Umlando weBandla
INingizimu Afrika: Izehlakalo Ngokulandelana Kwazo


INingizimu Afrika: Izehlakalo Ngokulandelana Kwazo

Ngonyaka ka-1852 • eKapa, kwiKoloni yaseKapa, eNingizimu AfrikaUJoseph Richards washumayela eKapa ngenkathi esendleleni eya kwimishini yakhe ezweni laseNdiya elalibuswa ngamaNgisi.

Ngomhlaka 28 Agasti 1852 • eSalt Lake City, e-UtahUBrigham Young wabiza Amagosa uJesse C. Haven, uLeonard I. Smith, noWilliam H. Walker ukuba bazovula imishini eNingizimu Afrika.

Ngomhlaka 23 Meyi 1853 • eKapaEmveni kwenyanga eyodwa befikile eKapa, uHaven, uSmith, noWalker bagibela iLion’s Head ukuze banikele lelizwe eNkosini ngomsebenzi wokushumayela ababezowenza.

Ngomhlaka 26 Meyi, 1853 • eMowbray, eKapaUJoseph Patterson noJohn Dodel, ababa ngabokuqala ukungena eBandleni eNingizimu Afrika, babhabhadiswa.

Ngomhlaka 5 Julayi, 1853 • kwiKoloni yaseKapaUJohanna Langveld Provis wabhabhadiswa, Wayengowokuqala kwabambalwa abebala elixubile nabangena eBandleni abakhuluma iDutch noma isiBhunu kwiKoloni yaseKapa.

Ngomhlaka 16 Agasti, 1853 • eMowbrayIgatsha laseMowbray, igatsha lokuqala e-Afrika lamiswa.

Ngomhlaka 3 Agasti, 1854 • kwiKoloni yaseKapaUJesse Haven, njengomongameli wemishini, washicilela incwajana yabefundisi yokufundisa ivangeli eyayihunyushwe ngesiDutch enesihloko esithi A Warning to All ukuqala imizamo yokufinyelela kwabakhuluma isiBhunu.

NgoNovembha 1854 • eKapaUHaven wahlela iPerpetual Emigrating Fund eKapa leThemba eLihle. Eminyakeni emibili, amalungu eBandla aseNingizimu Afrika angamakhulu amabili athuthela e-Utah.

Ngomhlaka 15 Disemba, 1855 • kwiKoloni yaseKapaNgenkathi iqembu lokuqala labefundisi ababeshumayela ivangeli eNingizimu Afrika beshiya izwe, bashiya amagatsha ayisithupha asebenzayo.

Ngonyaka ka-1857–73 • kwiKoloni yaseKapaAbanye abefundisi baqhubeka nokushumayela kwiKoloni yaseKapa. U-Eli Wiggill, umfundisi wokugcina owayeshumayela eKapa ekhulwini leshumi nesishiyagalolunye wahamba ngoMashi 1873.

1903 • Amakoloni aseKapa, eNatali, eTransvaal, nase-Orange River Abefundisi babuya. Eminyakeni emithathu, bashumayela kuwo womane lamakoloni ayesezohlanganiswa akhe uBumbano lwase Ningizimu Afrika.

Ngomhlaka 17 Agasti, 1908 • eKapaNgokunxuswa yilungu leBandla elingumZulu, umongameli weMishini yaseNingizimu Afrika uRalph Badger wabhala incwadi ecela imvumo yokuqala imizamo yokushumayela kwabaseNingizimu Afrika abamnyama. Abaholi beBandla baphendula bathi abamnyama abaguqukele kuleliBandla kufanele bemukelwe kepha benqaba ukuqala imizamo yokushumayela.

1916–17 • eMowbrayIndlu yokukhonza yokuqala yakhiwa eNingizimu Afrika sekukhona ikhaya lemishini, isakhiwo amalungu ayesibiza nge “Cumorah.”

Ngonyaka ka-1918 • eKapaNgesikhathi kunomkhuhlane, umongameli wemishini uNicholas G. Smith nomfundisi owayebizwa ngo-Aaron U. Merrill bahamba bebusisa futhi besiza amalungu eBandla.

Ngomhlaka 22 Disemba, 1921 • eNingizimu AfrikaKwamiswa Inhlangano Yokusiza Yabesifazane eNingizimu Afrika ngaphansi kobuholi buka-Annie M. Funk Sessions.

Ngomhlaka 19 Julayi, 1930–kumhlaka 7 Novemba, 1932 • eNingizimu Afrika naseRhodesiaUWilliam noJanetta Brummer baseGoli babe ngabefundisi abashadile bokuqala ababizwa eNingizimu Afrika.

Isithombe
UWilliam Daniels

Ngomhlaka 14 Disemba, 1931 • eKapa

Umongameli wemishini uDon Mack Dalton wabeka uWilliam Daniels, owayengazange agcotshelwe kubuphristi, ukuba aphathe igatsha elincane lebandla lamalungu amnyama ayehlangana njalo emzini wakhe. UClara Daniels wabekwa ukuba abe ngumongameli weNhlangano yokuSiza yabesiFazane.

Ngomhlaka 11 Agasti, 1932 • eKapaUJohanna Fourie, owayengakabhabhadiswa ngaleso sikhathi kepha elithanda iBandla, wavuma ubizo lokuhlela iNhlangano yaBantwana yokuqala eNingizimu Afrika. Emveni kweminyaka embili, uFourie wabhabhadiswa wase ehlukaniselwa ukuba ahole iziNhlangano zaBantwana kwimishini yonke.

Ngonyaka ka-1940–46 • eNingizimu AfrikaUmongameli wemishini uRichard E. Folland wadedela bonke abefundisi ukuba babuyele emuva ngenxa yezimo zempi eYurobhu nakwezinye izindawo. Ngesikhathi bengekho abefundisi, abangcwele baseNingizimu Afrika badlala indima enkulu yokuhola eBandleni nasekushumayeleni ivangeli. Ngeminyaka yezimpi, iminikelo yokuzila ukudla neyeshumi yakhula kakhulu.

Ngomhlaka 26 Meyi, 1948 • eNingizimu AfrikaINational Party, nesu layo lokulungiselela ubandlululo, yanqoba ukhetho lwamalungu ephalamende. Emveni kwalokho, kwalandela inqubo yobandlululo ngokobuhlanga ngokunjalo nokuphucwa kwamalungelo kulabo abangebona abebala elimhlophe iminyaka engaphezulu kwamashumi amane eNingizimu Afrika.

Ngonyaka ka-1948–54 • eNingizimu AfrikaIBandla lalinomthetho wokuthi wonke amadoda angamalungu alo aveze ubufakazi bokuthi obaba mkhulu babo babevela ngaphandle kwase Afrika ngaphambi kokuba bagcotshelwe kubuphristi. UMongameli uDavid O. McKay wawuqeda lomthetho ngesikhathi evakashela eNingizimu Afrika ngo-1954.

NgoJanuwari 1954 • eNingizimu AfrikaUDavid O. McKay wavakashela eNingizimu Afrika—Kwakuqala ukuthi kuvakashe kulelizwe oneGunya eliKhulu eBandleni Lonke.

Ngomhlaka 7 Februwari, 1966 • eNingizimu AfrikaAbefundisi ababesabancane bokuqala abaphuma eNingizimu Afrika—u-Alexander Comrie ovela ePitoli noGerald de Wet ovela eGoli, noBrian Miller ovela eThekwini—bahamba baya kwimishini.

Ngonyaka ka-1968 • eSowetoUMoses Mahlangu, umholi weqembu elincane elalithole futhi layemukela iNcwadi kaMormoni ekuqaleni kweminyaka yo-1960, waxhumana namalungu eBandla nabaholi bemishini eGoli.

Ngomhlaka 22 Mashi, 1970 • eGoli, eNingizimu AfrikaIsikhonkwane sokuqala saseTransvaal samiswa, uLouis P. Hefer engumongameli waso.

Ngonyaka ka-1972 • eNingizimu AfrikaINcwadi kaMormoni yakhishwa ngolimi lwesiBhunu.

Ngomhlaka 2 Disemba , 1973 • eNingizimu AfrikaIzwe laseNingizimu Afrika lanikelwa eNkosini ukuze kushumayelwe ivangeli. UMongameli uSpencer W. Kimball womGwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili nguye owanikeza umkhuleko.

Ngomhlaka 8 Juni, 1978 • eSalt Lake CityUbuMongameli BokuQala bamemezela ukuthi wonke amadoda afanelekile eBandla “angagcotshelwa ebuphristini ngaphandle kokubheka ubuhlanga noma ibala.” (Izwi Eligunyaziwe 2).

Ngomhlaka 26 Okthoba, 1980 • eChatsworth, esifundazweni saseNataliIgatsha lokuqala elinabaseNdiya bodwa lahlanganiswa eNingizimu Afrika.

Ngomhlaka 21 Februwari, 1981 • KwaMashu, eNingizimu AfrikaIgatsha lokuqala elinabamnyama bodwa lahlanganiswa KwaMashu

Ngomhlaka 1 Ephreli, 1981 • eSalt Lake CityUMongameli uSpencer W. Kimball wamemezela izinhlelo zokwakha ithempeli eGoli.

Ngomhlaka 24 August, 1985 • eGoliUMongameli uGordon B. Hinckley wobuMongameli BokuQala wanikela eNkosini iThempeli laseGoli, eNingizimu Afrika. Ngesikhathi elinikela, wakhulekela ukuthi “labo ababusa emkhandlwini ophetheyo bangaba nentshisekelo yokuthola indlela yokubuyisana phakathi kwalabo abangezwani kulezi zikhathi.”

Ngonyaka ka-1987 • eNingizimu AfrikaIBandla lakhipha izingxenye zeNcwadi kaMormoni ngesiZulu. Incwadi ehumushwe ngokuphelele yakhishwa ngonyaka ka-2003

Ngo-Ephreli 1994 • eNingizimu AfrikaKwabanjwa ukhetho oluvumela izinhlanga zonke zabantu ukuba zivote. UNelson Mandela wakhethwa ukuba ebe ngumongameli wokuqala omnyama weRiphabuliki yaseNingizimu Afrika.

Ngonyaka ka-2000 • eNingizimu AfrikaINcwadi kaMormoni yakhishwa ngesiXhosa

Isithombe
Isithombe sikaChristoffel Golden

Ngomhlaka 31 Mashi, 2001 • eSalt Lake City

UChristoffel Golden waseGoli wasekelwa njengowamaShumi ayisiKhombisa oneGunya eliKhulu eBandleni Lonke.

Ngonyaka ka-2003 • eNingizimu AfrikaINcwadi kaMormoni yakhishwa ngesiTswana

Ngonyaka ka-2009 • eNingizimu AfricaAmalungu eBandla eNingizimu Afrika afika ku-50 000.

Ngomhlaka 3 Ephreli, 2010 • eSalt Lake CityUT. Jackson Mkhabela waseSoweto wasekelwa njengowamaShumi ayisiKhombisa wesiFunda esiKhulu.

Ngomhlaka 1 Okthoba, 2011 • eSalt Lake CityUThomas S. Monson, uMongameli weBandla wamemezela izinhlelo zokwakha ithempeli eThekwini.

Ngomhlaka 27 Januwari, 2012 • eNingizimu AfrikaIgosa uJeffrey R. Holland wathumela incwadi eyayibhekiswe kubaholi namalungu eBandla e-Afrika, ememezela ukuthi iBandla lizoyemukela imishado yesintu okungeyona eyesithembu, okuzovumela abashade ngokwesintu bathole izimiso zevangeli ethempelini.

NgoFebruwari 2014 • eSalt Lake City naseSowetoUDorah Mkhabela waseSoweto wabizelwa kwibhodi elikhulu lamaNtombazane leBandla elinamalungu ayisishiyagalolunye—kuyo leyo nyanga indodakazi yakhe uNyikiwe yangena kwiNhlangano yamaNtombazane.