Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 1–7: “Ngizonenza Abasetshenziswa Yimi.” U-Alima 17–22


“NgoJulayi 1–7: ‘Ngizonenza Abasetshenziswa Yimi.’ U-Alima 17–22,” Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJulayi 1–7. U-Alima 17–22,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni2: 2024 (203)

Isithombe
U-Amoni ekhuluma neNkosi uLamoni

Ammon and King Lamoni [U-Amoni kanye neNkosi uLamoni], nguScott M. Snow

NgoJulayi 1–7: “Ngizonenza Abasetshenziswa Yimi”

U-Alima 17–22

Cabanga ngazo zonke izizathu abantu abangazinikeza zokungabelani ngevangeli: “Angazi ngokwanele” noma “anginaso isiqiniseko sokuthi bangaba nentshisekelo” noma mhlawumbe “ngesaba ukuthi ngizophoxeka.” Mhlawumbe nawe uke wazithola ucabanga izinto ezifanayo ngezinye izikhathi. AmaNefi ayenesizathu esengeziwe sokungabelani ngevangeli namaLamani: ayechazwa “njengabantu ababeyimidlwembe belukhuni futhi benobudlova; abantu ababethokoziswa wukubulala amaNefi” (u-Alima 17:14; bheka futhi u-Alima 26:23–25). Kodwa amadodana kaMosiya ayenesizathu esinamandla kakhulu sokuthi kungani ayezwa ukuthi kufanele abelane ngevangeli namaLamani: “Babenesifiso sokuthi insindiso imenyezelwe kuzo zonke izidalwa, ngokuba abakwazanga ukukumela ukuthi namuphi umphefumulo womuntu ulahleke” (uMosiya 28:3). Loluthando olwakhuthaza u-Amoni kanye nabafowabo lungakugqugquzela ukuthi wabelane ngevangeli nomndeni wakho, abangani, kanye nojwayelene nabo—ngisho nalabo abangase babonakale bengeke belamukele.

Imibono Yokufunda Ekhaya NaseSontweni

u-Alima 17:1–4

Izenzo ezilula, ezingaguquki zokuzinikela kuKristu zingisiza ngithole amandla Akhe.

Ufundani ku-Alima 17:1–4 mayelana nokuthi ungagcina kanjani ubufakazi bakho kanye nokuzibophezela kwakho kuJesu Kristu kuqinile na? Enzani amadodana kaMosiya, futhi iNkosi yawabusisa kanjani?

Uma ufunda ngokwenzeka emadodaneni kaMosiya ku-Alima 17–22, qaphela ukuthi ukuzilungiselela kwawo ngokomoya kwathinta kanjani ukusiza kwabo phakathi kwamaLamani (isibonelo, bona u-Alima 18:10–18, 34–36; 20:2–5; 22:12–16). Ngabe uzizwa unentshisekelo yokwenzani ukuze ulandele isibonelo sabo na?

U-Alima 17:6–12; 19:16–36

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingaba yisu ezandleni zikaNkulunkulu.

Izindaba zokuguquka esifunda ngazo emibhalweni engcwele zivame ukumangalisa, kodwa emnyombweni wazo ngokuvamile sithola abantu ababa nesibindi sokukhuluma futhi babelane ngokholo lwabo kuJesu Kristu. Cabanga ngalokhu ngesikhathi ufunda ngo-Abishi kanye namadodana kaMosiya kulelisonto.

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba yisu ezandleni zikaNkulunkulu? Kungasiza ukucabanga ngamathuluzi ongawasebenzisa empilweni yakho nsuku zonke. Ku-Alima 17:6–12, bheka ukuthi amadodana kaMosiya enzani ukuze asetshenziswe uNkulunkulu. Ungaba kanjani yisu elisebenzayo ekusizeni abanye beze kuKristu?

Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngo-Abishi ku-Alima 19:16–36 na? Ufundani kuye ngokusiza abanye bakhe ukholo kuKristu? Isibonelo, yikuphi okuzwa ukuthi kungasiza abantu obathandayo “ukuba bakholelwe emandleni kaNkulunkulu” na? (U-Alima 19:17).

­ ­ Zama ukubhala phansi izinto ongazisho ngoJesu Kristu. Isibonelo, “Kimi, uJesu Kristu …” noma “UMsindisi uyangisiza …”

Sebenzisa ngezifundo lapho kusetshenziswa izinto ezithile. Noma nini lapho abantu bebona noma bethinta okuthile okuhlobene nalokho abakufundayo, cishe bayokukhumbula isikhathi eside. Uma ufundisa ngo-Alima 17:11, isibonelo, cabanga ukubonisa izinsimbi zomculo noma izinsimbi zokubhala ukusiza ukukhuthaza ingxoxo mayelana nokuba ithuluzi ezandleni zikaNkulunkulu.

U-Alima 17–19

Uma sibonisa uthando kwabanye, singabasiza ukuthi bamukele ivangeli likaJesu Kristu.

Bheka amavesi ku-Alima 17–19 akhombisa ukuthi uthando luka-Amoni kumaLamani lwayikhuthaza kanjani imizamo yakhe yokwabelana ngevangeli likaJesu Kristu. Ngabe yimaphi amanye amaqiniso ngokwabelana ngevangeli owafunda esibonelweni sakhe?

Isithombe
U-Amoni esindisa izimvu zenkosi

NguMinerva Teichert (1888–1976), Ammon Saves the King’s Flocks [U-Amoni Usindisa Imihlambi YeNkosi], 1949–1951, upende wamafutha kuqwembu, 91 x 122 amasentimitha. Brigham Young University Museum of Art, 1969.

U-Alima 19:36

INkosi izongisiza ngiphenduke.

Ngemuva kokulandisa ngokuguqulwa kukaLamoni kanye nabantu bakhe, uMormoni wafingqa lendaba ngokuphawula ngoJesu Kristu. Ngabe u-Alima 19:36 ukufundisani ngesimilo seNkosi na? Yini enye oyifundayo ku-Alima 19:16–36 Ngaye na? Uke wayizwa nini ingalo yeNkosi yelulelwe kuwe na?

U-Alima 20:23; 22:15–18

Ukwazi uNkulunkulu kufanele noma yimuphi umnikelo.

Qhathanisa lokho ubaba kaLamoni ayezimisele ukukudedela ukuze asindise impilo yakhe (bheka u-Alima 20:23) nalokho kamuva ayezimisele ukukuyeka ukuze athole injabulo yevangeli kanye nokwazi uNkulunkulu (bheka u-Alima 22:15, 18). Zindla ngalokho ozimisele ukukudedela ukuze wazi uNkulunkulu ngokugcwele.

Ukuze uthole eminye imibono, bheka amaphephabhuku alenyanga e-Liyahona kanye nethi Okwakha iNtsha.

Imibono yokuFundisa Abantwana

U-Alima 17:2–3

Ubufakazi bami ngoJesu Kristu buyakhula ngenkathi ngifunda imibhalo engcwele, ngikhuleka, futhi ngizila ukudla.

  • Izibonelo zamadodana kaMosiya zingabasiza kanjani abantwana bakho bakhe ubufakazi babo ngoJesu Kristu na? Ungasiza abantwana bakho bathole lokho amadodana kaMosiya akwenza ukuze akhe amandla awo omoya ku-Alima 17:2–3. Ngemuva kwalokho bangadweba izithombe noma bathole izinto ezimelela lezi zinto. Basize bahlele ukuthi yikuphi abazokwenza ukuqinisa ubufakazi babo ngoMsindisi.

U-Alima 17–19

Ngabelana ngevangeli likaJesu Kristu nabanye.

  • Ukufunda ngokuba yisu ezandleni zikaNkulunkulu, njengamadodana kaMosiya, wena kanye nabantwana bakho ningabheka ithuluzi noma okusetshenziswayo futhi nikhulume ngokuthi kusetshenziselwani. Bese ungafunda u-Alima 17:11 futhi ukhulume ngokuthi kusho ukuthini ukuba yisu ezandleni zikaNkulunkulu ekusizeni abantu bafunde ngoJesu Kristu.

  • Ikhasi lomsebenzi walelisonto linezithombe ezimele amaqiniso u-Amoni awafundisa iNkosi uLamoni. Ungasiza abantwana bakho bathole lamaqiniso ku-Alima 18:24–40. Abantwana bakho bangazenza abafundisi bevangeli futhi baxoxe ngalokho abakwaziyo ngalamaqiniso.

  • Emva kokuba ufunde ngo-Abishi kanye nabantwana bakho (bheka u-Alima 19:16–20, 28–29), bangazenza njengo-Abishi ngokugijima endaweni, bengqongqoza eminyango, futhi bekhuluma ngokwenzeka ku-Alima 19:1–17. Singafana kanjani no-Abishi futhi sabelane ngalokho esikwaziyo ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe? ­

U-Alima 17:21–25; 20:8–27; 22:1–3

Ngingasiza abanye ukuba beze kuKristu ngokubonisa uthando lwami kubo.

  • Ekuqaleni, iNkosi uLamoni kanye noyise babenezinhliziyo ezilukhuni mayelana nevangeli. Kamuva, izinhliziyo zabo zathamba, futhi bakholelwa kuJesu Kristu. Lokhu kwenzeka kanjani? Siza abantwana bakho bathole izimpendulo zalombuzo njengoba ubuyekeza kanye nabo okwenzeka ku-Amoni. Babengalingisa indaba ka-Amoni esebenzela iNkosi uLamoni kanye u-Amoni ehlangana noyise weNkosi uLamoni. Noma mhlawumbe abantwana bakho bangathanda ukudweba izithombe zezingxenye ezahlukene zendaba futhi babenzise izithombe ukuxoxa izindaba. Wenzani u-Amoni ukuze asize uLamoni kanye noyise bavulele ivangeli likaJesu Kristu izinhliziyo zabo na? (bheka u-Alima 17:21–25; 20:8–27; 22:1–3).

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningacabanga ngomuntu odinga ukwazi ngoJesu Kristu. Basize bacabange ngezindlela abangaba ngazo izibonelo ezinhle futhi babonise uthando kulowo muntu, njengoba u-Amoni enza kuLamoni kanye noyise.

Ukuze uthole eminye imibono, bheka amaphephabhuku alenyanga e-Friend (Umngani).

Isithombe
umfanekiso ka-Abishi

An illustration of Abish [Umfanekiso ka-Abishi], nguDilleen Marsh