Ngo-2021
UKristu uVukile; uKholo Kuye luzoSusa iziNtaba
NgoMeyi 2021


UMyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona , yangoMeyi 2021

UKristu uVukile; uKholo Kuye luzoSusa iziNtaba

Ukholo kuJesu Kristu lungamandla amakhulu kakhulu esingawathola kulempilo. Zonke izinto zingenzeka kulabo abakholwayo.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyabonga ngaleli lungelo lokukhuluma nani kuleliSonto lePhasika.1 Umhlatshelo ohlawulayo nokuVuka Kwabafileyo kukaJesu Kristu kwaguqula izimpilo zethu ngamunye ingunaphakade. Siyamthanda futhi simkhonza ngokubonga noBaba wethu oseZulwini.

Kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule, besilokhu sizabalaza ngobhubhane lomhlaba wonke. Ngiyamangala ngokuqina kwenu nangokomoya nibe nibhekene nokugula, ukulahlekelwa kanye nokwehlukaniswa nabanye. Ngikhuleka njalo ukuthi, kukho konke, sengathi ningaluzwa uthando lweNkosi kini olungehlulekiyo. Uma nabhekana nokuvivinywa kwenu ngobufundi obuthe ukuqina, lonyaka owedlule ubungeke ungabi nanzuzo.

Kulokhu kusa, sizwe izinkulumo zabaholi beBandla abavela kuwo wonke amazwekazi anabantu emhlabeni. Ngempela, izibusiso zevangeli zingezazo zonke izinhlanga, izilimi, kanye nabantu. IBandla likaJesu Kristu liyibandla elikhona emhlabeni wonke. UJesu Kristu ungumholi wethu.

Siyakubonga ukuthi, ngisho ubhubhane alukwazanga ukulibaziza ukuya phambili kweqiniso Lakhe. Ivangeli likaJesu Kristu yilo impela elidingekayo kulomhlaba odidekileyo, ogcwele impikiswano nokukhathala.

Abantwana baNkulunkulu ngamunye bafanelwe yithuba lokuzwa futhi bemukele umyalezo kaJesu Kristu owelaphayo nokhululayo. Awukho omunye umyalezo obaluleke kakhulu ukuze sithole injabulo––manje naphakade.2 Awukho omunye umyalezo ogcwele ithemba njengalona. Awukho omunye umyalezo ongaqeda impikiswano emphakathini wethu.

Ukholo kuJesu Kristu luyisisekelo salo lonke ukholo futhi nendlela yokuthola amandla kaNkulunkulu. NgokukamPhostoli uPawulu, “Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uNkulunkulu]; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”3

Konke okuhle empilweni––zonke izibusiso ezingatholakala ezibalulekile ngokwaphakade––ziqala ngokholo. Ukuvumela uNkulunkulu ukuba anqobe ezimpilweni zethu kuqala ngokukholwa ukuthi Uyathanda ukusihola. Ukuphenduka ngeqiniso kuqala ngokukholwa ukuthi uJesu Kristu unamandla okusihlanza, okuselapha, nokusiqinisa.4

“Ningawaphiki amandla kaNkulunkulu,” kwakusho umphrofethi uMoroni, “ngokuba usebenza ngamandla, ngokokholo lwabantwana babantu.”5 Wukholo lwethu oluvula amandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu.

Kodwa noma kunjalo, ukulisebenzisa ukholo kungabonakala kuqeda amandla. Kwezinye izikhathi singaba nokuzibuza ukuthi kungenzeka yini sibe nokholo olwanele ukuba sithole izibusiso esizidinga kakhulu. Kodwa-ke, iNkosi iyakuqeda konke lokho kwesaba ngamazwi kamphrofethi waseNcwadini kaMormoni u-Alima.

Isithombe
Imbewu yesinaphi

U-Alima usicela nje ukuthi sililinge izwi futhi “[si]sebenzise intwanyana encane yokholo, yebo, ngisho noma [si]ngeke [se]nza ngaphezu kokuthi [si]be nesifiso nje kuphela sokukholwa.”6 Umushwana othi “intwanyana encane yokholo” ungikhumbuza isethembiso seNkosi saseBhayibhelini sokuthi uma sino “kholo njenge mbewu yesinaphi,” siyokwazi “ukuthi kulentaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; futhi akukho okuyaku[sa]hlula.”7

Isithombe
Inyoni phakathi kwezimbewu zesinaphi

INkosi iyabuqonda ubuthakathaka bethu bempilo yasemhlabeni. Sonke siyenqikaza kwezinye izikhathi. Kodwa futhi Uyakwazi okukhulu okunokwenzeka sibe yikho. Imbewu yesinaphi iqala incane kodwa ikhula ibe yisihlahla esikhulu ngokwanele ukuba izinyoni zakhele izidleke emagatsheni aso. Imbewu yesinaphi imele oluncane kodwa olukhulayo ukholo.8

INkosi ayiludingi ukholo oluphelele ukuze thina sikwazi ukuthola amandla Ayo aphelele. Kodwa Ekucelayo kithi wukuthi masikholwe.

Bafwethu nodadwethu abathandekayo, engikucelayo kini kulokhu kusa kwePhasika wukuthi qalani namhlanje ukulikhulisa ukholo lwenu. Ngokholo lwakho, uJesu Kristu uzolandisa ikhono lenu lokususa izintaba ezimpilweni zenu,9 nakuba izinkinga zenu siqu zingaba zinkulu njengeNtaba ye-Everest.

Izintaba zenu kungaba yisizungu, ukungabaza, ukugula, noma ezinye izinkinga zomuntu siqu. Izintaba zenu zizohlukana, kodwa futhi impendulo ezinkingeni zenu ngazinye wukukhulisa ukholo lwenu. Lokho kudinga umsebenzi. Abafundi abangamavila nabanganaki bazohlezi bezabalaza ukuthola ngisho intwanyana encane yokholo.

Okwenza nomayini ethile kahle kudinga umzamo. Ukuba ngumfundi weqiniso kaJesu Kristu nakho kudinga into efanayo. Ukukhulisa ukholo nethemba lakho kuYe kudinga umzamo. Ngicela ukuninika iziphakamiso ezinhlanu ezizonisiza ukuba nikhulise lolokholo nethemba.

Okokuqala, funda. Yiba ngumfundi ozimisele. Yithi shi emibhalweni engcwele ukuze ube nokuqonda kangcono ukuthunywa nobufundisi bukaKristu. Yazi imfundiso kaKristu ukuze uwaqonde amandla akhe empilweni yakho. Lifake kuwe ngaphakathi iqiniso lokuthi iNhlawulo kaJesu Kristu iyasebenza kuwe. Wathwala usizi lwakho, amaphutha akho, ubuthakathaka bakho, ngokunjalo nezono zakho. Wezwa ubuhlungu bokuhlawulela futhi wakunika amandla okuba ususe zonke izintaba oyoke ubhekane nazo. Uwathola lawo mandla ngokholo, nokwethemba kwakho ngokunjalo nokufisa ukulandela Yena.

Ukususa izintaba zakho kungadinga isimangaliso. Funda ngezimangaliso. Izimangaliso ziza ngokokholo lwakho eNkosini. Okusemqoka kulolokholo ukwethemba intando Yakhe nesikhathi Sakhe––ukuthi uzokubusisa kanjani nanini ngosizo oluyisimangaliso olufisayo. Kuphela okwakhoukungakholwa okuzovimbela uNkulunkulu ukuba akubusise ngezimangaliso zokususa izintaba kweyakho impilo.10

Ngokufunda kakhulu ngoMsindisi, kuzobalula ukuthembela emseni Wakhe, othandweni Lwakhe olungenamkhawulo, nasemandleni Akhe aqinisayo, alaphayo, futhi nakhululayo. UMsindisi usondele kakhulu kuwe ngesikhathi ubhekene noma ukhwela intaba ngokholo.

Okwesibili, khetha uku kholwa kuJesu Kristu. Uma unokungabaza ngoNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe eThandekayo noma iqiniso lokuBuyiselwa noma ubuqiniso bokubizwa kukaJoseph Smith nguNkulunkulu njengomphrofethi, khetha ukukholwa11 futhi uhlezi uthembekile. Imibuzo yakho ibhekise eNkosini nakweminye imithombo ethembekile. Funda unesifiso soku kholwa kunokuba unethemba lokuthi ungathola iphutha empilweni yomphrofethi noma umehluko emibhalweni engcwele. Yekela ukwandisa ukungabaza kwakho ngokuhlezi uxoxa ngakho nabanye abangabazayo. Vumela iNkosi ukuba ikuhole ohambweni lwakho lokuthola izinto ngokomoya.

Okwesithathu, yenza ngokholo. Yini obungakwenza ukuba ubunokholo kakhudlwana na? Cabanga ngalokho. Bhala ngakho. Emva kwalokho thola olunye ukholo ngokwenza okuthile okudinga olunye ukholo.

Okwesine, hlanganyela kwizimiso ngokufanelekile. Izimiso zivula amandla kaNkulunkulu ukuze kuzuze impilo yakho.12

Okwesihlanu, cela uBaba oseZulwini, egameni likaJesu Kristu ukuze uthole usizo.

Ukholo ludinga umsebenzi. Ukuthola isambulo kudinga umsebenzi. Kodwa “yilowo nalowo ocelayo, uyamukeliswa; nofunayo, uyafumana; nongqongqothayo, uzakuvulelwa.”13 UNkulunkulu uyazi ukuthi yini ezosiza ukholo lwakho ukuba lukhule. Cela, uphinde ucele futhi.

Ongakholwa angathi ukholo olwalabo ababuthakathaka. Kodwa lobufakazi abuwanaki amandla okholo. Ngabe abaPhostoli boMsindisi babengaqhubeka yini nokufundisa imfundiso Yakhe, bebeka izimpilo zabo engcupheni, ukuba babemungabaza na?14 Ngabe uJoseph noHyrum Smith babengakuvumela yini ukushona okwaba umfelukholo bevikela ukuBuyiselwa kweBandla leNkosi bengenaso isiqiniseko sobufakazi bokuthi kwakuyiqiniso lokho na? Ngabe abaNgcwele cishe abayizi-2000 babengafa endleleni yamavulandlela15 uma babengenalo ukholo lokuthi ivangeli likaJesu Kristu lase libuyiselwe na? Ngempela, ukholo lungamandla avumela okungabazekayo kufeze okungenakwenzeka.

Ungalunciphisi ukholo osuvele unalo. Kudinga ukholo ukungena eBandleni futhi uhlezi wethembekile. Kudinga ukholo ukulandela abaphrofethi kunokulandela osolwazi nezinkolelo zeningi. Kudinga ukholo ukuyoshumayela ivangeli ngesikhathi sobhubhane. Kudinga ukholo ukuphila impilo yobumsulwa ngesikhathi abaningi emhlabeni behambisana kakhulu nokuthi umthetho wobumsulwa kaNkulunkulu usuphelelwe yisikhathi manje. Kudinga ukholo ukufundisa abantwana ivangeli ezweni eligxile ezintweni zomhlaba. Kudinga ukholo ukunxusela impilo yothandwayo futhi kudinga ukholo kakhulu ukwemukela impendulo edumazayo.

Eminyakeni emibili eyedlule, sinoDade uNelson sake savakashela eSamowa, eTonga, eFiji, naseTahiti. Kulezo ziqhingi ngazinye kwake kwabakhona izimvula ezinkulu ezana izinsuku eziningi. Amalungu ayezile ukudla ekhulekela ukuthi imihlangano yawo eyayizobanjelwa ngaphandle ingaphazanyiswa yimvula.

ESamowa, eFiji, naseTahiti, ngesikhathi nje imihlangano iqala, imvula yaphela. Kodwa eTonga, imvula ayizange iphele. Nakuba kunjalo abaNgcwele ababalelwa ezinkulungwaneni eziyi-13,000 bashesha bafika ukuze bathole indawo yokuhlala, balindela ngokubekezela emvuleni, baphinde bahlala emhlanganweni owathatha amahora amabili.

Isithombe
AbaNgcwele baseTonga emvuleni

Sabona ukholo olunamandla lusebenza phakathi kwalabo bantu bakulezo ziqhingi––ukholo olwanele ukuqeda imvula nokholo lokuphikelela ngesikhathi imvula ingapheli.

Izintaba ezisezimpilweni zethu azisuswa njalo ngendlela esifuna ngayo noma ngesikhathi esithanda ngaso. Kodwa ukholo lwethu luyohlezi njalo lusiyisa phambili. Ukholo njalo lwandisa amathuba okuthola amandla obunkulunkulu.

Ngiyakucela ukuba ukwazi lokhu: uma okwethembayo noma obathembayo emhlabeni behluleka, uJesu Kristu neBandla Lakhe abasoze bahluleka. INkosi ayozeli, futhi ayilali.16 “Iyafana izolo, namuhla futhi [nakusasa].”17 Ayisoze izishiye izivumelwano Zayo,18 izethemiso Zayo, noma uthando Lwayo lwabantu Bayo. Yenza izimangaliso namhlanje, futhi izokwenza izimangaliso nakusasa.19

Ukholo kuJesu Kristu lungamandla amakhulu kakhulu esingawathola kulempilo. Konke kungenzeka kulabo abakholwayo.20

Ukholo lwenu olukhulayo Kuye luzosusa izintaba––hhayi izintaba zamatshe ezihlobisa umhlaba kodwa izintaba zosizi ezimpilweni zenu. Ukholo lwenu oluchumayo luzonisiza ukuba niguqule izinkinga zilethe ukukhula namathuba angenakuqhathaniswa.

KuleliSonto lePhasika, ngokujula kwemizwa yami yothando nokubonga, ngiyafakaza ukuthi uJesu Kristu ngempela uvukile. Uvukile ukuba ahole iBandla Lakhe. Uvukile ukuba abusise izimpilo zabo bonke abantwana baNkulunkulu noma yikuphi lapho behlala khona. Ngokholo Kuye, singazisusa izintaba ezimpilweni zethu. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Indawo yesiThombe