Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 8–14: “Abazange Nempela Besahlubuka.” u-Alima 23–29


“NgoJulayi 8–14: “Abazange Nempela Besahlubuka.” u-Alima 23–29,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJulayi 8–14. u-Alima 23–29,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
Ama-Anti-Nefi-Lehi engcwaba izikhali zawo

Anti-Nephi-Lehies Bury Their Weapons of War [Ama-Anti-Nefi-Lehi Angcwaba Izikhali Zawo], nguJody Livingston

NgoJulayi 8–14: “Abazange Nempela Besahlubuka”

u-Alima 23–29

Uke ube nesifiso sokwazi ukuthi abantu bangashintsha ngempela na? Mhlawumbe ukhathazwa wukuthi kazi uyoke ukwazi yini ukunqoba izenzo ezingagculisi ozenzileyo noma imikhuba emibi osuyejwayele, noma-ke ungahle ukhathazwe yizinto ezifanayo ngokuphathelene nabathandiweyo bakho. Uma kunjalo, indaba yama-Anti-Nefi-Lehi ingakusiza. Laba bantu babeyizitha ezinkulu zamaNefi. Kwathi uma amadodana kaMosiya ethatha isinqumo sokuyoshumayela ivangeli kubo, amaNefi “[aba]hleka usulu.” Ukuwabulala amaLamani kwakubonakala sengathi yisona sixazululo esihle kunokuwaguqula. (Bheka ku Alima 26:23–25.)

Kodwa amaLamani nempela ashintsha—ngamandla aguqulayo kaJesu Kristu. Bake baziwa njengabantu ababe “lukhuni futhi benobudlova” (u-Alima 17:14), kodwa “behlukaniswa ngenxa yentshisekelo yabo kuNkulunkulu” (u-Alima 27:27). Eqinisweni, “abazange nempela besahlubuka” (u-Alima 23:6).

Mhlawumbe unemicabango noma izenzo okufanele uzishintshe noma kufanele ubeke phansi “izikhali … zothuthuva” (u-Alima 23:7). Noma mhlawumbe udinga nje ukuthi uthi ukuba nentshisekelo kakhudlwana kuNkulunkulu. Akukhathalekile ukuthi yizona ziphi izinguquko odinga ukuzenza, incwadi ka-Alima 23–29 ingakunika ithemba lokuthi ngamandla enhlawulo kaJesu Kristu, uguquko oluzohlala isikhathi eside lungenzeka.

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

u-Alima 23–25; 27

Isithombe
seminary icon
Ukuphendukela kwami kuJesu Kristu nevangeli Lakhe kuzoyishintsha impilo yami.

Kwakubukeka sengathi amaLamani ayengeke aguquke, nakuba kunjalo iningi labo lezwa izinguquko ezimangalisayo ngenxa kaJesu Kristu. Lama Lamani aguqukileyo azibiza ngokuthi ngama Anti-Nefi-Lehi.

Ukufunda ku-Alima 23–2527 kungase kukufake ugqozi lokuba uzindle ngokwakho ukuguquka. Bheka ukuthi ashintsha kanjani ama Anti-Nefi-Lehi—ukuthi aphendukela kanjani “eNkosini” (u-Alima 23:6). Lamavesi alandelayo angakusiza uqale:

Ngabe yizona ziphi izindlela uJesu Kristu neVangeli lakhe ayiguqule ngayo impilo yakho na? Ngabe yinini lapho ozizwe khona useduze Naye na? Ungabona kanjani ukuthi usuphendukela kuJesu Kristu? Ngabe yikona kuphi okulandelayo uMoya okufaka ugqozi lokuba ukwenza na?

u-Alima 24:7–19; 26:17–22

Ngoba uNkulunkulu unomusa, Uyangithethelela lapho ngiphenduka.

Ushintsho olwenzeka kuma Anti-Nefi-Lehi lwalungelona ushintsho lokuziphatha nje kuphela–lwaba yinguqukoyenhliziyo oluzalwa wukholo kuJesu Kristu kanye nokuphenduka ngeqiniso. Mhlawumbe ungalithola iqiniso evesini ngalinye ku-Alima 24:7–19. Ngabe asifundisani lamavesi ngomusa kaNkulunkulu kulabo abaphendukayo na? Yimaphi amanye amaqiniso owafundayo ku-Alima 26:17–22?

Zindla ngokuthi uNkulunkulu uwubonise kanjani umusa Wakhe empilweni yakho. Ungakubonisa kanjani ukubonga kwakho Kuye na?

u-Alima 26; 29

Ukwabelana ngevangeli kungilethela injabulo.

Igama elithi Injabulo livela izikhathi ezingama 24 encwadini ka-Alima 23–29, okwenza lezi zahluko zibe yindawo enhle yokufunda ukuthi izuzwa kanjani injabulo yokuliphila—nokwabelana ngalo—ivangeli likaMsindisi. Cabanga ngokufunda kulezi zahluko Alima 26:12–22, 35–37; no 29:1–17, ufune izizathu zokuthi kungani u-Amoni, amadodana kaMosiya, kanye no-Alima bajabula. Ngabe yikuphi okufundayo kulezi zindinyana okungaholela enjabulweni empilweni yakho na?

IGosa uMarcus B.Nash wasifundisa wathi: “Ukwabelana ngeVangeli kuvusa injabulo nethemba emiphefumulweni yophayo nowamukelayo. … Ukwabelana ngevangeli yinjabulo phezu kwenjabulo, yithemba phezu kwethemba” (“Hold Up Your Light,” iLiyahona, kaNovemba 2021, 71). Ngabe yikuphi osuke wakubona futhi wakuzwa ngokwabelana ngevangeli nabanye na? Ngabe yiziphi izinselelo ohlangabezana nazo lapho ufuna ukwabelana ngevangeli nabanye na? Angakusiza kanjani uBaba oseZulwini ukunqoba lezi zinselelo?

Ukuthola izimfundiso zabaprofethi zokuthi kwabelwana kanjani ngevangeli–nokuthola injabulo ekwenzeni lokho–cabanga ngokufunda umyalezo kaMongameli uDallin H. Oak“Sharing the Restored Gospel,” (iLiyahona, kaNovemba 2016, 57–60). Yiziphi iziphakamiso ozitholayo kumyalezo wakhe na?

Cabanga ngokwenza uhlu lwezinto ozokwabelana ngazo nomngani wakho mayelana neNcwadi kaMormoni. Zama ukwabelana ngeNcwadi kaMormoni usebenzisa i-app yeNcwadi kaMormoni.

Bheka izifanekiso nokukhulunywa ngakho. Lapho sifunda imibhalo engcwele, singathola amaqiniso ayigugu ngokufuna amagama, imishwana, noma imiqondo ephindwe kaningi. Leyo mqondo ephindwe kaningi ingacingwa kweminye imibhalo engcwele noma ixhunywe emibhalweni engcwele yakho ukuze ibonakale kalula.

u-Alima 26:5–7

Ngingayithola indawo yokukhosela kuJesu Kristu nasevangelini Lakhe.

Ngesikhathi sokuvuna, okusanhlamvu kuvame ukuqoqwa kube yizinyanda ezibizwa nge zithungu bese kugcinwa ezindlini zokulondoloza, kwesinye isikhathi ezibizwa ngezinqolobane. Ku-Alima 26:5–7 zindla ngokuthi izithungu, izinqolobane nesiphepho kungabe kumeleni empilweni yakho. Uyithola kanjani indawo yokukhosela kuJesu Kristu na?

­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 24:6–24

INkosi iyangibusisa lapho ngizama ukugcina izethembiso zami Kuyo.

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangakuthokozela ukungcwaba ”izikhali” zabo njengama Anti-Nefi-Lehi. Ungafunda amavesi ayingcosana nje ku-Alima 24:6–24 ukufundisa abantwana ngezethembiso ama-Anti-Nefi-Lehi azenza ukuze alandele uMsindisi. Bangabe sebecabanga ngento abazoyishintsha ukuze bamlandele, bakubhale ekhasini lokwenziwayo kwalelisonto, bese benza sengathi bamba umgodi bagcwaba izikhali zabo.

  • Abantwana bakho bangafunda ku-Alima 24:15–19, babheke ukuthi yikuphi akwenza ama-Anti-Nefi-Lehi “njengobufakazi kuNkulunkulu”. Ungabe usukhuluma nabo-ke ngokuthi zingaba kanjani “wubufakazi kuNkulunkulu” izivumelwano zethu (ivesi 18). Vumela abantwana bakho bakhulume ngokuthi bazomkhombisa kanjani uNkulunkulu ukuthi bafuna ukumlandela. ­

u-Alima 24:7-10; 26:23–34; 27:27–30.

Ngingaphenduka.

  • Ukusiza abantwana bakho ukuba babone ukuthi uJesu Kristu angasisiza kanjani uma siphenduka, ungabafundisa ngama-Anti-Nefi-Lehi. Ukwenza lokhu, ezitsheni ezimbili ungahle ubhale igama elithi “ngaphambilini” kwesisodwa nelithi “kamuva” kwesinye. Emva kwalokho abantwana bakho bangabe sebefunda ku-Alima 17:14–15 nakwisahluko 27:27–30, bhala phansi ukuthi amaLamani ayenjani ngaphambilini nangemuva kokuphenduka, bese lokho ukufaka esitsheni esifanele. Ngokwencwadi ka-Alima 24:7–10, ngabe yini eyabasiza bashintshe na? Singabonisa kanjani ukubonga kwethu kuNkulunkulu ngesihe Sakhe na?

u-Alima 26; 29

UJesu Kristu ungilethela injabulo, futhi ngingabelana ngayo lenjabulo.

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningakuthokozela ukudweba izinto ezisevangelini likaJesu Kristu ezikulethela injabulo. Yabelana ngalezi zithombe nabantwana bakho, bese uyabakhuthaza ukuba babelane nomunye ukuze lowomuntu ezwe injabulo naye.

  • Siza abantwana bakho ukuba bathole amagama injabulo nelithi thokoza ku-Alima 26 no 29. Ngabe yini eyalethela u-Amoni no Alima injabulo noma eyenza ukuba bathokoze na? Lombuzo ungaholela ekutheni nikhulume mayelana nenjabulo evela ngokuliphila noma ukwabelana ngevangeli likaJesu Kristu.

u-Alima 27:20–30

Ngingasiza abangani bami baliphile ivangeli likaJesu Kristu.

  • Abantwana bakho bangahle bafunde ku-Alima 27:22–23, befuna lokho okwenziwa ngamaNefi ukusiza ama-Anti-Nefi-Lehi basigcine isethembiso sabo sokungaphinde balwe. Singabasiza kanjani abangani bethu bazigcine izethembiso zabo na? Abantwana bakho bangahle bazilingise izimo zabo. Isibonelo, singathini kumngani ofuna ukuqamba amanga noma ukuba nonya.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

Isithombe
Ama-Anti-Nefi-Lehi engcwaba izikhali zawo

Illustration of the Anti-Nephi-Lehies burying their weapons [Umfanekiso wama Ama-Anti-Nefi-Lehi engcwaba izikhali zawo], nguDan Burr