Umlando weBandla
Umlando Ofingqiwe: INingizimu Afrika


Umlando Omfishane weBandla

eNingizimu Afrika

Isithombe
Ibalazwe leNingizimu Afrika

Umlando Ofingqiwe

Ngonyaka ka-1852 uBrigham Young wabiza abafundisi ukuba bazoshumayela eKapa. Eminyakeni emithathu eyalandela, bakha amagatsha amathathu ngaphakathi naseduze kwaseKapa, lapho amalungu eBandla alugcina ukholo noma babebhekene nobunzima. Iningi lamalungu eBandla okuqala ekugcineni lathuthela phesheya kwezilwandle, kepha bambalwa ababesekhona ngenkathi abefundisi sebebuya ngonyaka ka-1903 emveni kokuhamba isikhathi eside. Eminyakeni engamashumi amathathu eyalandela, amalungu eBandla aqala izinhlelo zeBandla emagatsheni awo futhi abelana ngevangeli emphakathini kanye nakwezinye izindawo e-Afrika engaseNingizimu.

Ngeminyaka yo-1850 nasekuqaleni kweminyaka yo-1900, kwakukhona amalungu eBandla ambalwa eNingizimu Afrika ayengabohlanga oluxubile nakuba inqubo yeBandla yayivimbela ukuba amadoda ebala elimnyama anikwe ubuphristi, kepha emveni kokuqala kwenqubo yobandlululo kulelizwe ngonyaka ka-1948, kwaya ngokuncipha ukuxhumana kweBandla nababengebona abohlanga olumhlophe eNingizimu Afrika. Ngeminyaka yo-1960, ngenkathi amalungu eBandla eGoli elungiselela ukuhlelwa kwesikhonkwane sokuqala kulelizwe, kukhona iqembu labamnyama ababekholwa eNcwadini kaMormoni kodwa ababengakabhabhadiswa abazihlanganela bodwa eSoweto. Ukuhlanganiswa kwezinhlanga eBandleni nomsebenzi weBandla emalokishini kwaqala emveni kwesambulo sangonyaka ka-1978 esasivumela ukuba izibusiso zobuphristi nezethempeli zinikwe bonke abantu ngaphandle kokubheka ubuhlanga babo.

Izinhlanga zonke ezingamalungu eBandla eNingizimu Afrika zagubha ndawonye ukunikelwa eNkosini kweThempeli laseGoli, ngonyaka ka-1985. Amalungu eBandla asefike nabo bonke ubuhle bezimpilo zabo eBandleni, “bekhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula” (KwabaseFesu 4:3). Ngonyaka ka-2016, ngenkathi iBandla liqhubeka likhula, umhlaba wagunjwa eThekwini ukulungiselela ithempeli lesibili kulelizwe.

Ulwazi Olufishane Ngalelizwe

  • Igama Lezwe Elisemthethweni: IRiphabuliki yeNingizimu Afrika

  • Isiqongo: ePitoli (kubaphathi), eKapa (isishayamthetho), eBloemfontein (kumajaji)

  • Idolobha Elikhulu: iGoli

  • Izilimi ezikhulunywayo: isiZulu, isiXhosa, isiBhunu, isiNgisi, isiSuthu saseNyakatho, isiTswana, isiSuthu, isiTsonga, isiSwati, isiVenda, isiNdebele

  • Ubungako boMhlaba: 1,220,813 km2 (471,359 mi2)

  • Isifunda esikhulu seBandla: i-Afrika eseNingizimu engaseMpumalanga

  • AmaMishini: Mane (eKapa, eThekwini, eGoli, nengxenye yeMishini yaseBotswana naseNamibia)

  • Amabandla: 183

  • AmaThempeli: Mabili (eThekwini [lisakhiwa] naseGoli)