Ngo-2022
Isibani Ezinyaweni Zethu
Ngo-Agasti 2022


“Isibani Ezinyaweni Zethu,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Agasti 2022.

UMyalezo waNyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Agasti 2022

Isibani Ezinyaweni Zethu

Into ejwayelekile kwabakwa-Israyeli basendulo ingasifundisa indlela iNkosi esihola ngayo.

Isithombe
isibani samafutha

Amaqiniso

Ngezikhathi zeTestamente eliDala, abantu babesebenzisa izibani zamafutha ukuze kube nokukhanya ebumnyameni. Iningi lalezi zibani lalinezici ezintathu eziyisisekelo:

  1. Isitsha sobumba esinamafutha omnqumo; ngokuvamile esincane ngokwanele ukuba sentendeni yesandla somuntu

  2. Intambo yefuleksi ezokhanyiswa ngemva kokumunca amafutha

  3. Isitshazisi noma umlomo wokubamba intambo

Izibani zamafutha eziwubala ezinentambo eyodwa vo zazingakhanyisa amamitha ambalwa maduzane nazo. Uma zisetshenziswa ngenkathi uhambahamba, zingakhanyisa ngokwanele ukuze ubone phambi kwakho ukuze ukwazi ukuhambahamba ngokucophelela ebumnyameni.

Esingakufunda

Isithombe
uJesu Kristu ephethe isibani samafutha

Kutholakale imvume yokusisebenzisa. Lead, Kindly Light [Hola, Ngobumnene Kukhanya], nguSimon Dewey. Ngenhlonipho yabakwa altusfineart.com © 2022.

Izwi leNkosi lingakhanyisa indlela yethu ebumnyameni nasesiphithiphithini esisizungezile emhlabeni.

INkosi isicelile ukuthi singakufihli ukukhanya kwethu kodwa sikuphathe ukukhanya kwevangeli ukuze nabanye bakubone (bheka NgokukaMathewu 5:14–16).

Kukithi ukwenza isiqiniseko sokuthi izibani zethu zigcwele amafutha (bheka NgokukaMathewu 25:1–13). Lokhu sikwenza ngomkhuleko, ngokufunda imibhalo engcwele, ngokusiza abanye, ngokulandela umprofethi, kanye nezinye izenzo zokholo kanye nokuzinikela (bheka incwadi kaSpencer W. Kimball, Faith Precedes the Miracle [1972], 256).

Uma sisebenzisa ukholo, iNkosi kwesinye isikhathi ikhanyisa indlela yethu ngokwanele ukuthi sithathe esinye isinyathelo (bheka inkulumo ka Boyd K. Packer, “The Candle of the Lord,” Ensign, ngoJanuwari 1983, 54).