Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba: 23–29: “Sukumani Nize Phambili Kimi.” 3 Nefi 8–11


NgoSepthemba: 23–29:‘Sukumani Nize Phambili Kimi’ 3 Nefi 8–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoSepthemba 23–29: 3 Nefi 8–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uJesu evela kumaNefi

I Am the Light of the World [Mina Ngingukukhanya Kwezwe], nguJames Fullmer

NgoSepthemba: 23–29: “Sukumani Nize Phambili Kimi”

3 Nefi 8–11

“Bheka, NginguJesu Kristu, abaprofethi abafakaza ngaye ukuthi uyoza emhlabeni” (3 Nefi 11:10). Ngalamazwi, uMsindisi ovusiweyo wazethula, egcwalisa iziprofetho eziseNcwadini kaMormoni zeminyaka engaphezulu kwengama 600. IGosa uJeffrey R. Holland labhala ukuthi: “Lokho kuvela nalokho akushoyo, kwaba yilokho okwakuthandwa kakhulu, umzuzu omkhulu kakhulu, emlandweni wonke weNcwadi kaMormoni. Kwakuyisibonakaliso nesimemezelo bonke abaprofethi bamaNefi ababaziswe futhi befakwe ugqozi ngaso. Wonke umuntu wayekhulume ngaye, ecule ngaye, ephuphe ngaye, futhi ekhulekele ukuvela kwakhe––kodwa lapha wayesekhona ngempela. Usuku lwezinsuku! UNkulunkulu oguqula bonke ubusuku obumnyama bube wukukhanya kwasekuseni wayesefikile” (Christ and the New Covenant [1997], 250–51).

­

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 8–11

UJesu Kristu ungukuKhanya kweZwe.

Ungase ukuqaphele ukuthi udaba oluhlobene nobumnyama nokukhanya luyaphindaphindwa kuyo yonke incwadi ka3 Nefi 8–11. Ngabe yikuphi okufundayo kulamavesi mayelana nobumnyama nokukhanya kwangokomoya na? (bheka, isibonelo, 3 Nefi 8:19–23; 9:18; 10:9–13). Ngabe yikuphi okuletha ubumnyama empilweni yakho na? Yikuphi okuletha ukukhanya na? Ucabanga ukuthi kungani uMsindisi azethula njengo “kukhanya nokuphila kwezwe” na? (3 Nefi 9:18; 11:11).

Izehlakalo ezichazwe ku-3 Nefi 9–11 ziphakathi kwezingcwele kakhulu eNcwadini kaMormoni. Zifunde kancane, futhi uzindle ngokucophelela. Nansi eminye imibuzo yokukusiza. Cabanga ngokubhala phansi okukufikelayo emqondweni wakho.

  • Bengizozizwa kanjani ukuba bengiphakathi kwalababantu?

  • Yini engihlaba umxhwele ngoMsindisi kulamavesi?

  • Ngazi kanjani ukuthi uJesu Kristu unguMsindisi wami na?

  • Ube ngukukhanya kanjani empilweni yami na?

Bheka futhi inkulumo kaSharon Eubank, ethi “Ukukhanya okuKhanya ebuMnyameni,” kwiLiyahona, kaMeyi 2019, 73–76.

Bhala okufika emqondweni wakho. Uma ukubhala phansi okufika emqondweni wakho kwangokomoya, kungenzeka futhi uthole okunye.

3 Nefi 9–10

UJesu Kristu uyafisa ukuthethelela.

IGosa uNeil L. Andersen laphawula lathi, “Ngiyafakaza ukuthi uMsindisi uyakwazi futhi uyafisa ukusixolela izono zethu” (“Repent …That I May Heal You,” Liahona, kaNovemba. 2009, 40). Bheka ku-3 Nefi 9–10 ukuthola ubufakazi bokufisa kukaKristu ukuxolela. Yikuphi okutholayo ku-3 Nefi 9:13–22; nakwisahluko-10:1–6 okukusiza uluzwe uthando nesihe Sakhe na? Wake wamuzwa nini “ekuqoqa” futhi “ekondla” (bheka ku-3 Nefi 10:4).

3 Nefi 9:19–22

INkosi idinga “inhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo.”

Ngaphambi kokufika kukaMsindisi, imihlatshelo yezilwane yabe yiwumpawu lomhlatshelo kaJesu Kristu (bheka uMose 5:5–8). Yimuphi umyalelo omusha awunikeza uMsindisi ku-3 Nefi 9:20–22? Ngabe lokhu kusikhomba kanjani Kuye nasemhlatshelweni Wakhe na?

Kusho ukuthini kuwe ukunikela ngomhlatshelo wenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo? Kungani ubona ukuthi uMsindisi ufuna lomhlatshelo kuwe?

3 Nefi 11:1–8

Isithombe
seminary icon
Ngingafunda ukulizwa nokuliqonda izwi likaNkulunkulu.

Wazi kanjani lapho uNkulunkuu ekhuluma nawe? Mhlawumbe lokho abantu abadlula kukho ku-3 Nefi 11:1–8 kungakusiza ukuba uyiqonde imigomo yokulizwa nokuliqonda izwi likaNkulunkulu. Ungase uqaphele ubunjalo bezwi likaNkulunkulu abantu abalizwa nokuthi benzani ukuze baliqonde kangcono.

Kungahle kusize futhi ukuhlola eminye imibhalo engcwele echaza izwi likaNkulunkulu noma umthelela woMoya Wakhe. Nansi embalwa. Mhlawumbe, ngemva kokufunda lemibhalo, ungabhala imihlahlandlela eyingcosana ukuze ukwazi ukusiqaphela isambulo: 1 AmaKhosi 19:11–12; KwabaseGalathiya 5:22–23; u-Alima 32:27–28, 35; uHelamani 10:2–4; u-Etere 4:11–12; IMfundiso neziVumelwano 9:7–9; 11:11–14.

Ungahle futhi uzuze ngokuzwa abaprofethi banamuhla, abapostoli kanye nabanye abaholi beBandla abanolwazi lokulizwa nokulilandela izwi likaNkulunkulu. ­ ­

Uzokusebenzisa kanjani lokho okufundile ukuze ulizwe futhi uliqaphele izwi likaNkulunkulu ngokucacile na?

­

Isithombe
uJesu ekhombisa izibazi ezandleni Zakhe kumaNefi

One by One [Omunye Ngamunye], nguWalter Rane

3 Nefi 11:8–17

UJesu Kristu ungimema ukuba ngithole ubufakazi bami uqobo Ngaye.

Kwakunabantu ababeyizi–2,500 ababebuthene ethempelini laseNala ngesikhathi uJesu evela kubo (bheka ku-3 Nefi 17:25). Nakuba babebaningi kangaka, uMsindisi wabamema “ngamunye ngamunye” ukuba bazozwa izibazi zezipikili ezandleni nasezinyaweni Zakhe (3 Nefi 11:14–15). Njengoba ufunda, cabanga ukuthi kwakungabanjani ukuba lapho. Ngabe yiziphi izindlela uMsindisi akumema ngazo ukuba “usukume uze phambili” Kuye na? (3 Nefi 11:14).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa AbaNtwana

Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lalenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo kokufunda okutholakala la “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”

3 Nefi 8–9

Uma ngisebumnyameni, uJesu Kristu angaba ngukukhanya kwami.

  • Ukusiza abantwana bakho ukuba babe nokukuqonda okwakwenzeka njengoba kuchazwe ku-3 Nefi 8– 9, ungaxoxa noma ulalele okuqoshiweyo kwezingxenye zalezi zahluko endlini emnyama. Xoxani ngokuthi bekungaba njani ukuba sebumnyameni izinsuku ezintathu. Manjalo ningakhuluma ngokuthi kungani uJesu Kristu azibiza ngoKukhanya Kwezwe (bheka u-3 Nefi 9:18). Yini uJesu Kristu amema abantu, nathi, ukuba siyenze ukuze abe ngukukhanya kwethu (bheka u-3 Nefi 9:20–22).

3 Nefi 10:4–6

UJesu uvikela abantu Bakhe njengesikhukhukazi sivikela amachwane aso.

  • Umfanekiso wenkukhu iqoqa amachwane ayo ungaba yindlela enhle kakhulu yokufundisa ukulekelela abantwana basiqonde isimilo nokuthunywa kukaMsindisi. Ungafunda ku-3 Nefi 10:4–6 ngesikhathi umndeni wakho ubuka isithombe sesikhukhukazi namachwane. Kungani isikhukhukazi sidinga ukuwaqoqa amachwane aso na? Kungani uMsindisi efuna ukusiqoqela Kuye na? Siza kanjani Kuye ukuze siphephe?

3 Nefi 11:1–15

UJesu Kristu ungimema ukuba ngize Kuye.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho bawuzwe uMoya njengoba nifunda ku-3 Nefi 11:1–15 ndawonye? Mhlawumbe ungabacela ukuthi bakutshele uma bethola into ethile kulamavesi ebasiza ukuba baluzwe uthando lukaNkulunkulu. Ungenza okufanayo ngezithombe zalesi sifundo. Tshela abantwana bakho ukuthi uzizwa kanjani uma ufunda futhi uzindla ngalezi zenzakalo. Bavumele nabo babelane ngemizwa yabo.

3 Nefi 11:1–8

UNkulunkulu ukhuluma nami ngezwi elithambile, elincane.

  • Mhlawumbe ungawafunda amanye alamavesi ngezwi elithambile, “elincane” (3 Nefi 11:3). ­ Yini okwakudingeka abantu bakwenze ukuze baliqonde izwi elalivela ezulwini? (bheka amavesi 5–7). Yikuphi esikufundayo ngabakuzwa nabakubonayo na?

3 Nefi 11:21–26

UJesu Kristu ufuna ukuba ngibhabhadiswe.

  • Njengoba ufunda ku-3 Nefi 11:21–26, ungabamema abantwana bakho ukuba basukume ngasosonke isikhathi uma bezwa igama bhabhadisa. Wafundisani uJesu ngombhabhadiso? Uma abantwana bakho bake bawubona umbhabhadiso ngaphambilini, bacele bachaze ukuthi babonani. Kungani uJesu efuna ukuba sibhabhadiswe na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
uJesu evela kumaNefi

One Shepherd [ UMelusi Oyedwa], nguHoward Lyon.