Ngo-2022
Zingezami futhi Ngiyazazi
NgoJanuwari 2022


“Zingezami futhi Ngiyazazi,” For the Strength of Youth, ngoJanuwari 2022.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth ngoJanuwari 2022

“Zingezami futhi Ngiyazazi”

uMose 1

Isithombe
intombazane esixukwini

Isithombe sivela kwabakwa Getty Images

Ngabe wake wazizwa ungelutho na? Kungenzeka ukuthi uke wazizwa ngalendlela lapho ucabanga ukuthi bangaki abantu emhlabeni noma ubheka ukuthi zingaki izinkanyezi esibhakabhakeni. Wake wazibuza ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ngempela ukuthi ungubani nokuthi impilo yakho injani? Uma kunjalo, uMose unomyalezo obheke kuwe.

Embonweni, uNkulunkulu wabonisa uMose zonke izingxenye zomhlaba nabo bonke abantu ababezophila kuwona. Babe “ngabaleki njengesihlabathi phezu kosebe lolwandle”(uMose 1:28). UNkulunkulu wabe esetshela uMose ukuthi Wadala “imihlaba engabaleki” (uMose 1:33)—ukuthi indalo Yakhe ifinyelela kude ngale kwalo mhlaba.

Cishe uMose wezwa ephela amandla ngenkathi ebona zonke lezi zinto. Mhlawumbe wayezibuza ethi: Ngabe mina ngingena kuphi phakathi kwendalo eningi kangaka na? Futhi uNkulunkulu ngabe ukwazi kanjani ukulandela okuningi kangaka?

Impendulo yaNkulunkulu yayilula: “Zonke izinto zibaliwe kimi.” Kanjani? “Zingezami futhi ngiyazazi” (Mose 1:35). UNkulunkulu wayazi ukuthi uMose wayengubani, njengoba Ebazi bonke abantwana Bakhe, kanye nayo yonke indalo Yakhe. Zonke zingezakhe—izinkanyezi, isihlabathi, futhi ikakhulukazi abantwana Bakhe abasemhlabeni. Bayiso kanye isizathu sokuba Wadala umhlaba. Insindiso yabo yaphakade ingumsebenzi kaNkulunkulu obaluleke kakhulu.

“Ngokuba bheka, lokhu kungu msebenzi wami ne nkazimulo yami—ukufeza ukungafi no kuphila okuphakade komuntu” (Mose 1:39).

Njengoba uMose aboniswa lapho angena khona kwisu likaNkulunkulu, nawe ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyakwazi! Ukukusiza ubuyele Kuye kungumsebenzi kanye nenkazimulo Yakhe. Ngabe yingani kunjalo na? Ngokuba ungoWakhe. Futhi akukho lutho okungelutho ngalokho!