Ngo-2021
UJesu Kristu Wasicela ukuba Sithathe Isidlo Esingcwele
ngoMashi 2021


“UJesu Kristu Wasicela ukuba Sithathe Isidlo Esingcwele,” ILiyahona, ngoMashi 2021

Umyalezo waNyanga zonke we Liyahona ngoMashi 2021

UJesu Kristu Wasicela ukuba Sithathe Isidlo Esingcwele

Siyahlanzeka futhi siyelapheka ngesikhathi sikhumbula uMsindisi masonto onke.

Isithombe
Isidlo Sakusihlwa Sokugcina

Isidlo Sakusihlwa Sokugcina, nguCarl Heinrich Bloch

Ngaphambi kokufa Kwakhe, uJesu Kristu wadla isidlo sokugcina esibizwa ngokuthi Isidlo Sakusihlwa Sokugcina. Ekupheleni kwalesi sidlo, wazisa abalandeli Bakhe ngesidlo esingcwele. Wahlephula isinkwa futhi wasibusisa. Wathi, “yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (ngokukaLuka 22:19). Wase ebusisa futhi ebanika inkomishi yewayini.

Isithombe
umndeni wemukela isidlo esingcwele

Ingxenye Yenkonzo Yamasonto Onke

Ngesikhathi iBandla likaJesu Kristu libuyiselwa emhlabeni, isidlo esingcwele saba yingxenye yenkonzo yamasonto onke. Ngesikhathi senkonzo, isidlo esingcwele siyabusiswa futhi siyadluliswa yilabo abanobuphristi. Bakhuleka ngokusebenzisa amagama atholokala embhalweni ongcwele (bheka ku Moroni 4; 5). Bese umuntu ngamunye ebandleni udla isinkwa futhi aphuze namanzi enzela ukukhumbula uJesu Kristu kanye nomnikelo wakhe awenzela thina, ngendlela asicela ngayo ukuba sikwenze.

Isithombe
intombazane ikhuleka

Isithombe ngu-Angela Suitter

Ukulungisela Ukudla

Ukulungela ukuthatha isidlo esingcwele, kumele sicabange ngezimpilo zethu nezinqumo zethu ngokweqiniso. Kumele siphenduke emaphutheni nasezonweni zesonto elidlule, futhi sicele intethelelo kuNkulunkulu. Asidingi ukuba silunge ngokuphelele ukuze sithathe isidlo esingcwele, kepha izinhliziyo zethu kumele zizothe.

Isithombe
Umkhuleko eGetsemane

Prayer at Gethsemane (Umkhuleko eGetsemane), nguDel Parson

Kukhulu Kunesinkwa Namanzi

Ukuthathwa kwesidlo kuyisikhathi esingcwele. Imikhuleko yesidlo esingcwele iyasikhumbuza ukuthi ngesikhathi sithatha isinkwa namanzi, sikhumbula umzimba negazi uJesu Kristu asinikelela ngakho. Siyethembisa ukumlandela nokuphila impilo yomKristu. Siyethembisa ukuzama ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu. Okuzobuyela kithi wukuthi, uMoya oNgcwele uzosiduduza, usihole futhi usilaphe.

Isithombe
umbhabhadiso

Ukuvuselela Izivumelwano

Ngesikhathi labo bethu ababhabhadisiwe bethatha isidlo esingcwele ngenhliziyo emsulwa, sivuselela isivumelwano esasenza sibhabhadiswa. Lokhu kubala ukwamukela uMoya oNgcwele nokuhlanzeka ezonweni kube sengathi siyabhabhadiswa futhi. Yileli ithemba nomusa uJesu Kristu asinikeza kona umuntu ngamunye. Akusoze kuphele isikhathi sokuphenduka nokuthethelelwa.

Isithombe
UJesu Kristu azisa amaNefi ngesidlo esingcwele

Ningikhumbula Njalo, nguGary L. Kapp, ukukopisha akuvumelekile

Ngabe Imibhalo Engcwele Ithini ngesiDlo esiNgcwele na?

Kumele sizibuke thina ngokomoya, sibuke ngaphakathi ngokweqiniso, ngaphambi kokuthatha isidlo esingcwele (bheka ku 1 AbaseKorinte 11:28).

Emuva kokuba Avuke Kwabafileyo, uJesu wakhombisa abantu Bakhe eMelika indlela yokuthatha isidlo (bheka ku 3 Nefi 18).

Abaprofethi bamanje basitshele ukuthi sisebenzise isinkwa namanzi kwisidlo esingcwele, kepha esikudlayo noma esikuphuzayo akubalulekile kangako (bheka IMfundiso neziVumelwano 27:2). Ngesinye isikhathi labo abangazwani nesinkwa bengasebenzisa okunye okucishe kufane nesinkwa.

The Last Supper (Isidlo Sakusihlwa Sokugcina), nguCarl Heinrich Bloch; isithombe sentombazane ikhuleka senziwe ngu-Angela Suitter; Prayer at Gethsemane (Umkhuleko eGetsemane), nguDel Parson; Ningikhumbula Njalo, nguGary L. Kapp, ukukopisha akuvumelekile