Umlando weBandla
Ukuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni


Ukuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni

Ngesikhathi abefundisi beqala ukufika eNingizimu Afrika, babona ukuthi babekudinga ukwazi ezinye izilimi. Ngonyaka ka-1854 uJesse Haven washicilela imibhalo embalwa yabefundisi yokufundisa ivangeli futhi wafunda ulimi lwesiDutch olwaluphenduka isiBhunu. Kepha kwadlula ikhulu leminyaka ngaphambi kokuba uJohannes P. Brummer asebenzisane noFelix Mynhardt, usolwazi futhi nowayengumngani weBandla, ukulungiselela ukuvunywa kokuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni ngolimi lwesiBhunu eyashicilelwa ngonyaka ka-1972.

Abaholi bemishini base beqala ukucabanga ngezinye izilimi ngesikhathi ilungu lebandla elingumZulu libanxusa ukuba baqale umsebenzi wokufundisa ivangeli kumaZulu ngonyaka ka-1908. Ayikho imizamo yokufundisa ivangeli eyaqalwa ngaleso sikhathi, kepha ngonyaka ka-1987, kwashicilelwa ukuhunyushwa kwezingxenye ezikhethiweyo zeNcwadi kaMormoni ngolimi lwesiZulu. UMangosuthu G. Buthelezi, umholi wesintu nezepolitiki ongumZulu, wawutusa lomsebenzi. Wathi, “Mkhulu umsebenzi owenziwe ngemikhuleko ekukhiqizweni kwalencwadi.” “Iyisibusiso esikhulu kubantu abangamaZulu.” INcwadi kaMormoni ehunyushwe ngokuphelele yashicilelwa ngonyaka ka- 2003.

UJudy Bester Brummer, owakhula ekhuluma isiNgisi kubo kodwa ekhuluma isiXhosa nabangani bakhe, wasiza ngesikhathi kuhunyushwa iNcwadi kaMormoni ngesiXhosa. Yashicilelwa ngonyaka ka-2000. Ngonyaka ka-2003 iNcwadi kaMormoni yashicilelwa ngolimi lwesiTswana.

Ngenxa yalokhu kuhunyushwa, cishe amaphesenti anga-70 abantu baseNingizimu Afrika manje sebeyakwazi ukufunda iNcwadi kaMormoni ngolimi lwabo lwebele.