Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 19


HJS, UGenesise 19:9–15. Qhathanisa noGenesise 19:8–10

ULoti umelana nobubi base Sodoma, futhi izingelosi ziyamvikela.

9 Futhi bathi kuye, Buyela emuva. Futhi babemthukuthelele.

10 Futhi bathi omunye komunye, Lomuntu ufikele ukuzohlala isikhashana phakathi kwethu, manje uzofuna ukuzenza umahluleli; manje sizomphatha kabuhlungu kakhulu yena kunabo.

11 Ngalokho-ke bathi kulendoda, Sizothola lamadoda, namadodakazi akho futhi; futhi sizokwenza kubo njengoba kukuhle kithi.

12 Manje lokhu kwakulandela ububi baseSodoma.

13 Futhi uLoti wathi, Bhekani, nginamadodakazi amabili angakayazi indoda; ngivumeleni bafowethu, ngiyaninxusa, ukuba ngingawalethi kini; futhi aniyukwenza kubo njengoba kukuhle emehlweni enu;

14 Ngokuba uNkulunkulu ngeke angayibeki icala inceku yakhe kulento; ngalokho-ke, manginxuse kini bafowethu, lokhu kanye kuphela, ukuthi kulamadoda ningenzi lutho, ukuze athole ukuthula endlini yami; ngokuba ngalesi sizathu eze ngaphansi komthunzi wophahla lwami.

15 Futhi bamthukuthelela uLoti futhi basondela ukuzofohloza umnyango, kodwa izingelosi zikaNkulunkulu, okwakungamadoda angcwele, zelula izandla zazo zamdonsela kuzo endlini uLoti, zavala umnyango.