Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 16–22: “Phakamisa Ikhanda Lakho futhi Uthokoze.” 3 Nefi 1–7


“NgoSepthemba 16–22: ‘Phakamisa Ikhanda Lakho futhi Uthokoze.’ 3 Nefi 1–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoSepthemba 16–22. 3 Nefi 1–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
AmaNefi abone usuku olunganabusuku

One Day, One Night, and One Day [Usuku Olulodwa, Ubusuku Obubodwa, kanye noSuku Olulodwa], nguJorge Cocco

NgoSepthemba 16–22: “Phakamisa Ikhanda Lakho futhi Uthokoze”

3 Nefi 1–7

Ngezinye izindlela, kwakuyisikhathi esimnandi sokuba okholelwa kuJesu Kristu. Iziprofetho bezifezeka—izimpawu ezinkulu nezimangaliso phakathi kwabantu zazikhombisa ukuthi uMsindisi wayezozalwa maduze nje. Kwelinye icala, kwakuyisikathi futhi sokwesaba kwamakholwa ngoba, noma kwakukhona izimangaliso, abangakholwa babegcizelela ukuthi “isikhathi sase sidlulile” sokuba uMsindisi azalwe (3 Nefi 1:5). Labantu benza “isiyaluyalu esikhulu kulo lonke izwe” (3 Nefi 1:7) baze banquma usuku lokubulala bonke ababekholwa uma uphawu olwaluprofethwe nguSamuweli umLamani—ubusuku obunganabo ubumnyama—lungaveli.

Kulezi zimo ezinzima, umprofethi uNefi “wakhala kakhulu kuNkulunkulu wakhe ekhalela abantu bakubo” (3 Nefi 1:11). Impendelo yeNkosi ikhuthaza noma ngubani obhekana nokuhlushwa kwamanga noma ukungabaza futhi odinga ukwazi ukuthi ukukhanya kuzonqoba ubumnyama: “Phakamisa ikhanda lakho futhi uthokoze; … ngizokugcwalisa konke lokho engenze ukuthi kukhulunywe ngomlomo wabaphrofethi bami abangcwele” (3 Nefi 1:13).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 1–7

Ukuguqukela evangelini likaJesu Kristu kudinga isineke kanye nokusebenza.

3 Nefi 1–7 uchaza abantu abaguqukela eNkosini kanye nabanye ababengaguqukanga. Ngabe yini eyenza umehluko phakathi kwalamaqembu amabili na? Ishadi elinjengaleli elilandelayo lingakusiza uqoqe imicabango yakho:

Izinto ezenza ukuguquka buntengantenge

Izinto eziqinisa ukuguquka

3 Nefi 1:5–11

Ukungawakholwa amazwi omprofethi nokuhlekisa ngabantu abalungile

Ukuba nokholo emazwini omprofethi kanye nokukhulekela usizo

3 Nefi 1:29–30

3 Nefi 2:1–3

3 Nefi 3:12–16

3 Nefi 4:8–10, 30–33

3 Nefi 6:13–18

3 Nefi 7:15–22

Zibuze imibuzo emayelana nempilo yakho siqu ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ngenkathi uqedela lelishadi, ungase ubuze imibuzo efana nokuthi “Yini engiyifundayo lapha?” Lokhu kuzoletha izimpendulo eziphuma kuMoya oNgcwele.

3 Nefi 1:1–23

Isithombe
seminary icon
Ngenxa kaJesu Kristu, “ngingathokoza.”

UBaba wakho oseZulwini uyazi ukuthi impilo yakho izoba nezikhathi ezinzima, ngisho ezesabekayo. Kodwa futhi Uyafuna ukuthi uthole injabulo. Funda ku-3 Nefi 1:1–23 ukuze ufunde ngezizathu amaNefi athembekile ayenawo okuthi esabe. Ngabe isiphi isizathu iNkosi eyabanika sona sokuba “bathokoze” na?

UMsindisi usebenzise umusho othi “yiba nenjabulo” ezikhathini eziningi—isibonelo, NgokukaMathewu 14:24–27; NgokukaJohane 16:33; IMfundiso neziVumelwano 61:36; 78:17–19. Yikona kuphi okukuhlaba umxhwele ngalezi zimemo na? Ungase ufunde amanye amavesi asondelene ukuze uqonde izimo lapho uMsindisi asho khona lamazwi. Esimweni ngasinye, yizona ziphi izizathu azinika ukuze asize abantu babhekane nokwesaba kwabo? Ngabe usekwenzele kanjani wena lokhu na?

­ ­ - ­ ­

­

3 Nefi 1:4–21; 5:1–3

INkosi izowafeza wonke amazwi Ayo ngesikhathi Sayo.

Funda ku-3 Nefi 1:4–7 ucabange ngokuthi ubungazizwa kanjani ukuba ubungomunye wamakholwa na. Ngabe benzani ukuze bagcine ukholo lwabo luqinile na? (bheka 3 Nefi 1:4–21 kanye no 5:1–3). Agcwaliseka kanjani amazwi kaSamuweli? (bheka ku-3 Nefi 1:19–21). Ngabe iNkosi iwagcwalise kanjani amazwi Ayo empilweni yakho?

3 Nefi 1:4–15; 5:12–26; 6:10–15; 7:15–26

Ngingumfundi kaJesu Kristu.

UMormoni wathi, “Bheka, ngingumfundi kaJesu Kristu” (3 Nefi 5:13). Isho ukuthini lenkulumo kuwena? Cabanga ukucinga ku-3 Nefi 1:4–15; 5:12–26; 6:10–15; kanye no-7:15–26, ubheke izimfanelo, izinkolelo, kanye nezenzo zabafundi baKristu.

­

3 Nefi 2:11–12; 3:1–26

Ngenkathi ngibonisa ukholo kuJesu Kristu, angidingi ukwesaba.

Okwenzeka kumaNefi mayelana namaqembu abaphangi kungase kuqukethe izifundo ezingakusiza ezingozini zomoya obhekana nazo. Zibheke lezi zifundo ku-3 Nefi 2:11–12 no-3:1–26. Isibonelo, ungabheka amazwi kaGidiyani ku-3 Nefi 3:2–10 futhi uwaqhathanise nezindlela uSathane angase azame ukukukhohlisa ngazo. Ufundani ngesibonelo saLakonewu?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

3 Nefi 1:4–15, 19–21

Inkanyezi entsha yavela lapho uJesu Kristu ezalwa.

3 Nefi 1:4–21

Amazwi abaprofethi ayagcwaliseka njalo.

  • Ngesikhathi ufunda nabantwana ku-3 Nefi 1:4–10, bameme ukuba bakhulume ngokuthi babengazizwa kanjani ukuba ngelinye lamakholwa ayephila ngaleso sikhathi. Bese-ke, njengoba befunda yonke lendaba emavesini 11–15, bangaphakamisa izindlela zokuqedela lomusho: “Isifundo salendaba kimina sithi …”

  • Mhlawumbe abantwana bakho bangakusiza ucabange ngezinye izikhathi lapho uNkulunkulu agcwalisa ngazo izithembiso Zakhe azinikeza ngomprofethi Wakhe. ­ Bavumele baxoxe ngalokho abakwaziyo ngalezi zindaba, nangezindlela izithembiso zikaNkulunkulu ezagcwaliseka ngazo. Fundani ndawonye ku-3 Nefi 1:20, futhi nabelane ngobufakazi benu balamaqiniso.

3 Nefi 2:11–12; 3:13–14, 24–26

Sinamandla uma sihlangana ndawonye.

  • Siza abantwana bakho bathole ukuthi kungani amaNefi ahlangana ndawonye kanye nezibusiso ezafika kubo ku-3 Nefi 2:11–12 kanye no-3:13–14, 24–26. Kungani kubalulekile ukuba sihlangane namuhla emindenini yethu nasebandleni na?

  • Ngabe sikhona isifundo osaziyo esifundisa ngamandla okuba munye? Mhlawumbe abantwana bakho bangazama ukuphula induku eyodwa kanye nenyanda yezinti noma ukuklebhula iphepha elilodwa kanye nesitaki samaphepha. Sifana kanjani nezinduku noma amaphepha?

3 Nefi 5:12–26; 6:14; 7:15–26

Ngingumfundi kaJesu Kristu.

  • Ngemva kokufunda ndawonye ku-3 Nefi 5:13, mema abantwana bakho ukuba baphinde umusho othi “Ngingumfundi kaJesu Kristu.” Ukufunda ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi kaJesu Kristu, fundani ndawonye ezinye zalezi zibonelo: amaLamani aphendukile (bheka 3 Nefi 6:14), uMormoni (bheka 3 Nefi 5:12–26), kanye noNefi (bheka 3 Nefi 7:15–26). ­

  • Ephepheni, siza abantwana bakho badwebe belandele umkhondo wesandla sabo futhi basike lowomugqa. Bhala ukuthi “Ngingumfundi kaJesu Kristu” ngakolunye uhlangothi, futhi ubameme ukuba badwebe okuthile abangakwenza ukuze babe ngumfundi ngakolunye uhlangothi.

Ukuze uthole amanya amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
AmaNefi abone usuku olunganabusuku

A Day, a Night, and a Day [Usuku, Ubusuku, noSuku], nguWalter Rane.