithole ukuholwa ngokwasezulwini futhi ngabhekisisa eduzane kwetafula lombhede wakhe iphepha lezinto ezintathu ezihlangeneyo. Ngathatha incwadi ngasengithumela ngokuhambisa ngokomoya amakhasi. Masishane ngathola ukuthi, anginalutho engalwenza ngasohlangothini lwami, ngema kwisahluko sikaAlma 40 encwadini kaMomoni. Ngafunda lamagama kuye:

“Bheka, kuye kwabonakaliswa kimi ngengilosi ukuthi imimoya yabantu bonke, masishane uma sebehambile kulomzimba ofayo, … bamukiswa ekhaya kuloNkulunkulu owabanika impilo.

“Futhi…imimoya yalabo abalungileyo iyamukelwa esimeni senjabulo, esibizwa ngokuthiwa yipharadesi, isimo sokuphumula, isimo sokuthula, lapho bazophumula kuzozonke izinkinga nakhokonke ukunakekelwa kahle nasosizini” (uAlma 40:11–12).

Ngenkathi ngiqhubeka nokufunda Ngokuvuka kwabafileyo ukukhanya kweza ebusweni bomfana osemcane futhi ukumoyizela kwaletha izindebe zakhe zaba nomusa. Ngenkathi ngiphetha uhambo lwami, ngavalelisa ngokuthi sala kahle kulomndeni omuhle.

Emva kwalokho ngabona unkosikazi kanye nabantwana emncwabeni. Ngacabanga emva kwalobo busuku ngenkathi umfana osemncane ecela iqiniso futhi encwadini kaMomoni, ngezwa impendulo kumbuzo wakhe.

Encwadini kaMomoni kwavela izithembiso ezinye ezinhle, phakathi kwazo kukhona izithembiso zokuthula, inkululeko kanye nezibusiso uma kuphela “sizosebenzela uNkulunkulu womhlaba, onguJesu Krestu” (Ether 2:12).

Kusukela emakhasini kuza isithembiso “sokujabula okungeke kuphele” kulabo abagcina imiyalelo kaNkulunkulu. Ngokuba bheka, babusisiwe kuzozonke izinto zombili eziphathelene okwesikhashana kanye nomoya” (uMozaya 2:41).

Kusukela emakhasini ayo kufika isithembiso sokujabula okungaqondakaliyo kulabo abangamathulusi ezandleni zikaNkulunkulu ekusizeni amadodana Akhe kanye namadodakazi (uAlma 28:8; 29:9).

Kusukela emakhasini abo isithembiso sokuthi amaIsrayeli ayehlakazekile azobuyiswa—umsebenzi lowo esizinikezele kuwo ngemizamo emikhulu emhlabeni wonke wabafundisi bezenkolo(bona 3 uNefayi 16; 21–22).

Kusukela emakhasini kufika isethembiso sokuthi njengoba sithandaza kuBaba egameni elingcwele likaJesu Krestu, imindeni yethu izakubusiswa (bona 3 uNifayi 18:21).

Kusukela ekufundeni kwamakhasi ayo kufika ukugcwaliseka kwesithembiso sokuprofetha ukuthi “kuzobakhona ezimpilweni zenu futhi nasemakhaya enu ongeziwe wokukala ngokomoya weNkosi isinqumo esikhulisiwe ukuba uhambe ngokulalela emiyalelweni yakhe kanye nobufakazi obuqinileyo beNdodana ephilayo kaNkulunkulu.1

Futhi ukusukela emakhasini encwadi kaMomoni kuza izethembiso zikaMoroni zokuthi ngokuthandaza, ngenhloso yangeqiniso, kanye nokholo kuKrestu, singalazi iqiniso lalezizithembiso “ ngamandla oMoya Oyingcwele” (bona uMoroni 10:4–5).

Kanye nabaprofethi abanye bezinsuku zokugcina ngifakaza ngokweqiniso lokhu “okuyona ncwadi eqondile kunayiphi incwadi emhlabeni,”2 nayo incwadi kaMamoni, enye yethestamente likaJesu Krestu. Umlayezo wayo ungafinyelela emhlabeni ulethe abayifundayo olwazini lweqiniso. Kungukufakazi bami ukuthi incwadi kaMomoni iguqula izimpilo. Ingathi omunye nomunye wethu angayifunda. Futhi ngokujabula make sabelane ngobufakazi bethu ngezithembiso ezinhle ngabantwana bonke bakaNkulunkulu.

Amanothi

  1. uGordon B. Hinckley, “Ubufakazi obuyiqiniso futhi obunomfutho,” iLiahona, Aug. 2005, 6.

  2. Izimfundiso zaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 64.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Ezincwadini ezingcwele “sithola imithetho yeqiniso ezoxazulula yonke inkinga kanye nasonke isehlakalo esibi esingahle sibhekane nomndeni wobuntu ” (Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu [1999], 51). Njeboba wabelana nomlayezo kaMongameli uMonson kanye nomndeni, bameme ukuba balalele “izethembiso ezinhle” yena azibonisayo Encwadini kaMomoni. Ungahle wabelane nesithembiso encwadini kaMomoni leso esizwakalayo kuwe.