Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 30–Okthoba 6: “Ngingumthetho, kanye nokuKhanya.” 3 Nefi 12–16


“NgoSepthemba 30–Okthoba 6: ‘Ngingumthetho, kanye nokuKhanya.’ 3 Nefi 12–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoSepthemba 30–Okthoba 6. 3 Nefi 12–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
UJesu ekhomba Abapostoli Abalishumi Nambili

Third Nephi: These Twelve Whom I Have Chosen [UNefi WesiThathu: Laba Abalishumi Nambili Engibakhethile], nguGary L. Kapp

NgoSepthemba 30–Okthoba 6: “Ngingumthetho, kanye nokuKhanya”

3 Nefi 12–16

Njengabafundi baJesu abahlanganyela ukuzwa iNtshumayelo yaseNtabeni eGalile, abantu abahlanganyela ethempelini laseNala babewuphile ngaphansi komthetho kaMose. Babewulandele ngoba wawukhomba imiphefumulo yabo kuKristu (bheka uJakobe 4:5), futhi manje uKristu wayemi phambi kwabo, ebeka umthetho ophakeme. Kepha ngisho labo bethu abangakaze baphile umthetho kaMose bangaqaphela ukuthi umgomo uJesu ayewubekele kubafundi Bakhe kwakungophakeme. “Ngifisa ukuthi nipheleliswe,” Washo (3 Nefi 12:48). Uma lokhu kukwenza uzizwe ungafaneleki, khumbula ukuthi uJesu wabuye wathi, “Babusisiwe abampofu emoyeni abeza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabo” (3 Nefi 12:3). Lomthetho ophakeme uyisimemo—enye indlela yokuthi “Wozani kimi futhi nisindiswe” (3 Nefi 12:20). Njengomthetho kaMose, lomthetho usikhomba kuKristu—okunguye yedwa ongasisindisa futhi asiphelelise. “Bhekani,” Washo, “Ngingumthetho, kanye nokukhanya. Bhekani kimi, futhi nibekezele kuze kube sekugcineni, futhi niyophila” (3 Nefi 15:9).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

3 Nefi 12–14

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingaba umfundi weqiniso kaJesu Kristu.

Nansi indlela eyodwa yokufunda futhi uphile lokhu uMsindisi akufundisa ku-3 Nefi 12–14: Khetha iqembu lamavesi, futhi ubone ukuthi ungawafingqa na emshweni owodwa oqala ngokuthi “Abafundi beqiniso baJesu Kristu …” isibonelo, umfinqo ka-3 Nefi 13:1-8 ungaba “Abafundi beqiniso baJesu Kristu abafuni ukudunyiswa obala ngokwenza okuhle.” Kuzame ngalamavesi:

Ngemuva kokufunda lamavesi, yini ozizwa ukhuthazeka ukuba ukwenze ukuze ulandele uJesu Kristu na?

Umyalelo oku-3 Nefi 12:48 ungabonakala ungaphezu kwamandla akho—noma ungenakwenzeka. ­ Ngokuka-Moroni 10:32–33, yini eyenza kwenzeke ukuphelela njengoMsindisi na?

Sebenzisa ngezifundo lapho kusetshenziswa izinto ezithile. UMsindisi wafundisa amaqiniso aqotho ngokubheka ezintweni ezicishe zifane. Ungenza okucishe kufane ngesikhathi ufunda noma ufundisa ngo-3 Nefi 12. Ukubheka noma ukuphatha usawoti, ikhandlela, noma ijazi kunganezela ingxoxo ngamaqiniso aphakade uMsindisi awafundisa.

3 Nefi 12:1–2; 15:23–24; 16:1–6

Babusisiwe abakholwa bengabonanga.

Bayidlanzana abantwana baNkulunkulu asebebone uMsindisi futhi bezwa nezwi Lakhe, njengabantu baseNala benza. Iningi lethu lunjengabantu abachazwe ku-3 Nefi 12:2; 15:23; futhi 16:4–6. Yiziphi izithembiso ezenzelwe labantu abanje kulamavesi na? Ngabe lezithembiso zifezeke kanjani empilweni yakho na?

Bheka futhi NgokukaJohane 20:26–29; 2 Nefi 26:12–13; u-Alima 32:16–18.

3 Nefi 12:21–30; 13:1–8, 16–18; 14:21–23

Ngingazama ukuhlanza izifiso zenhliziyo yami.

Isihloko esisodwa ongasinaka kulezahluko isimemo soMsindisi sokuphila umthetho ophakeme—ukulunga hhayi kuphela ngezenzo kepha nasezinhliziyweni zethu ngokunjalo. Bheka lesihloko ngesikhathi uMsindisi ekhuluma ngombango (3 Nefi 12:21–26), imikhuba yokonakala (3 Nefi 12:27–30), umkhuleko (3 Nefi 13:5–8), kanye nokuzila ukudla (3 Nefi 13:16–18). Yiziphi ezinye izibonelo ongazithola na? Yini ongayenza ukuze uhlanze izifiso zenhliziyo yakho?

3 Nefi 14:7–11

UBaba oseZulwini uzongipha izinto ezinhle ngesikhathi ngicela, ngibheka, futhi ngingqongqoza.

Ngesikhathi ufunda isimemo soMsindisi ku-3 Nefi 14:7–11 sokucela, futhi ungqongqoze, cabanga ngokuthi yiziphi “izinto ezinhle” Angase afune uzicele. Lemibhalo engcwele elandelayo eyengeziwe ingakusiza uqonde ukuthi ucela, ubheka, futhi ungqongqoza kanjani. Ingasiza futhi ichaze ukuthi kungani eminye imikhuleko ingaphendulwa ngendlela obuyilindele: u-Isaya 55:8–9; uHelamani 10:4–5; uMoroni 7:26–27, 33, 37; futhi IMfundiso neziVumelwano 9:7–9; 88:64. Ngabe lezi ziqephu zingayithinta kanjani indlela obuza ngayo, ofuna, futhi ongqongqotha ngayo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

3 Nefi 12:14–16

Ngingaba isibonelo esihle ngokulandela uJesu.

  • Kwesinye isikhathi abantwana kungenzeka bangaqapheli ukuthi izibonelo zabo zingababusisa kangakanani abanye. Sebenzisa u-3 Nefi 12:14–16 ukubakhuthaza ukuthi bakuveze ukukhanya kwabo. Isibonelo, ngesikhathi ufunda igama elithi “wena” noma elithi “yakho” kulamavesi, cela abantwana bakho bazikhombe bona. Tshela abantwana ngokukhanya okubona kubo lapho belandela uJesu Kristu nokuthi kukugqugquzela kanjani ukuthi nawe umlandele. ­

  • Ukukhuthaza abantwana bakho ukuthi bangakufihli ukukhanya kwabo (bheka 3 Nefi 12:15), bavumele bashintshane ngokufihla noma ukumboza isibani noma okunye ukukhanya. Bangakwazi ukwembula ukukhanya lapho besho okuthile abangakwenza ukuze babe isibonelo esihle kwabanye.

3 Nefi 13:19–21

“Zibekeleni amagugu enu ezulwini.”

  • Ukufunda lamavesi kungase kuqale ingxoxo ngezinto eziyigugu kithi. Mhlawumbe ungase uhole abantwana bakho ekuzingeleni ingcebo ukuze bathole izinto ezibakhumbuza ingcebo enenani laphakade.

3 Nefi 14:7–11

UBaba oseZulwini uyayiphendula imikhuleko yami.

  • Ngesikhathi ufunda u-3 Nefi 14:7, abantwana bakho bangenza izenzo ezimele izimemo zoMsindisi kulelivesi. Isibonelo, bangaphakamisa izandla zabo (ukubuza), benze izibonakude ngezandla zabo (funa), noma benze sengathi bangqongqoza emnyango (ngqongqoza). Siza abantwana bakho bacabange ngezinto abangazisho futhi bazicele kwimikhuleko yabo.

  • Abantwana bakho bangawuthokozela umdlalo lapho bebuza okuthile bese bethola into eyehlukile kakhulu. Ku-3 Nefi 14:7–11, uMsindisi wayefuna ukuthi sazini ngoBaba oseZulwini na?

3 Nefi 14:21–27; 15:1

UMsindisi ufuna ngizwe futhi ngenze lokho akufundisayo.

  • Cabanga izindlela ongasiza ngazo abantwana bakho babone ngamehlo engqondo lomfanekiso okulamavesi. Mhlawumbe bangadweba izithombe, benze umnyakazo, noma bakhe izinto kwizisekelo eziqinile futhi nezenhlabathi. Bangaphinda bafake amagama abo esikhundleni samagama “indoda ehlakaniphileyo” njengoba befunda u-3 Nefi 14:24–27 Noma bangasukuma njalo uma bezwa igama elithi “owenza” ku-3 Nefi 14:21–27 kanye no-15:1.

  • Nasi isifundo ongasizama: cela abantwana bakho bacabange ukuthi umlenze wabo owodwa umele ukuzwa amazwi oMsindisi mase lomunye umele ukwenza lokho uMsindisi akufundisa. Mema abantwana bakho bazame ukuzimelela ngomlenze “wokuzwa” kuphela. Yini engenzeka uma kungase kuvunguze umoya onamandla endlini? Mase wena kanye nabantwana bakho ningabheka izinto ezithile uMsindisi asifundisa ukuba sizenze: bheka 3 Nefi 12:3–12, 21–26; 13:5–8.

Ukuze uthole amanya amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eFriend (Umngani).

Isithombe
UJesu efundisa amaNefi

The Savior’s Visit to the People in America [Uhambo LoMsindisi Kubantu BaseMelika], nguGlen S. Hopkinson.