Ngo-2022
AmaHubo Afundisa ngoJesu Kristu
Ngo-Agasti 2022


“AmaHubo Afundisa ngoJesu Kristu,” uMyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Agasti 2022

“AmaHubo Afundisa ngoJesu Kristu”

UMyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Agasti 2022.

AmaHubo Afundisa ngoJesu Kristu

Isithombe
uDavide nehabhu

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Amahubo amaculo angcwele. Abantu baseBhayibhelini babhala amahubo ukuze badumise uNkulunkulu. Amahubo abo amaningi afundisa ngoJesu Kristu. Nakhu okufundiswa amanye amahubo eBhayibheli.

Isithombe
uJesu Kristu emi phezu kwedwala

Ngiyayithanda iNkosi. Uyidwala lami namandla ami. Ngizomethemba. Ngizomdumisa.

Isithombe
uJesu Kristu ephethe imvu

UJehova unguMalusi Wami. Ungiholela emadlelweni aluhlaza. Ungiholela emanzini okuphumula. Ngeke ngesabe.

Isithombe
uJesu Kristu ephethe isibani

INkosi Ingukukhanya kwami. Angiyukwesaba. Ngizoba nesibindi. Uyokwenza inhliziyo yami iqine.

Isithombe
abantu besesontweni

Ngiyamthanda uJesu Kristu, futhi Naye uyangithanda. Ngingamdumisa lapho ngifunda futhi ngicula Ngaye.

Ikhasi Lokufaka Imibala

UJehova UnguMalusi Wami

Isithombe
uJesu ephethe imvu

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Uluzwa kanjani uthando lukaJesu na?