Ngo-2022
UKuwa Kwakuyingxenye yeSu likaNkulunkulu
NgoJanuwari 2022


“UKuwa Kwakuyingxenye yeSu likaNkulunkulu,” iLiyahona, ngoJanuwari 2022

Umlayezo waNyanga zonke we Liyahona ngoJanuwari 2022

UKuwa Kwakuyingxenye yeSu likaNkulunkulu

Ngenxa yoKuwa, sizuza ukuza emhlabeni futhi ngelinye ilanga singabuyela siyohlala noBaba wethu oseZulwini.

Isithombe
U-Adamu no-Eva

Adam and Eve in the Garden of Eden [U-Adamu no-Eva eNsimini yase-Edene], nguRobert T. Barrett

Ensimini yase-Edene, uNkulunkulu wayala u-Adamu no-Eva ukuba bangasidli isithelo sesihlahla sokwazi okuhle nokubi. Wayesethi kubo, “Ungazikhethela, … kepha, khumbula ukuthi ngiyakwenqabela lokho” (Mose 1:17). USathane walinga u-Eva ukuba asidle leso sithelo sesihlahla. Wathi kuye, “Niyoba njengonkulunkulu, nazi okuhle nokubi” (Mose 4:11). Wabe esesidla leso isithelo futhi wapha no-Adamu. UNkulunkulu wabakhipha eNsimini yase-Edene.

uKuwa

Isithombe
U-Adamu no-Eva

Adam and Eve Cast Out of the Garden [U-Adamu no-Eva Baxoshwa eNsimini], nguGary L. Kapp, ukukopisha akuvumelekile

Ngenkathi u-Adamu no-Eva bephuma eNsimini yase-Edene, babengasekho phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kuhlukana kwabo noNkulunkulu kubizwa ngokuthiwa ukufa ngokomoya. Ukushiya insimu kwakusho nokuthi u-Adamu no-Eva baba nemiziba efayo futhi ngaleyo ndlela babengafa. Nakuba u-Adamu no-Eva babengasekho phambi kukaNkulunkulu futhi manje sebenemizimba efayo, bajabula futhi baba nethemba lapho bebona ukuthi bangathuthuka (bheka uMose 5:10–11). “U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona; futhi abantu bakhona, ukuze babe nokujabula” (2 Nefi 2:25).

Isikhathi Sokuvivinywa

Ngesikhathi sizalwa, siphila ngokuhlukene noNkulunkulu, njengoba kwenzeka naku-Adamu no-Eva ngemva koKuwa. USathane uyasilinga ukuba sikhethe ukwenza okungalungile. Lezi zilingo zisivumela ukuba sivivinywe futhi sikhethe phakathi kokulungile nokungalungile (bheka u-Alima 12:24). Njalo uma sona futhi singaphenduki, siyaziqhelisa kakhulu kuBaba oseZulwini. Kodwa uma siphenduka, sisondelana kakhulu noBaba wethu oseZulwini.

Ukufa Komzimba

Isithombe
amathuna

Umhlaba wawudalelwe thina (bheka ku 1 Nefi 17:36). UKuwa kwenza u-Adamu no-Eva bakwazi ukwenza umyalo kaNkulunkulu wokuba nabantwana, okwasivumela ukuba size emhlabeni sinomzimba wenyama. Ngolunye usuku imizimba yethu iyokufa, kodwa imimoya yethu izoqhubeka iphile. Imizimba nemimoya yethu iyophinde ihlangane lapho sesivuswa ekufeni.

Sisindiswe nguJesu Kristu

Isithombe
UVuko lukaJesu Kristu

The Resurrection [UVuko], nguHarry Andersen

Ngamandla ahlawulayo kaJesu Kristu, singakunqoba ukufa ngokomzimba kanye nokufa ngokomoya. Ngenxa yokuthi uKristu wavuka ekufeni, wonke umuntu ozalwa kulo mhlaba uzovuka ekufeni futhi aphile ingunaphakade. Futhi ngenxa yokuthi uKristu wezwa ubuhlungu ngenxa yezono zethu, singaphenduka futhi sithethelelwe ukuze sikwazi ukuphila noBaba wethu oseZulwini futhi.