Ngo-2021
Isambulo Esiqhubekayo
ngoMashi 2021


“Isambulo Esiqhubekayo,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoMashi 2021, 16.

UMyalezo waNyanga zonke For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2021

Isambulo Esiqhubekayo

Lomyalezo uvela enkulumweni yomhlangano omkhulu wango-Ephreli 2020.

Isithombe
UmBono wokuQala

Umfanekiso wenziwe nguBen Simonsen

UMprofethi uJoseph Smith wayethola isambulo emva kwesambulo. Izambulo eziningi ezatholwa nguMprofethi uJoseph zigcinelwe thina kwiMfundiso neziVumelwano.

Kanti futhi, sibusisiwe ngesambulo esiqhubekayo esinikezwa abaprofethi abaphilayo “abayizithunywa zeNkosiezithunyiwe futhi ezigunyaziwe ukuyikhulumela.”1

Isambulo somuntu siqu siyatholakala futhi kubo bonke labo abafuna ukuholwa yiNkosi ngokuthobeka. Sibalulekile njengesambulo somprofethi.

Isambulo somuntu siqu sihambisana namaqiniso atholakala kuMoya oNgcwele. UMoya oNgcwele ungumembuli nofakazi weqiniso lonke, kakhulukazi iqiniso ngoMsindisi. Ngaphandle kukaMoya oNgcwele, besingeke sazi ngempela ukuthi uJesu unguKristu. Indima Yakhe enomthelela ukuba afakaze ngoBaba neNdodana nangamabizo Abo nangenkazimulo Yabo.

Ngiyaniqinisekisa ukuthi umuntu ngamunye angathola ukuholwa ngesambulo ngesikhathi sisebenza ngokuzithoba ensimini yeNkosi.

Engikucela ngesizotha wukuthi sengathi umuntu ngamunye engasifuna isambulo esiqhubekayo sokuhola izimpilo zethu nokulandela uMoya ngesikhathi simkhonza uBaba uNkulunkulu noMsindisi wethu, uJesu Kristu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Hugh B. Brown, “Joseph Smith among the Prophets” (Sixteenth Annual Joseph Smith Memorial Sermon, Logan Institute of Religion, Dec. 7, 1958), 7.