Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 14–20: “Ningabantwana besiVumelwano.” 3 Nefi 20–26


“Ngo-Okthoba 14–20: ‘Ningabantwana besiVumelwano.’ 3 Nefi 20–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Okthoba 14–20. 3 Nefi 20–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UJesu uziveza kumaNefi

Umfanekiso kaKristu evela kumaNefi, ngu-Andrew Bosley

Ngo-Okthoba 14–20: “Ningabantwana besiVumelwano”

3 Nefi 20–26

Uma uzwa abantu besebenzisa amagama anjengeindlu ka-Israyeli, uzwa sengathi bakhuluma ngawe na? AmaNefi namaLamani ayeyinzalo yangempela ka-Israyeli, “igatsha lesihlahla sika-Israyeli,” kodwa nokho babezizwa “belahlekile emzimbeni waso” (u-Alima 26:36; bheka futhi 1 Nefi 15:12). Kepha uMsindisi Wayefuna ukuba bazi ukuthi babengalahlekile Kuye. “Ningabendlu ka-Israyeli,” Washo, “futhi ningabesivumelwano” (3 Nefi 20:25). Angasho okufanayo kuwe namuhla, ngoba wonke umuntu obhabhadisiwe futhi wenza izivumelwano Naye ungowendlu ka-Israyeli, “ngowesivumelwano.” Ngamanye amazwi, uma uJesu ekhuluma ngendlu ka-Israyeli, ukhuluma ngawe. Umlayezo wokubusisa “yonke imindeni yomhlaba” ungowakho (3 Nefi 20:27). Isimemo soku “vuka futhi, futhi ugqoke amandla akho” singesakho (3 Nefi 20:36). Futhi isithembiso Sakhe esiyigugu, “Ububele bami abunakususwa kuwe, noma isivumelwano soxolo lwami sisuswe,” singesakho (3 Nefi 22:10).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 20–22

Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omangalisayo.

Ku-3 Nefi 20–22, uMsindisi waprofetha ngekusasa labantu Bakhe besivumelwano (bheka ikakhulukazi 3 Nefi 20:30–32, 39–41; 21:9–11, 22–29). Ngesikhathi ufunda lamavesi, khumbula ukuthi uMongameli uRussell M. Nelson uthe: “Siyingxenye yabantu besivumelwano beNkosi. Sinenhlanhla yokuba sibambe iqhaza mathupha ukufeza lezi zethembiso. Kwaze kwayisikhathi esijabulisayo sokuphila!” (“The Gathering of Scattered Israel,” Liahona, Nov. 2006, 79). Yiziphi iziprofetho ezijabulisa wena ikakhulukazi na? Yikuphi ongakwenza ukusiza ukuba zifezeke na?

Bheka amagama nemishwana ekukhuthazayo. Kungenzeka uthole ukuthi amagama nemishwana ethile emibhalweni engcwele ikuhlaba umxhwele, sengathi yayibhalelwe wena uqobo. Cabanga ngokuyidwebela leyo mishwana emibhalweni yakho engcwele noma uyibhale encwadini yakho yokufunda.

3 Nefi 2224

UNkulunkulu unomusa kulabo abaphendukela Kuye.

Ku-3 Nefi 22 naku-24, uMsindisi ucaphuna amazwi avela ku-Isaya kanye nakuMalakhi agcwele izithombe ezigqamile kanye nezemifanekiso—amalahle emlilweni, isiliva elihlanziwe, umshado, amawindi asezulwini (bheka ikakhulukazi 3 Nefi 22:7–8, 10–17; 24:10–12, 17–18). Ngabe lemifanekiso ikufundisani ngobudlelwane bukaNkulunkulu nabantu Bakhe—nobudlelwane Bakhe nawe? Ngabe lezi zithembiso kulezi zahluko zigcwaliseke kanjani empilweni yakho noma yomndeni wakho na?

3 Nefi 23:6–13

Ukubhala phansi izehlakalo zomoya kungabusisa umndeni wami.

Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngendlela abaxhumana ngayo uMsindisi noNefi ku-3 Nefi 23:6–13 na? Uma uMsindisi abengahlola imibhalo oyigcinile wena, yimiphi imibuzo angakubuza yona na? Yiziphi izehlakalo noma izimo zoMoya okumele uzibhale na? Kungani kubalulekile ukwenza kanjalo? (bheka u-3 Nefi 26:2).

3 Nefi 23; 26:1–12

UMsindisi ufuna ngicwaninge imibhalo engcwele.

Ngesikhathi ufunda ku-3 Nefi 20:10–12; 23; 26:1–12, zindla ngokuthi uMsindisi uzizwa kanjani ngemibhalo engcwele. Yimuphi umehluko phakathi kokucwaninga imibhalo nokufunda nje? (bheka u-3 Nefi 23:1).

3 Nefi 24:7–12

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ukukhokha okweshumi kuvula amafasitela asezulwini.

Abantu baNkulunkulu bebelokhu beyalwa ukuthi bakhokhe okweshumi (bheka iGenesisi 14:17–20; uMalakhi 3:8–11). Ngesikhathi ufunda u-3 Nefi 24:1–12, cabanga ngokuthi kungani uNkulunkulu ecela abantu Bakhe ukuthi bakhokhe okweshumi. Lemibuzo ingakusiza ukuqondisa ukufunda kwakho:

  • Uyini umthetho wokweshumi? (Bheka IMfundiso neZivumelwano 119. “Inzalo” kulesi sambulo isho imali engenayo. Wonke amalungu anemali engenayo kufanele akhokhe okweshumi.) Ngabe okweshumi kuhluke kanjani kunezinye izinhlobo zeminikelo?

  • Kusetshenziselwani okweshumi? ­ Ngabe ubusiswe ngaziphi izindlela ngenxa yokuthi amalungu eBandla akhokha okweshumi?

  • Yiziphi izibusiso eziza kubantu abaphila ngomthetho wokweshumi? (Bheka ku-3 Nefi 24:7–12). ­ Bheka, ikakhulukazi, izibusiso okungezona ezemali. Uzibone kanjani lezi zibusiso empilweni yakho?

Funda NgokukaMarku 12:41–44. Lendaba ikufundisani?

3 Nefi 25:5–6

INkosi yathumela u-Eliya ukuba aphendule inhliziyo yami kokhokho bami.

Osukwini lwethu, izinhliziyo zethu “ziphendukela kobaba [bethu]” ngomsebenzi wethempeli kanye nomlando womndeni. Ngabe kwenzeke kanjani lokhu kuwe? Ngesikhathi ufunda ku-3 Nefi 25:5–6 kanye IMfundiso neziVumelwano 110:13–16, zindla ukuthi kungani lokhu kuyingxenye ebaluleke kangaka yohlelo lukaNkulunkulu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

3 Nefi 23:1, 5

Ngiyakwazi ukuhlola imibhalo engcwele ngokukhuthala.

  • Iziyalezo zikaMsindisi ku-3 Nefi 23 zikhombisa ukuthi imibhalo engcwele ibaluleke kangakanani Kuye. Ukusiza abantwana bakho bathole lokhu, ungafunda ku-3 Nefi 23:1, 5 ngezwi elikhulu futhi ubacele ukuthi balalele igama eliphindaphindwa kathathu. Ngabe ukuhlola kuhluke kanjani kunokufunda nje?

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningabhala ivesi lombhalo ongcwele enilithandayo nilifihle. Mase ningashintshana ngokuthola imiBhalo engcwele efihliwe yomunye nomunye, niyifunde ndawonye, bese nixoxa ngokuthi kungani lamavesi enomqondo.

3 Nefi 24:8–12

Ukukhokha okweshumi kuvula amafasitela asezulwini.

  • Siza abantwana bakho bacwaninge u-3 Nefi 24:8–12 ukuze bathole izindlela zokuqedela lomusho: Uma ngikhokha okweshumi, iNkosi izo … . Ungakwazi futhi ukwabelana ngokwenzeka lapho ubusiswa khona ngenxa yokuthi ukhokhe okweshumi. Uma kungasiza, cabanga ngokubhala amanani ambalwa emali futhi usize abantwana bakho babale ukuthi kungakanani okweshumi (amaphesenti ayi-10) okwenani ngalinye okumele bakukhiphe.

  • Ikhasi lomsebenzi lalelisonto lingasiza abantwana bakho ukuthi bakhulume ngezinye zezindlela iNkosi esebenzisa ngayo okweshumi ukubusisa amalungu eBandla Layo. Mhlawumbe bangadweba izithombe (noma bathole izithombe emaphephabhukwini eBandla) zezindlela okweshumi kubabusisa ngazo.

3 Nefi 25:5–6

UBaba oseZulwini ufuna ngifunde ngokhokho bami.

  • Uzobakhuthaza kanjani abantwana bakho ukuthi bafune futhi bafunde ngokhokho babo na? Ungabakhuthaza kanjani abantwana bakho ukuthi benzele okhokho babo izimiso uma sebekhulile? Cabanga ukubasiza bacwaninge u-3 Nefi 25:5–6 ukuze bathole okuthile okwakuzokwenzeka ezinsukwini zokugcina. Abantwana abancane bangabeka izandla zazo enhliziyweni yazo njalo lapho bezwa igama elithi “inhliziyo” njengoba ufunda lamavesi. Ungafunda futhi ngokuthi lesi siprofetho sagcwaliseka kanjani IMfundiso neziVumelwano 110:13–16 . Xoxani ngokuthi inhliziyo yakho iphendukele kanjani kokhokho bakho. Isibonelo, ungabelana nganoma yikuphi okwenzeka ngenkathi ufunda mayelana ngokhokho bakho futhi nangenkathi ubenzela izimiso zasethempelini.

  • Siza abantwana bakho ukuba bagcwalise isihlahla somndeni ngamagama abazali bazo nawogogo nomkhulu. Yiziphi izindaba ongabelana ngazo ngomunye wokhokho bakho? Bonisa izithombe uma kungenzeka. ­

Ukuze uthole amanya amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UJesu efunda imibhalo yamaNefi noNefi

Bring Forth the Record [Letha Lapha Umbhalo], nguGary L. Kapp.