Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 15


HJS, UGenesise 15:9–12. Qhathanisa noGenesise 15:1–6

U-Abrahama ufunda ngoVuko futhi ubona ubufundisi buka Jesu ngesikhathi esese mhlabeni.

9 Futhi u-Abrama wathi, Nkosi Nkulunkulu, uzonginika kanjani lomhlaba ukuba ube yifa laphakade na?

10 Futhi iNkosi yathi, Nakuba wawufile, kodwa angikwazi yini ukukunika na?

11 Futhi uma uyofa, kodwa uyokuba nawo, ngokuba usuku luyeza, lapho iNdodana yoMuntu iyophila; kodwa ingaphila kanjani uma ingafile na? kufanele iphiliswe kuqala.

12 Futhi kwenzeka, ukuthi u-Abrama wasibona isikhathi esizayo futhi wazibona izinsuku zeNdodana yoMuntu, wajabula, umphefumulo wakhe wathola ukuphumula, futhi wakholwa yiNkosi; futhi iNkosi yambalela lokho kwaba ngukulunga.