ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 68


Isigaba 68

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 1 Novemba, 1831, kuphendulwa umkhuleko wokuthi kwaziwe umqondo weNkosi ngokuphathelene no-Orson Hyde, uLuke S. Johnson, uLyman E. Johnson, kanye noWilliam E. McLellin. Nakuba ingxenye yalesi sambulo yayibhekiswe kulamadoda omane, okuningi okuphakathi kuthinta iBandla lonke. Lesi sambulo sanwetshwa ngomyalelo ka Joseph Smith ngesikhathi sikhishwa encwadini yeMfundiso neziVumelwano eyakhishwa ngonyaka ka 1835.

1–5, Amazwi amagosa uma eqhutshwa nguMoya oNgcwele ayimibhalo engcwele; 6–12, Amagosa kufanele ashumayele futhi abhabhadise, futhi izibonakaliso ziyolandela abakholwa ngokweqiniso; 13–24, Izibulo phakathi kwamadodana ka-Aroni lingasebenza njengoMbhishobhi oNgamele (okungukuthi, liphathe izikhiye zobumongameli njengombhishobhi) ngaphansi kokuyalelwa wubuMongameli bokuQala; 25–28, Abazali bayalwa ukuba bafundise ivangeli ebantwaneni babo; 29–35, AbaNgcwele kufanele bagcine iSabatha, basebenze ngokukhuthala, futhi bakhuleke.

1 Inceku yami, u-Orson Hyde, wabizwa ngokugcotshwa kwakhe ukuba ashumayele ivangeli laphakade, ngo Moya kaNkulunkulu ophilayo, kubantu ngabantu, kumazwe ngamazwe, emabandleni ababi, emasinagogeni abo, ekhuluma nabo futhi ebachazela yonke imibhalo engcwele.

2 Futhi, bhekani, futhi bheka, lokhu kuyisibonelo kubo bonke labo abagcotshelwa kulobu buphristi, ubizo lwabo olumiselwe bona ukuba bahambe—

3 Futhi lokhu kuyisibonelo kubo, ukuthi bayokhuluma uma beholwa uMoya oNgcwele.

4 Futhi noma yikuphi abayokukhuluma uma beholwa uMoya oNgcwele kuyoba umbhalo ongcwele, kuyoba yintando yeNkosi, kuyoba wumqondo weNkosi, kuyoba wumyalezo weNkosi, kuyoba yizwi leNkosi, futhi namandla kaNkulunkulu aletha insindiso.

5 Bhekani, lesi yisethembiso seNkosi kini, O nina zinceku zami.

6 Ngalokho-ke, yibani nenjabulo, futhi ningesabi, ngokuba mina iNkosi nginani, futhi ngizoma nani; futhi niyofakaza ngami, ngisho uJesu Kristu, ukuthi ngiyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo, ukuthi ngangikhona, ngikhona, futhi ngizoza.

7 Lona ngumyalelo weNkosi kuwe, nceku yami u-Orson Hyde, futhi nasencekwini yami uLuke Johnson, nasencekwini yami uLyman Johnson, nasencekwini yami uWilliam E. McLellin, nakuwo wonke amagosa athembekile ebandla lami—

8 Hambani niye emhlabeni wonke, nishumayele ivangeli kuzo zonke izidalwa, nikwenza ngegunya engininike lona, nibhabhadisa egameni likaBaba, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele.

9 Futhi lowo okholwayo futhi ebhabhadiswa uyosindiswa, futhi lowo ongakholwayo uyoba ngaphansi kwamandla kaSathane.

10 Futhi lowo okholwayo uyobusiswa ngezibonakaliso eziyomlandela, ngisho njengoba kubhaliwe.

11 Futhi nizophiwa ukwazi izimpawu zezikhathi, nezimpawu zokuza kweNdodana yoMuntu;

12 Futhi abaningi uBaba ayofakaza ngabo, niyonikwa amandla okubabophela ekuphileni kwaphakade. Amen.

13 Manje, ngokuphathelene nezihloko ezongezwe ezivumelwaneni nasemiyalelweni, yilezi—

14 Kukhona emva kwalokhu, ngesikhathi esifanele seNkosi, abanye ababhishobhi okufanele bahlukaniselwe ebandleni, ukuba basize njengowokuqala;

15 Ngalokho-ke bayoba nga baphristi abakhulu abafanelekile, futhi bayobekwa wubu Mongameli bokuQala bobuPhristi bukaMelkisedeki, ngaphandle uma beyisizukulwane sangempela sika-Aroni.

16 Futhi uma bengabesizukulwane ngempela sika-Aroni banelungelo elisemthethweni lokuba sesikhundleni sobubhishobhi, uma bengamazibulo phakathi kwamadodana ka-Aroni;

17 Ngokuba izibulo linelungelo lobumongameli kulobu buphristi, kanye nezikhiye noma igunya labo.

18 Akekho umuntu onelungelo elisemthethweni kulesi sikhundla, ukuphatha izikhiye zalobu buphristi, ngaphandle uma engowesizukulwane ngempela futhi eyizibulo lika-Aroni.

19 Kodwa, njengoba umphristi omkhulu wobuPhristi bukaMelkisedeki enegunya lokusebenza kuzo zonke izikhundla ezincane angasebenza esikhundleni sika mbhishobhi uma kungekho ongowesizukulwane ngempela sika-Aroni ongatholakala, uma ebiziwe futhi wahlukaniselwa futhi wagcotshwelwa kulamandla, ngaphansi kwezandla zobuMongameli bokuQala bobuphristi bukaMelkisedeki.

20 Futhi ongowesizukulwane ngempela sika-Aroni, nanye, kufanele akhonjwe yilobu buMongameli, futhi atholakale efanelekile, futhi agcotshwe futhi abekwe ngaphansi kwezandla zobuMongameli, kungenjalo abavunyelwe ngokomthetho ukusebenza ebuphristini babo.

21 Kodwa, ngesizathu somyalelo ngokuphathelene nelungelo labo lobuphristi elehla kusuka kubaba kuya endodaneni, bangakucela ngokwelungelo ukugcotshwa kwabo uma noma ngasiphi isikhathi bengalukhombisa uzalo lwabo, noma beluqinisa ngesambulo esisuka eNkosini ngaphansi kwezandla zobuMongameli osebushiwo ngenhla.

22 Futhi phezu kwalokho, akekho umbhishobhi noma umphristi omkhulu oyohlukaniselwa kulesi sikhundla oyoquliswa noma oyobekwa noma yiliphi icala, ngaphandle uma kungaphambi kobu Mongameli bokuQala bebandla;

23 Futhi ngangoba etholwa enecala phambi kwalobu buMongameli, ngobufakazi obungeke buphikiseke, uyobekwa icala;

24 Futhi uma ephenduka uyoxolelwa, ngokwezivumelwano nemiyalelo yebandla.

25 Futhi phezu kwalokho, kangangoba abazali benabantwana eSiyoni, noma kuziphi izikhonkwane zayo ezihleliwe, abangaba fundisi ukuba bayiqonde imfundiso yokuphenduka, ukukholwa kuKristu iNdodana kaNkulunkulu ophilayo, nokubhabhadiswa futhi nesipho soMoya oNgcwele ngokubekwa izandla, uma sebeneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, isono masibe phezu kwamakhanda abazali.

26 Ngokuba lokhu kuyoba umthetho kubantu base Siyoni, noma kunanoma kuziphi izikhonkwane zakhe ezihleliwe.

27 Futhi abantwana babo bayobhabhadiswa ukuze kuthethelelwe izono zabo uma sebeneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, futhi bafumane ukubekwa izandla.

28 Futhi bayofundisa abantwana babo ukuba bakukhuleka, futhi nokuhamba ngobuqotho phambi kweNkosi.

29 Futhi abantu baseSiyoni bayogcina usuku lweSabatha balugcine lungcwele.

30 Futhi abantu baseSiyoni bayoyikhumbula imisebenzi yabo, kangangoba bebekwe ukuba basebenze, kukho konke ukuthembeka; ngokuba ivila liyokhunjulwa phambi kweNkosi.

31 Manje, mina, iNkosi, angithokozile kahle ngabantu baseSiyoni, ngokuba kunamavila phakathi kwabo; futhi nabantwana babo bakhulela ebubini; futhi abayifuni ngokukhuthazela ingcebo yaphakade, kodwa amehlo abo agcwele umhobholo.

32 Lezi zinto akufanele zibekhona, futhi kufanele ziqedwe phakathi kwabo; ngalokho-ke, inceku yami u-Oliver Cowdery makahambise lokhu okushiwo akuyise ezweni laseSiyoni.

33 Futhi umyalelo ngiwunika bona—ukuthi lowo ongayenzi imikhuleko yakhe phambi kweNkosi ngesikhathi sakho lokho, makakukhunjulwe phambi kukamehluleli wabantu bami.

34 Lokhu okushiwo kuliqiniso futhi kuthembekile; ngalokho-ke, ningakwephuli, futhi ningasusi lutho kukho.

35 Bhekani, ngingu-Alfa no-Omega, futhi ngiza masinyane. Amen.