Ngo-2022
U-Abrahama noSara
NgoFebruwari 2022


“U-Abrahama noSara,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani), ngoFebruwari 2022

“U-Abrahama noSara”

UMyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani), ngoFebruwari 2022

U-Abrahama noSara

Isithombe
U-Abrahama noSara besetendeni

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

U-Abrahama wayengumprofethi. UNkulunkulu wenza isivumelwano no-Abrahama nomkakhe, uSara.

Isithombe
U-Abrahama noSara bedangele

UNkulunkulu wabethembisa ukubabusisa. Wabatshela ukuthi babeyoba nabantwana. U-Abrahama noSara bathembisa ukumlandela uNkulunkulu.

Isithombe
U-Abrahama noSara

U-Abrahama noSara bazigcina izethembiso zabo. Kodwa kabazange babe nabantwana isikhathi eside. Baya ngokuya beguga.

Isithombe
U-Abrahama noSara nomntwana u-Isaka

Ekugcineni, ngesikhathi u-Abrahama eseneminyaka eyi-100 uSara yena eseneminyaka eyisi-90, bathola umntwana womfana. Bamqamba ngokuthi u-Isaka. Babazi ukuthi uNkulunkulu wayebabusisile.

Isithombe
umntwana etshala imbewu

Ngingamethemba uNkulunkulu. Kwesinye isikhathi izibusiso azisheshi zifike. Kodwa uNkulunkulu uhlezi ezigcina izethembiso Zakhe.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingamethemba uNkulunkulu

Isithombe
umntwana ekhuleka

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso owenziwe ngu-Apryl Stott

Ngabe uBaba oseZulwini ukusize kanjani ngesikhathi wesaba futhi udangele na?