Wozani, Ngilandeleni 2024
Isithasiselo C: Okuphathelene neNhlangano yaBantwana–Imiyalelo Yesikhathi Sokucula kanye neSethulo sabaNtwana ngesikhathi soMhlangano Wesidlo.


“Isithasiselo C: Okuphathelene neNhlangano yabaNtwana–Imiyalelo Yesikhathi Sokucula neSethulo sabaNtwana ngesikhathi soMhlangano weSidlo” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Isithasiselo C,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
abantwana nothisha becula

Isithasiselo C

Isithasiselo–Okuphathelene neNhlangano yabaNtwana–Imiyalelo Yesikhathi Sokucula kanye neSethulo sabaNtwana ngesikhathi soMhlangano Wesidlo.

Amaculo eNhlangano yabaNtwana ayithuluzi elinamandla ekusizeni abantwana bafunde ngesu lenjabulo likaBaba oseZulwini kanye namaqiniso ayisisekelo evangeli likaJesu Kristu. Lapho abantwana becula ngezimiso zevangeli, uMoya oNgcwele uzofakaza ngobuqiniso bazo. Amazwi nomculo kuzohlala emiqondweni nasezinhliziyweni zabantwana kukho konke ukuphila kwabo.

Funa usizo lukaMoya njengoba ulungiselela ukufundisa ivangeli ngomculo. Abelana ngobufakazi bamaqiniso ocula ngawo. Siza abantwana babone ukuthi umculo uhlobene kanjani nalokho abakufundayo nabahlangabezana nakho ekhaya nasemakilasini abo.

IMihlahlandlela yeSethulo sangesikhathi soMhlangano weSidlo esiNgcwele.

Ngokuyalelwa ngumbhishobhi, isethulo esenziwa ngabantwana ngesikhathi somhlangano wesidlo sivamise ukubanjwa ngekota lesine onyakeni. Njengoba ubumongameli beNhlangano yabaNtwana nomholi womculo, besebenzisana nomeluleki wobuBhishobhi owengamele Inhlangano yabaNtwana ukuhlela isethulo.

Isethulo kufanele sivumele abantwana ukuba bethule lokho okufundwe yibo nabazali ba o eNcwadini kaMormoni ekhaya naseNhlanganweni yabaNtwana, kubandakanya namaculo eNhlangano yabaNtwana abawacule phakathi nonyaka. Njengoba uhlela isethulo, cabanga ngezindlela ezingasiza ibandla ligxile kuMsindisi nezimfundiso Zakhe.

Amagatsha anenani elincane labantwana, angahle acabange ngezindlela amalungu omndeni angabamba iqhaza ngazo ngabantwana bawo. Amalungu obuBhishobhi angawuphetha umhlangano ngamazwi amafishane.

Njengoba ulungiselela isethulo, khumbula lemihlahlandlela elandelayo:

  • Ukuzijwayeza enizobe nikwenza ngesethulo, akufanele kuthathe isikhathi esingenasidingo samakilasi eNhlangano yabaNtwana noma semindeni.

  • Izinto ezibukwayo, imvunulo nokuvela kwabezindaba akufanelekile emhlanganweni wesidlo seNkosi.

Bheka encwadini ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints12.2.1.2.

Imiyalelo yesiKhathi sokuCula

Imizuzu emi-5 (ubumongameli beNhlangano yabaNtwana): Umkhuleko wokuvula,umbhalo ongcwele,umbhalo wokholo nenkulumo eyodwa

Imizuzu eyi-20 (umholi womculo): Isikhathi sokuCula

Ubumongameli beNhlangano yabaNtwana nomholi womculo bakhetha amaculo enyanga ngayinye ukugcizelela imigomo abantwana abafunda ngayo emakilasini abo nasekhaya. Uhlu lwamaculo agcizelela lemigomo lufakiwe kulezi zifundo.

Njengoba ufundisa abantwana lamaculo, bameme ukuba babelane ngosekuvele bekufundile ngezindaba nangezimfundiso zemigomo ezifundiswa ngumculo. Bameme abantwana ukuba babelane ngemicabango nemizwa yabo ngamaqiniso atholakala kulezi zingoma.

- - Ukusetshenziswa kwanoma yimuphi omunye umculo eNhlanganweni yabaNtwana kufanele kuvunywe ngumBhishobhi (bheka encwadini ethi General Handbook,12.3.4).

Isithombe
abantwana becula

­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­¬

­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

­

  • ­

  • ­

  • ­

Ukusebenzisa uMculo ukuFundisa iMfundiso

Inhloso yesikhathi sokucula eyokusiza abantwana bafunde amaqiniso evangeli. Lamasu alandelayo angakufaka ugqozi njengoba uhlela izindlela zokufundisa imigomo yevangeli etholakala kumahubo nasemaculweni eNhlangano yabaNtwana.

Funda imibhalo eNgcwele ehlobene. ­ ­ Ungabhala futhi uhlu lwezinkomba zemibhalo engcwele embalwa ebhodini bese umema abantwana ukuthi baqondanise inkomba ngayinye neculo noma ivesi eculweni.

Gcwalisa ezikhaleni. Bhala ivesi leculo ebhodini kube khona amagama asemqoka amaningana angekho. Bese ucela abantwana balicule iculo, balalele amagama agcwalisa izikhala. Lapho begcwalisa isikhala ngasinye, xoxisanani ngokuthi yimiphi imigomo yevangeli eniyifunda emagameni angekho.

Isithombe
umholi wesikhathi sokucula

Fakaza Fakaza kafushane ngamaqiniso evangeli atholakala eculweni leNhlangano yabaNtwana. Siza abantwana baqonde ukuthi ukuhlabelela kungenye yezindlela abangafakaza ngayo futhi bawuzwe noMoya.

Yima njengofakazi. Mema abantwana ukuba bashintshane ngokuma nokwabelana ngabakufundayo eculweni abaliculayo noma ngokuthi bazizwa kanjani ngamaqiniso afundiswa eculweni. Babuze ukuthi bazizwa kanjani njengoba becula iculo, futhi ubasize ukukwazi ukuwubona umthelela kaMoya oNgcwele.

Sebenzisa izithombe. Cela abantwana bakusize uthole noma wenze izithombe ezihambisana namagama abalulekile noma imishwana eculweni. Bameme ukuba babelane ngokuthi izithombe zihlobene kanjani neculo nokuthi lifundisani iculo. ­ ­

Abelana ngesifundo sento ebonakalayo. Ungasebenzisa into ebonakalayo ukukhuthaza ukuxoxisana ngeculo. Isibonelo, ungacula nabantwana iculo ngokholo. Ungakhombisa abantwana imbewu bese ukhuluma ngokuthi silukhombisa kanjani ukholo uma sitshala imbewu; lokhu kungaholela engxoxweni emayelana nezindlela esikhombisa ngazo ukholo kuJesu Kristu, njengoba kuchaziwe eculweni.

Mema ukwabelana ngalokho umuntu nomuntu asedlule kukho. Siza abantwana baxhumanise leyo migomo efundiswa eculweni nalokho asebeke bahlangabezana nakho ngokuphathelene nalemigomo. Isibonelo, ngaphambi kokucula iculo ngethempeli, ungabacela abantwana ukuba baphakamise izandla zabo uma sebeke balibona ithempeli. Bameme, njengoba becula, ukuthi bacabange ngokuthi bazizwa kanjani uma bebona ithempeli.

Buza imibuzo. Miningi imibuzo ongayibuza njengoba nicula amaculo. Isibonelo, ungababuza abantwana ukuthi bafundani evesini ngalinye leculo. Ungabacela futhi ukuthi bacabange ngemibuzo ephendulwa yiculo. Lokhu kungaholela engxoxweni emayelana namaqiniso afundiswa eculweni.

Sebenzisa izenzo zezandla eziwubala. Mema abantwana ukuthi bacabange ngezenzo eziwubala ezingabasiza ukukhumbula amagama nemiyalezo yeculo. ­ ­