Ngo-2011
Uma Singangabazi
Okthoba 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, Okthoba 2011

Uma Singangabazi

uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wabesimame Benhlangano Yenkululeko.

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile empilweni yakho.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Encwadini kaMomoni sifunda ngesibonelo sabantu besilisa abasebasha abanesibindi ngokweqile, isibindi futhi baqinile. “Yebo, kwakunabesilisa beqiniso futhi bephilile, ngokuba bafundiswe ukuba bagcine imiyalelo kaNkulunkulu futhi bahambe ngokuqonda phambi kwakhe.” (uAlma 53:21). Laba balisa abathembekile abesebasha babonisa inhlonipho kubo mama babo—kwizibonelo zabo kanye nothishela.

Omame bamasotsha kaHeleman babephila ngesikathi hhayi ezingafani nezethu. Izikhathi zabo zazinzima futhi ziyingozi, futhi abasha bebebizwa bayovikela inkululeko ngokomzimba nangokomoya. Namuhla sihlala ezweni lapho singabhuqabhuqa nokuphambene nokwenyama negazi, kepha ngokuphambene namandla okuphambene nababusi bobumnyama balomhlaba, okuphambene nenkohlakalo kamoya ezindaweni eziphezulu.” (AbeseEfesu 6:12).

Izikhathi zesivivinyo zidinga abazali abaqinileyo futhi abayizibonelo abafundisa iqiniso ekade laziwa ngamasotsha kaHelemani ng. “Uma bengazange bengabazi, uNkulunkulu ubezokuba vikela bona” (Alma 56:47). Ukufundisa nokuba yisibonelo seqiniso namuhla kudinga ubuhlakani. Noma-ke kunjalo akumele sesabe. Uma sesazi ukuthi singobani nokuthi uNkulunkulu ngubani nokuthi senze izethembiso Naye, si—fana nalabo mame abangamasotsha— sizoba nomthelela omkhulu njalo.

Ngokufanelekileyo, omunye nomunye wamasotsha angu 2,060 kaHelemani wayenogqozi luka mama. Kepha labo mame abazange benze bodwa. Kanye nabanye besilisa nabesifazane abalungileyo, labo mame bangahle bahlanganise ukholo kanye nesibonelo ukufundisa amandla ezithembiso. Abantu abasebancane banamuhla babeqondile isithembiso abazali babo abasenza sokungazifaki empini. Futhi noma kwakubukeka sengathi angeke kwenzeke, uBaba waseZulwini othandekayo uvule indlela kulabazali ukuba bagcine isithembiso—futhi balondoloze inkululeko yabo (bona uAlma 56:5–9). Thina ngokunjalo kumele sihloniphe izethembiso zethu ukuze abantwana kanye nentsha—abantwana bethu kanye nalabo abakumawodi ethu, amagatsha, omakhelwane, kanye nomphakathi—bazakuqonda futhi basekele ukugcina isithembiso.

Uma sihlonipha izethembiso zethu, uBaba waseZulwini angasilungiselela indlela yethu. Kumele siphile izethembiso zethu ngokupheleleyo. Singakwazi, ngesibonelo, siqonde ngqo ngokuthandaza ngokufunda umbhalo ongcwele, ngokuphatha imvume yokungena ethempelini, ngokugqoka ngokuhloniphekile, ngokuhlonipha usuku lweSabatha. Ngokwenza njalo, abantwana bethu bazokwazi futhi bakwazi ukusho bathi, “Asingabazi abomama bethu siyabazi” (uAlma 56:48).

Abangcwele Abesifazane Bezinsuku Zokugcina ababonayo ukuthi amandla abo avele ekuhlanjululweni kweNkosi abapheli themba ngezikhathi ezinzima futhi ezidumazayo. Njengaba gcini besithembiso, sidlulele ekugcineni nasekuvikeleni abantwana kanye nabasha ukuze ngolunye usuku singasho ngalesizukulwane esikhulayo, “Angizange ngibone isibindi esikhulu kangaka, hhayi angikaze kubobonke abakhona” (uAlma 56:45).

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uAlma 53; 56–58

Ngingenzenjani?

  1. Ngingabasiza kanjani odade bami ukuba babone futhi benze ngamandla abanawo wokuba nogqozi kwisizukulwane esikhulayo.

  2. Ngingathola ukukhuthazeka okunjani encwadini kaMomoni ukuphendula izivivinyo engibhekene nazo namuhla?