Ngo-2022
Izivumelwano Zisixhumanisa noNkulunkulu
NgoFebruwari 2022


“Izivumelwano Zisixhumanisa noNkulunkulu,” iLiyahona, ngoFebruwari 2022

UMyalezo Wanyanga zonke we Liyahona, ngoFebruwari 2022

Izivumelwano Zisixhumanisa noNkulunkulu

Ukwenza nokugcina izivumelwano kuletha izibusiso.

Isivumelwano yisethembiso phakathi kukaBaba oseZulwini kanye nabantwana Bakhe. Nguye obeka imibandela yesivumelwano esisenza Naye. Uma senza Asicela kona, sithola izibusiso eziningi. Futhi asigcini nje ngokuthola izibusiso emhlabeni––uma senza futhi sigcina izivumelwano, sizobuyela Kuye siyophila noNkulunkulu kanye nemindeni yethu ezulwini ngelinye ilanga.

Isithombe
umbhabhadiso

IziVumelwano kanye neziMiso

Senza izivumelwano ngesikhathi sezimiso ezithile. Sidinga ukuzemukela lezo zimiso futhi sizihloniphe lezo zivumelwano ukuze sibuyele ukuyophila noNkulunkulu. Izimiso zenziwa ngegunya lobupristi. Lezo zimiso kubalwa kuzo umbhabhadiso nokuqiniswa, ukwemukela ubuPh\risti bukaMelkisedeki (kwamadoda), kanye nezimiso esizithola ethempelini. Ngesikhathi sesidlo esingcwele, amalungu eBandla avuselela izethembiso abazenzileyo noNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79).

Isithombe
isidlo esingcwele

Izivumelwano Zisisiza Ukuba Siphile Ngokulunga

Ngesikhathi sombhabhadiso, sethembisa ukulandela uJesu Kristu, simukhumbule njalo, futhi sigcine nemiyalelo (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:37). UNkulunkulu wethembisa ukuthi uMoya oNgcwele ungahlala nathi njalo.

Ngesikhathi amadoda emukela ubupristi, athembisa ukuphila ngokufanelwa ngamandla obupristi bukaNkulunkulu. UNkulunkulu wethembisa ukubabusisa. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 84:33–40.)

Isithombe
IThempeli laseBrazil eRecife

Umfanekiso weThempeli laseRecife eBrazil wenziwe nguJames Porter

IziVumelwano EsiZenza eThempelini

Uma amalungu eBandla emukela ukwembathiswa ethempelini, athembisa ukuphila ngokulunga nangokuzinikela evangelini. Athenjiswa amandla avela kuNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 38:32; 109:22).

Ngesikhathi sokuboshwa kwasethempelini, umyeni nomkakhe bashada ingunaphakade futhi bathembisa ukwethembeka omunye komunye nakuNkulunkulu. UNkulunkulu uthembisa ukuthi bangabuyela Kuye futhi bayophila njengemindeni ingunaphakade. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 132:19–20.)

Isithombe
Abefundisi brVangeli

Singabantu besiVumelwano

Labo ababa ngamalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina baba ngabantu baNkulunkulu besivumelwano. Baphinde babe yizindlalifa zezibusiso nemithwalo yesivumelwano sika-Abrahama (bheka KwabaseGalathiya 3:27–29). Ukuba yingxenye yabantu baNkulunkulu besivumelwano kusho ukuthi siyasizana ngesikhathi sisondela kuKristu. Kusho futhi nokuthi sisebenzela ukuqinisa iBandla likaNkulunkulu emhlabeni. Uma sizigcina izivumelwano zethu, singathola amandla nokuqina okuvela kuNkulunkulu.