Ngo-2021
UNkulunkulu Wasitshela Ukuthi Sibhabhadiswe
NgoFebruwari 2021


“UNkulunkulu Wasitshela Ukuthi Sibhabhadiswe,” iLiyahona, ngoFebruwari 2021

UMyalezo Wenyanga weLiyahona , ngoFebruwari 2021

UNkulunkulu Wasitshela Ukuthi Sibhabhadiswe

UJesu Kristu wabeka isibonelo sokubhabhadiswa ngumuntu onegunya likaNkulunkulu.

Yize singenayo imininingwane eminingi ngempilo kaJesu Kristu, kodwa siyazi ukuthi wabhabhadiswa lapho eneminyaka engaba ngama-30 (bheka uLuka 3:23). Nazi ezinye izinto esizifunda ngokubhabhadiswa esibonelweni Sakhe.

Ungowawo Wonke Umuntu

Uma sesibadala ngokwanele futhi sesikhule ngokwanele ukuthi singakwazi ukwahlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, uBaba oseZulwini ufuna ukuba sibhabhadiswe (bheka IMfundiso neziVumelwano 18:42). UJesu wayephelele, kodwa wakhetha ukubhabhadiswa ukuze alandele imiyalelo kaNkulunkulu (bheka uMathewu 3:13–17; 2 Nefi 31:7). Ngisho nalabo asebeshonile bangawemukela umbhabhadiso. Sibanika wona ngokubabhabhadisela emathempelini. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 128:15–18.)

Isithombe
umbhabhadiso

Wenziwa Ngegunya

UJesu akazange abhabhadiswe yinoma ngubani nje. Waya ngqo kumzala wakhe uJohane, owayenegunya lobuphristi elivela kuNkulunkulu. Ngemuva kokufa kukaJesu futhi abafundi bakhe bebulewe, lelo gunya lobupristi lalahleka emhlabeni. Kwathi ngo-1829, uJohane uMbhabhadisi wavela kuJoseph Smith futhi wamnika igunya lokubhabhadisa egameni likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho kubuyiselwa, singabhabhadiswa ngalelo gunya namuhla.

Isithombe
ukubuyiselwa kobuPhristi buka-Aroni

Isithembiso Esikabili

Umbhabhadiso unesethembiso esenziwa ngezindlela ezimbili, noma isivumelwano, phakathi kwethu noNkulunkulu. Siyethembisa:

  1. Ukubizwa ngegama likaKristu.

  2. Ukuba simkhumbule njalo.

  3. Ukugcina imiyalelo Yakhe.

UNkulunkulu uthembisa ukuthi uMoya Wakhe uyohlala unathi njalo. Amagama emikhuleko yesidlo esingcwele asikhumbuza lesi sivumelwano masonto onke. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.)

Isithombe
umndeni emhlanganweni wesidlo esingcwele

Ukwemukela Umoya oNgcwele Kuyingxenye Ebalulekile Yokubhabhadiswa

Emuva kokubhabhadiswa kukaJesu, uMoya oNgcwele wavela ngesimo sejuba (bheka u-2 Nefi 31:8). Namuhla, emveni kokuba abantu bebhabhadisiwe, bayaqiniswa. Lokhu kusho ukuthi bathola isibusiso esikhethekile lapho bemenyelwa khona ukuthola isipho esihlanzayo ngokomoya sikaMoya oNgcwele (bheka u 2 Nefi 31:17). UMoya oNgcwele ungasixwayisa ngengozi, usiduduze, usiqondise ekwenzeni izinqumo ezinhle, futhi usisize sizwe uthando lukaNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 39:6).

Isithombe
ukuqiniswa kowesifazane

Singaphenduka Njalo

UNkulunkulu wayazi ukuthi sizowenza amaphutha. Naphezu kwemizamo yethu emihle, besizokona bese sehluleka ukufeza izethembiso zethu zokubhabhadiswa. Ngakho-ke unikeza umuntu ngamunye ithuba lokuphenduka. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 18:13.) Nsuku zonke singenza konke okusemandleni ethu ukuxolisa nokulungisa noma yikuphi okungalungile. Singathandaza futhi sicele ukuthethelelwa nguNkulunkulu. Bese kuthi lapho sithatha isidlo esingcwele ngenhliziyo ethobekile, singaba noMoya oNgcwele (bheka u-3 Nefi 18:11).

Isithombe
owesifazane othandaza eceleni kombhede

Ithini ImiBhalo eNgcwele ngomBhabhadiso na?

Abazali kufanele basize abantwana babo balungiselele umbhabhadiso (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:25).

Labo abangaphansi kweminyaka eyisishiyagalombili ubudala abadingi ukubhabhadiswa (bheka uMoroni 8).

Lapho sibhabhadiswa, siyethembisa ukuthi “sizokhala nabakhalayo; … siduduze labo abadinga ukududuzwa, futhi sime njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo” (uMosiya 18:9).