Wozani, Ngilandeleni 2024
Isithasiselo B: Okuqondene neNhlangano yabaNtwana––Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano


“Isithasiselo B: Okuqondene neNhlangano yabaNtwana––Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Isithasiselo B,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithasiselo B

Okuqondene neNhlangano yabaNtwana–Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano

Kulezo zinyanga ezinamaSonto amahlanu, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba esikhundleni sencwadi yezifundo ebizwa ngokuthi Wozani, Ngilandeleni bafake okukodwa noma okuningi kulokhu okungenziwa ngabantwana ukuba bafunde.

IMigomo neZimiso zeVangeli likaJesu Kristu

IMfundiso kaKristu isifundisa ukuthi sibuyela kanjani kuNkulunkulu.

Ngesikhathi uJesu Kristu evela kubantu baseMelika, wabafundisa imfundiso Yakhe. Wathi siyokwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu uma sinokholo, siphenduka, sibhabhadiswa, samukela uMoya oNgcwele, futhi sibekezela kuze kube sekugcineni (bheka ku 3 Nefi 11:31–40; iMfundiso neziVumelwano 20:29). Lokhu okungezansi okwenziwayo kungakusiza ufundise abantwana ukuthi lemigomo nezimiso kuyosisiza ukuthi sisondele kuMsindisi kukho konke ukuphila kwethu.

Ukuze ufunde kabanzi ngemfundiso kaKristu, bheka ku 2 Nefi 31.

Okungenziwa

  • Nikeza abantwana izithombe ezimele ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, umbhabhadiso nokuqiniswa . Funda noma usho umbhalo wokholo wesine kanye nabantwana, bese ubacela ukuthi babambe izithombe uma kukhulunywa ngalowomgomo noma isimiso. Siza abantwana baqonde ukuthi lemigomo nezimiso zisisiza kanjani ukuba sifane kakhulu noBaba oseZulwini noJesu Kristu.

  • Ungabasiza kanjani abantwana ukuba baqonde ukuthi ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa nokuqiniswa akuzona izinto ezenzeka kanye nje kuphela, kodwa zinomthelela ekukhuleni kwethu ngokomoya impilo yethu yonke na? Isibonelo, ungabakhombisa isithombe sembewu nesihlahla esikhulu (noma uzidwebe lezi zinto ebhodini). Basize bacabange ngezinto ezisiza imbewu ikhule ibe yisihlahla esikhulu, njengamanzi, yinhlabathi nokukhanya kwelanga. Basize ukuba babone ukuthi lokhu kufana nezinto esizenzayo ukuze sisondele kuNkulunkulu impilo yethu yonke—sakhele ukholo lwethu kuJesu Kristu, siphenduke zonke izinsuku, siziphile izivumelwano zethu zombhabhadiso, bese silalela uMoya oNgcwele.

  • ­ Kungani sizwa injabulo uma siphenduka? Abelana nabantwana ngenjabulo nothando owaluzwa ngesikhathi ucela uBaba oseZulwini ukuba akuthethelele.

Umbhabhadiso

UJesu Kristu wangibekela isibonelo ngesikhathi ebhabhadiswa.

Noma uJesu Kristu wayengenasono, wabhabhadiswa ukuba yisibonelo esihle kakhulu sokulalela uBaba oseZulwini (bheka ku 2 Nefi 31:6–10).

Ukufunda kabanzi ngombhabhadiso, bheka IMfundiso neziVumelwano 20:37; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Bhabhadisa,” uMthombo woLwazi lweVangeli.

Okungenziwa

  • Khombisa isithombe sombhabhadiso kaMsindisi nesombhabhadiso womunye umuntu. Cela abantwana ukuba babelane ngokuthi yikuphi okwehlukile nokufanayo phakathi kwalezi zithombe zombili. Fundani ndawonye encwadini NgokukaMathewu 3:13–17.

    Cela abantwana ukuba bakhombe izinto ezithombeni okukhulunywe ngazo kokufundiwe. Tshela abantwana ngothando lwakho ngoMsindisi nokulangazelela ukuMlandela.

  • ­ ­ Funda ku 2 Nefi 31:9–10, bese umema abantwana ukuba balalele ukuthi wayebhabhadiselwani uJesu Kristu. Bameme ukuba badwebe isithombe sabo ngosuku lombhabhadiso wabo.

Ngingakhetha ukwenza isivumelwano noNkulunkulu futhi ngibhabhadiswe.

Ukulungiselela umbhabhadiso kuchaza okuningi kakhulu kunokulungiselela umcimbi. Kuchaza ukulungiselela ukwenza isivumelwano bese ke ugcina leso sivumelwano impilo yonke. Zindla ngokuthi ungabasiza kanjani abantwana ukuthi baqonde isivumelwano abazosenza noBaba oseZulwini uma sebebhabhadiswa, okubandakanya izethembiso Azenza kubona nezethembiso abazenza kuYena.

Okungenziwa

  • Chaza ukuthi isivumelwano yisethembiso esiphakathi komuntu noBaba oseZulwini. Njengoba sizama ukugcina izethembiso zethu kuNkulunkulu, uNkulunkulu wethembisa ukusibusisa. Bhala ebhodini ukuthi Izethembiso Zami kuNkulunkulu nokuthi Zethembiso zikaNkulunkulu Kimi. Fundani ndawonye uMosiya 18:10, 13 nakwi Mfundiso neziVumelwano 20:37, bese usiza abantwana ukuba benze uhlu lwezethembiso abazithola ngaphansi kwezihloko ezifanele. Abelana ngendlela uBaba oseZulwini akubusise ngayo njengoba uzama ukugcina isivumelwano sakho sombhabhadiso.

  • Khombisa abantwana izithombe zezinto ezenziwa wuJesu Kristu esesemhlabeni. Yekela abantwana bakhulume ngokuthi uJesu wenzani esithombeni ngasinye. Funda uMosiya 18:8–10, 13, bese uyabamema abantwana ukuba balalele izinto abathembisa ukuzenza uma sebebhabhadisiwe. Zingaba nomthelela onjani lezi zethembiso ezenzweni zethu nsuku zonke na? Bameme abantwana ukuba badwebe isithombe sabo besiza umuntu othile ngendlela uJesu ayengenza ngayo. Noma ungenzela abantwana ibheji elilula ongaligqoka elinegama likaMsindisi kulo.

    Isithombe
    umfana ebhabhadiswa

    Uma sibhabhadiswa, senza izethembiso kuNkulunkulu Naye wenza izethembiso kithi.

Ukuqiniswa

Uma ngiqinisiwe, ngiba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

Ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kuletha izibusiso, kubandakanya namathuba okuba abantwana babambe iqhaza ngenkuthalo emsebenzini kaNkulunkulu.

­

Okungenziwa

  • Mema umuntu osanda kubhabhadiswa futhi waqiniswa ukuba eze ekilasini azokwabelana nani ukuthi kwakunjani ukuqiniswa. Kuchaza ukuthini kulomuntu ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina? Siza abantwana ukuba bacabange ngezindlela abangagcina ngazo izivumelwano zabo zombhabhadiso njengamalungu eBandla (njengokusebenzela abanye, ukumema abanye ukuba bafunde kabanzi ngoJesu, wukukhuleka emihlanganweni, kanye nokunye). Abelana ngokuthi ukwenza lezi zinto kukusize kanjani ukuba uzwe injabulo yokuba yilungu leBandla likaKristu.

  • ­ Xoxa indaba ka-Alima nabantu bakhe bebhabhadiswa (bheka uMosiya 18:1-17).

    Buyekeza uMosiya 18; 8–9 bese umema abantwana ukuba benze izenzo zokubasiza ukuba bakhumbule izinto abantu ababezimisele ukuzenza njengamalungu ebandla likaJesu Kristu. Abelana ngolwazi onalo lapho ubone khona amalungu eBandla esebenza ngalezi zindlela.

Uma ngiqiniswa, ngamukela isipho sikaMoya oNgcwele.

Uma sibhabhadiswa futhi siqiniswa, uBaba oseZulwini wethembisa ukuthi “sizohlale sinoMoya wakhe [kithi]” (IMfundiso neziVumelwano 20:77). Lesipho esimangalisayo esivela kuNkulunkulu sibizwa ngesipho sikaMoya oNgcwele.

Okungenziwa

  • Funda iMfundiso neziVumelwano 33:15, bese ucela abantwana ukuba balalele isipho esikhethekile uBaba oseZulwini asipha sona lapho sibhabhadiswa futhi siqiniswa. Ukubasiza ukuba bafunde ngokwengeziwe ngokuthi singabasiza kanjani isipho sikaMoya oNgcwele buyekezani ndawonye ku Johane 14:26; abaseGalathiya 5;22–23; 2 Nefi 32:5; 3 Nefi 27:20 ­

  • Ngaphambi kweKilasi, cela umzali woyedwa noma ngaphezulu wabantwana ukuba babelane ngokuthi babusiswe kanjani ngenxa yokuthi banesipho sikaMoya oNgcwele. Ubasiza kanjani? Balizwa kanjani izwi Lakhe?

  • ­ ­

UMoya oNgcwele ungakhuluma nami ngezindlela eziningi.

Abantwana abakwazi ukubona izwi likaMoya bazolungiselelwa ukwamukela isambulo somuntu siqu ukuze sibaqondise zikhathi zonke zezimpilo zabo. Bafundise ukuthi ziningi izindlela uMoya oNgcwele ongakhuluma nathi ngazo.

Okungenziwa

  • Siza abantwana bacabange ngezindlela ezahlukene esingakhuluma ngazo nomngani ohlala kude, njengokubhala incwadi, ukuthumela i-imeyili, noma ukukhuluma ocingweni. Bafundise ukuthi uBaba oseZulwini angakhuluma nathi ngoMoya oNgcwele. ­

  • Abelana ngolwazi lapho uMoya oNgcwele ukhuluma nawe khona, noma ngemicabango engqondweni yakho noma ngomuzwa osenhliziyweni yakho (bheka IMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 8:2–3 Fakaza ebantwaneni ukuthi uMoya oNgcwele ungabasiza nabo ngezindlela ezifanayo.

  • Siza abantwana bacabange ngezikhathi okungenzeka ukuthi bawuzwa uMoya–isibonelo, lapho becula iculo ngoMsindisi noma lapho benzela abanye okuthile okuhle. Basize bakwazi ukuqaphela umuzwa wokomoya olethwa nguMoya oNgcwele. Ucabanga ukuthi kungani uMoya oNgcwele usinika leyomizwa na? Siza abantwana ukuba bacabange ngezinto okumele sizenze ukuze sizwe uMoya oNgcwele ukhuluma nathi. Xoxa ngokwenzayo ukuze umuzwe uMoya ngokucacile.

Isidlo esiNgcwele

Lapho ngamukela isidlo esingcwele, ngikhumbula umhlatshelo kaMsindisi bese ngivuselela izivumelwano zami.

UMsindisi wasinika isidlo esingcwele ukusisiza ukuba sikhumbule umhlatshelo wakhe ngenxa yethu nokuvuselela izivumelwano zethu. Ngenxa yalesi simiso samasonto onke, singaqhubeka sithokozele izibusiso zokubhabhadiswa kwethu kukho konke ukuphila kwethu.

Ukuze ufunde kabanzi, bheka ku NgokukaMathewu 26:26–30; 3 Nefi 18: 1–12; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.

Okungenziwa

  • ­ Bacele bakhombe esithombeni izinto ezicatshangwa abantu. Fundela abantwana izingxenye eziku 3 Nefi18:1–12. Yini esingayenza ukukhumbula uJesu Kristu ngesikhathi sesidlo esingcwele na?

  • Cela abantwana ukuba bakutshele ngezinye zezinto okumele bakhumbule njalo ukuzenza, njengokubopha izicathulo noma ukuwasha izandla zabo ngaphambi kokuthi badle. Kubaluleke ngani ukuzikhumbula lezinto na? Fundela abantwana ku Moroni 4:3 , bese uyabamema ukuba balalele lokho esithembisa ukukukhumbula njalo uma samukela isidlo esingcwele. Kubaluleke ngani ukumkhumbula uJesu Kristu? Siza abantwana baqonde ukuthi isinkwa namanzi esidlo esingcwele kusisiza kanjani ukuba sikhumbule lokho uJesu asenzele kona (bheka uMoroni 4:3; 5:2).

  • Bhala ebhodini “Ngiyethembisa uku …” Fundela abantwana imikhuleko yesidlo esingcwele (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79). Lapho bezwa isethembiso esisenza kuNkulunkulu, yima kancane ubasize baqedele umusho ebhodini ngesethembiso abasizwile. Basize baqonde ukuthi uma samukela isidlo esingcwele, senza isethembiso esifanayo nalesi esasenza mhla sibhabhadiswa.

  • Kusho ukuthini ukubizwa ngegama likaJesu Kristu na? Ukusiza abantwana baphendule lombuzo, abelana ngesibonelo sento esifaka kuyo amagama ethu. Kungani sifaka amagama ethu kulezi zinto? Kungani uJesu Kristu engafuna ukufaka igama lakhe phezu kwethu? Cabanga ngokwabelana ngalencazelo esuka kuMongameli Russel M. Nelson: “Ukubizwa ngegama likaMsindisi, kubandakanya ukumemezela nokufakaza kwabanye―ngezenzo nangamazwi ethu―ukuthi uJesu unguKristu.” (“The Correct Name of the Church,” Liahona, kaNovember 2018, 88).

Amandla obuPristi, iGunya, neziHluthulelo

UNkulunkulu ubusisa abantwana Bakhe ngamandla obupristi.

Bonke abantwana baNkulunkulu–owesifazane nowesilisa, abasha nabadala, bathola amandla kaNkulunkulu lapho begcina izivumelwano abazenzile Naye. Senza lezi zivumelwano lapho semukela izimiso zobuPristi njengombhabhadiso (bheka encwadini ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 3.5, uMthombo woLwazi lweVangeli). ­

Okungenziwa

  • Siza abantwana baqaphele izibusiso abazitholayo ngenxa yobuPristi. ­

  • Cabanga ngokubhala uhlu lwalezi zibusiso ebhodini. Kungani lezibusiso zibalulekile kithi? Fakaza ngokuthi lezi zibusiso ziza kithi ngenxa kaJesu Kristu namandla obupristi Bakhe.

  • Bhala lezi zihloko ezilandelayo ebhodini: Amandla kaNkulunkulu nesithi Amandla kaNkulunkulu negunya elinikwe amadoda emhlabeni. Cela abantwana babeke izithombe ngaphansi kwesihloko sokuqala esisisiza ukuba siqonde indlela uNkulunkulu asebenzise ngayo amandla Akhe ukuze asibusise, njengokudala umhlaba, ukusihola nokusiqondisa, esikhombisa ukuthi uyasithanda futhi uyasazi, futhi ezwa futhi ephendule imithandazo yethu. Bacele babeke izithombe ngaphansi kwesihloko sesibili esizosisiza ukuba siqonde ukuthi amadoda afanelekileyo emhlabeni awasebenzisa kanjani amandla kaNkulunkulu negunya lokusibusisa, njengokubusisa abagulayo, ukubhabhadisa, ukuqinisa, ukusingatha isidlo esingcwele, nokuboshwa kwemindeni ethempelini. Abelana ngokuthi kungani unokubonga ngobuPristi nezibusiso ezilethwa yibo.

  • Enye yezindlela ezinkulu esithola ngazo izibusiso zamandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu yizimiso zobupristi (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:20). Ukusiza abantwana bafunde ngaleliqiniso, ungabhala loluhlu olulandelayo lwemibhalo engcwele ebhodini: 3 Nefi 11:21–26, 33 (umbhabhadiso); uMoroni 2 (ukuqiniswa); uMoroni 4–5 (isidlo esingcwele). Umntwana, ngamunye angakhetha eyodwa yalezi zindinyana bese ekhomba isimiso okukhulunywa ngaso. Mema abantwana ukuba babelane ngokuthi babusiswe kanjani siqu ngokuthola izimiso zobupristi.

  • Siza abantwana baqonde ukuthi bazowathola amandla kuNkulunkulu lapho bebhabhadiswa futhi begcina izivumelwano zabo zombhabhadiso. Babuze abantwana ukuthi angabasiza kanjani lamandla.

Umsebenzi kaNkulunkulu uqondiswa ngezihluthulelo zobuzopristi futhi ufezwa ngegunya lobupristi.

Amalungu eBandla angamadoda afanelekile angagcotshelwa esikhundleni sobupristi. Ngaphezu kwalokho, noma nini lapho umuntu ehlukaniselwe ubizo noma abelwe ukusiza emsebenzini kaNkulunkulu, angasebenzisa igunya lobupristi alinikeziwe. Ukusetshenziswa kwalolonke igunya lobupristi eBandleni kuqondiswa ngabantu abaphethe izihluthulelo zobupristi, njengomongameli wesikhonkwane, umbhishobhi, nabamongameli bemigwamanda. Izihluthulelo zobupristi ziyigunya lokuqondisa ukusetshenziswa kobupristi ekwenzeni umsebenzi weNkosi.

Okungenziwa

  • Funda nabantwana encwadini NgokukaMarku 3:14–15, bese ubakhombisa isithombe sesenzakalo okukhulunywa ngaso lapho. Buza abantwana ukuthi sebake bambona yini umuntu egcotshelwa isikhundla sobupristi noma ahlukaniselwa ubizo (noma umtshele ngosukubonile wena). Kufana kanjani lokho nalokhu uMsindisi akwenza nabaPostoli bakhe na? Siza abantwana babhale uhlu ebhodini izikhundla zobupristi noma ubizo olunganikwa amalungu eBandla, njengomfundisi noma umholi enhlanganweni. Eduze kwesikhundla noma ubizo, ungabhala into lowo onaleso sikhundla noma ubizo anegunya lokukwenza. Tshela abantwana ukuthi ukuhlukaniswa ngumuntu ngaphansi kokuqondiswa yizihluthulelo zobupristi kwakusiza kanjani ukuze ukwazi ukusebenza.

  • Mema abantwana ukuba bacabange ngento oyidingela isihluthulelo, njenge moto noma isicabha semoto. Kwenzekani uma ungenaso isihluthulelo? Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 65:42, bese nifakaza ngokubaluleka bokuba nezihluthulelo zobupristi emhlabeni. ­ ­

  • Cela umuntu osewadini lakho ophethe izihluthulelo zobupristi ukuba eze ekilasini azokwabelana nabantwana ukuthi kuchaza ukuthini ukuphatha izihluthulelo zobupristi. Mmeme ukuba achaze ngezibopho zakhe. Yiziphi izingxenye zomsebenzi weNkosi aziholayo? Ngabe uMsindisi umsiza kanjani na?

IThempeli kanye neSu leNjabulo.

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe. Emathempelini, senza izivumelwano ezingcwele Naye, siphiwe amandla obupristi , sithole ukwambulelwa, senze izimiso zabangasekho bethu, bese siboshelwa emindenini yethu ingunaphakade. Konke lokhu kungenzeka ngenxa kaJesu Kristu nomnikelo wakhe ohlawulayo.

Ungabasiza kanjani abantwana obafundisayo ukubona ubungcwele bendlu yeNkosi bese bezilungiselela ukuze bafaneleke ukubamba iqhaza ezimisweni zethempeli na? Cabanga ngokubuyekeza lemithombo: IMfundiso neziVumelwano 97:15–17; Russell M. Nelson, ”Closing Remarks,” Liahona, kaNovemba 2019,120–22; “Why Latter-day Saints Build Temples,”temples.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
intsha ngaphandle kwethempeli

Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe.

Okungenziwa

  • Veza isithombe esisodwa noma eziningi zethempeli. Buza abantwana ukuthi yini eyenza ithempeli libe yindawo ekhethekileyo. Phawula ukuthi ethempeleni ngalinye kukhona lombhalo: “Wahlukaniselwe uJehova: Indlu yeNkosi.” Buza abantwana ukuthi bacabanga ukuthi “Wahlukaniselwe uJehova” kungase kusho ukuthini. Kungani ithempeli libizwa ngendlu yeNkosi na? Kusifundisani lokhu ngethempeli na? Uma kukhona abantwana abake baya ethempelini, nabo bangabelana ngokuthi bazizwa kanjani ngesikhathi belapho. Uma uke waya ethempelini, abelana ngokuthi wabuzwa kanjani ubukhona beNkosi laphaya, bese uxoxa ngokuthi kungani ithempeli liyindawo engcwele kuwe.

  • Fundani ndawonyeIMfundiso neziVumelwano 97:15–17. Cela abantwana ukuba babheke lokho iNkosi ekulindele kulabo abangena endlini Yayo engcwele. Kungani sidinga ukufaneleka ukungena endlini yakhe na? Njengengxenye yalengxoxo, khuluma nabantwana mayelana nezimvume zokungena ethempelini kubandakanya nokuthi itholwa kanjani. Ungamema oyilungu lobuBhishobhi ukuba abelane nabo ukuthi injani ingxoxiswano yemvume yokungena ethempelini nemibuzo ebuzwa kuyo.

Ethempelini senza izivumelwano noNkulunkulu.

UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi, “ “UJesu Kristu uyasimema ukuba sithathe indlela yesivumelwano ebuyela ekhaya kubaZali bethu baseZulwini futhi sibe kanye nalabo esibathandayo” (“Come, Follow Me,” Liahona, kaMeyi 2019, 91). Siza abantwana baqonde ukuthi indlela yesivumelwano ibandakanya umbhabhadiso, ukuqiniswa, nesipho kanye nokuboshwa kwasethempelini.

Okungenziwa

  • Cela abantwana ukuba bakusize ngokubuyekeza isivumelwano esisenza noNkulunkulu lapho sibhabhadiswa nesisivuselelayo uma sithatha isidlo esingcwele (bheka uMosiya 18:10; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79). Khombisa isithombe sethempeli bese uyachaza ukuthi uBaba oseZulwini unezibusiso eziningi Afuna ukusinika zona ethempelini.

  • Dweba isango eliholela endleleni. Buza abantwana ukuthi kungani bacabange ukuthi kuyasiza ukubakhona kwendlela yokuhamba. Fundani ndawonye ku 2 Nefi 31: 17–20, lapho uNefi eqhathanisa isivumelwano sombhabhadiso nesango futhi esimema ukuba siqhubeke nokuhamba endleleni ngemva kombhabhadiso. Ziningi izivumelwano okufanele zenziwe emva kombhabhadiso, kubandakanya nezivumelwano ezenziwa ethempelini. Chaza ukuthi uMongameli uNelson lendlela uyibize “ngendlela yesivumelwano.”

Ethempelini singabhabhadiswa siqiniselwe okhokho bethu abangasekho.

Ivangeli likaJesu Kristu lenza ukuba bonke abantwana baNkulunkulu babuyele ukuyohlala Naye, noma befe bengalazi ivangeli. Ethempelini, singabhabhadiswa siqiniswe njengamalungu eBandla likaJesu Kristu egameni labo.

Okungenziwa

  • Xoxa ngesikhathi lapho kukhona owakwenzela into owawungeke ukwazi ukuzenzela yona wena. Mema abantwana ukuba babelane ngolwazi olufanayo. Chaza ngokuthi uma siya ethempelini, singathola izimiso ezingcwele ezinjengombhabhadiso wabanye asebafa. Sifana kanjani noJesu lapho senza umsebenzi wabafileyo na? Usenzeleni loku ebesingekwazi thina ukuzenzela kona na?

  • Mema umuntu omusha oyedwa noma ngaphezulu asebebhabhadiselwe okhokho babo ukuba babelane ngasebedlule kukho. Babuze ukuthi bekunjani ethempelini. Bakhuthaze ukuba babelane ngokuthi bazizwe kanjani lapho benzela okhokho babo lomsebenzi.

  • Dweba isihlahla ebhodini, kubandakanya izimpande namagatsha. Cela abantwana ukuba bacabange ukuthi ufana kanjani umndeni nesihlahla. Bhala isithikithana ezimpandeni Amadlozi, bhala isithikithana emaGatsheni Isizukulwane, bese ubhala isithikithana esiqwini sesihlahla Wena. Fundani ndawonye lomusho osuselwa kwi Mfundiso neziVumelwano 128:18: “ngokuba thina ngaphandle kwabo[okhokho bethu] ngeke senziwe sipheleliswe; noma bona ngaphandle kwethu ngeke benziwe bapheleliswe.” Buza imibuzo efana nale elandelayo: Ngabe sibadingelani okhokho bethu na? Ngabe sisidingelani isizukulwane sethu na? Basisize kanjani abazali bethu, ogogo nomkhulu, kanye nabanye okhokho na? Mema abantwana ukuba bacinge okusele kwe IMfundiso neziVumelwano 128:18 umusho ochaza ngokuthi singabasiza kanjani okhokho bethu.

  • Cabanga ngokusebenza nabazali bomntwana ngamunye ukuthola igama likakhokho ukuze umntwana aliyise ethempelini (bheka ku FamilySearch.org).