uJesu Kristu
UkuBusiswa kweSinkwa


UkuBusiswa kweSinkwa

O Nkulunkulu, Baba waPhakade,
siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu,
ukuba ubusise futhi ungcwelise lesi sinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasamukelayo,
ukuze basidle bekhumbula umzimba weNdodana yakho,
futhi bekhombisa kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade,
ukuthi bayavuma ukubizwa ngegama leNdodana yakho,
futhi bayikhumbule njalo
futhi bagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona;
ukuze bahlale beno Moya wayo kubo.
Amen.