Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 17


HJS, UGenesise 17:3–12. Qhathanisa noGenesise 17:3–12

Abantu bayahluleka ukuhlonipha izimiso zevangeli, kuhlanganisa nombhabhadiso. UNkulunkulu uchaza ngesivumelwano sokusoka nangobu dala bokukwazi ukuziphendulela kwabantwana.

3 Futhi kwenzeka, ukuthi u-Abrama wawa ngobuso bakhe, wabiza igama leNkosi.

4 Futhi uNkulunkulu wakhuluma naye, ethi, Abantu bami badukile emiyalweni yami, futhi abazigcinanga izimiso zami, engazinika okhokho babo;

5 Futhi abalugcinanga ugcobo lwami, nokungcwatshwa, noma ukubhabhadiswa engibayale ngakho;

6 Kodwa baphendukile basuka emyalelweni, bazigezela bona abantwana, negazi lokufafazwa;

7 Futhi bathe igazi lolungileyo u-Abela lachithelwa izono; abazanga ukuthi baziphendulela kanjani phambi kwami.

8 Kodwa wena, bheka, ngizokwenza isivumelwano nawe, futhi uzoba nguyise wezizwe eziningi.

9 Lesi sivumelwano ngiyasenza, ukuze abantwana bakho baziwe phakathi kwazo zonke izizwe. Igama lakho aliseyikuthiwa u-Abrama, kodwa igama lakho selizokuba ngu-Abrahama; ngokuba ngikwenze uyise wezizwe eziningi.

10 Ngizoyandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze izizwe, kuvele amakhosi kuwe, nasenzalweni yakho.

11 Futhi ngizomisa isivumelwano sokusoka nawe, futhi kuyoba yisivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho, ezizukulwaneni zayo; ukuze wazi ingunaphakade ukuthi abantwana abaziphenduleli phambi kwami baze babe neminyaka eyisishiyagalombili yobudala.

12 Futhi uyozigcina zonke izivumelwano zami engivumelane ngazo nokhokho bakho; futhi uyoyigcina imiyalelo engikunike yona ngomlomo wami, ngiyoba nguNkulunkulu kuwe nasenzalweni yakho emva kwakho.

HJS, UGenesise 17:23–24. Qhathanisa noGenesise 17:17–18

U-Abrahama uyajabula ngokuzwa isiphrofetho sokuzalwa kuka-Isaka futhi ukhulekela u-Ishmayeli.

23 U-Abrahama wawa ngobuso wajabula, wathi enhliziyweni yakhe, Kuyozalwa umntwana kulowo oseneminyaka eyikhulu yobudala, noSara oseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye yobudala uyozala.

24 U-Abrahama wathi kuNkulunkulu, O sengathi u-Ishmayeli angaphila ngobuqotho phambi kwakho!