Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoFebhruwari 5–11: “Ukhululekile Ukukhetha Inkululeko kanye Nokuphila Okuphakade, ngoMlamuli Omkhulu.” 2 Nefi 1–2


“NgoFebhruwari 5–11: ‘Ukhululekile Ukukhetha Inkululeko kanye Nokuphila Okuphakade, ngoMlamuli Omkhulu.’ 2 Nefi 1–2,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoFebhruwari 5–11. 2 Nefi 1–2,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
U-Adamu no-Eva bephuma eNsimini yase-Edene

Adam and Eve [u-Adamu no-Eva], nguDouglas M. Fryer

NgoFebhruwari 5–11: “Ukhululekile Ukukhetha Inkululeko kanye Nokuphila Okuphakade, ngoMlamuli Omkhulu”

2 Nefi 1–2

Ukuba ubunolwazi lokuthi impilo yakho isizofika emaphethelweni, yimiphi imilayezo yokugcina obungathanda ukwabelana ngayo nalabo obathanda kakhulu na? Ngenkathi umprofethi uLehi ezwa ukuthi wayesesondela emaphethelweni empilo yakhe, waqoqa umndeni wakhe ndawonye okokugcina. Wabelana nabo ngalokho uBaba oseZulwini ayemembulele kona. Wafakaza ngoMesiya. Wafundisa amaqiniso evangeli ayewazisa kubantu ayebazisa. Wakhuluma ngenkululeko, ukulalela, ukuWa kuka-Adamu no-Eva, ukuhlengwa ngoJesu Kristu, kanye nenjabulo. Akubona bonke abantwana bakhe abakhetha ukuphila ngokuvumelana nalokho akufundisa—akekho kithi ongenzela abathandayo lezi zinqumo. Kodwa singafundisa futhi sifakaze ngoMhlengi, osenza “sikhululeke ukukhetha inkululeko kanye nokuphila okuphakade”(bheka ku 2 Nefi 26–27).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

2 Nefi 1:13–29

Nginga “vuka! futhi [ngi]sukume othulwini.”

Encwadini ka 2 Nefi 1:13–29, naka amagama uLehi awasebenzisa ukuchaza isimo sangokomoya sika Lamani noLemuweli. Ngabe yikuphi okukusiza ukuba uvuke “ebuthongweni obukhulu” bangokomoya na? Ngabe yikuphi okukusiza ukuba uvuthuze “amaketanga” angokomoya empilweni yakho na? Cabanga ngobufakazi buka Lehi evesini 15 nangesimemo sakhe evesini 23. Ngabe yimuphi umyalezo uBaba oseZulwini akuphathele wona kulamavesi na?

Sebenzisa izinto ezibonakalayo. Ukusebenzisa izinto ezibonakalayo kuzobasiza abafundi bawaqonde amaqiniso evangeli futhi bawakhumbule isikhathi eside. Njengoba ulungiselela ukufundisa okukulesi sifundo, cabanga ukuthi yiziphi izinto ezibonakalayo ongahle uzisebenzise. Isibonelo, mhlawumbe iketango lephepha lingabasiza abafundi bawaqonde amazwi ka Lehi ku 2 Nefi 1:13 noma ku 2 Nefi 2:27.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 2

Ngenxa kaJesu Kristu, “[ngi]khululekile ukukhetha inkululeko nokuphila okuphakade.”

ULehi nomndeni wakhe base besezweni elisha, kukuningi okusha okwakungase kwenzeke. Izinqumo abazithatha kulelizwe elisha zazibalulekile ukuze baphumelele futhi bathokoze. Mhlawumbe yingakho uLehi afundisa indodana yakhe uJakobe ngokuzikhethela, noma ukukwazi ukuzithathela izinqumo, encwadini ka 2 Nefi 2. Ngesikhathi ufunda amavesi 11–30, bhala phansi okungahle kube yizimpendulo zalemibuzo:

  • Kungani ukuzikhethela kubaluleke kangaka kuBaba oseZulwini, nakuba abanye bekusebenzisa ngezindlela ezikhubayo na?

  • Ngabe isitha sizama kanjani ukukuqeda amandla noma ukukushabalalisa ukuzikhethela kwakho na?

  • Ngabe uMsindisi ukusiza kanjani ukuba “ukhethe inkululeko nokuphila okuphakade” (ivesi 27) na?

Nansi enye indlela yokufunda ngokuzikhethela encwadini ka 2 Nefi 2: bheka lezo zinto ezibaluleke kakhulu kithi ukuba sikwazi ukuzikhethela nokuthi sikwazi ukufinyelela kulokho kwasezulwini esingahle sibe yikho. Isibonelo:

Ukuzikhethela kwethu bekungathinteka kanjani ukuba okukodwa noma okuningi kwalezi zinto bekungekho na?

­ ­ ­ ­

­

2 Nefi 2:1–4, 6–25

UNkulunkulu angaguqula ukuvivinywa kwami kube yizibusiso.

ULehi wayazi ukuthi indodana yakhe encane uJakobe yayibhekene “nenhlupheko,” kanye “nosizi olukhulu” ngesikhathi isencane (2 Nefi 2:1). Kungani ucabanga ukuthi ubufakazi buka Lehi encwadini ka 2 Nefi 2:1– 3, 6–25 babubalulekile kuJakobe na? Kungani bubalulekile kuwe na? Bheka lawo magama nemishwana oyithola inamandla kakhulukazi. Ngabe uNkulunkulu uzingcwelise kanjani izinkathazo zakho ukuze zibe yinzuzo kuwe na? (Bheka ku 2 Nefi 2:2.)

Bheka futhi KwabaseRoma 8:28.

2 Nefi 2:15–29

UkuWa kanye neNhlawulo kaJesu Kristu kuyizingxenye ezibalulekile zesu likaBaba oseZulwini.

Iningi labantu likholwa wukuthi ukuWa kwaba yimbangalusizi nje kuphela nokuthi u-Adamu no-Eva benza iphutha laphakade lapho bekhetha ukusidla isithelo. Encwadini ka 2 Nefi 2:15–28, uLehi ufundisa amaqiniso engeziwe ngokuWa––nangokuhlengwa ngo Kristu. Njengoba uwahlola lamavesi, yenza uhlu lwamaqiniso amayelana nokuthi kwenzekani eNsimini yase-Edene. Imibuzo efana nalena ingakusiza:

  • Kungani ukuWa kwakudingeka na?

  • Yiyona yiphi indima eyadlalwa nguKristu ekunqobeni imiphumela yokuWa na?

  • Ngabe ukuqonda kahle ukuWa kusisiza kanjani ukuba sikuqonde kahle ukumdinga kwethu uJesu Kristu na?

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Isithombe
uJesu Kristu

Let Not Your Heart Be Troubled [Inhliziyo Yenu Mayingakhathazeki], nguHoward Lyon

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 1:13, 15, 23

UJesu Kristu ungisiza ukuba nginqobe imiphumela yesono.

  • Ukusiza abantwana bakho basiqonde isimemo sikaLehi soku “vuthuza amaketanga” esono, mhlawumbe ningahle nisebenze ndawonye ukwenza iketanga ngezingcezu zamaphepha. Ocezwini ngalunye, abantwana bakho bangakusiza nibhale ezinye zezinto uSatane asilinga ukuba sizenze. Ningabe-ke senifunda ndawonye ku 2 Nefi 1:13, 15, 23 ngesikhathi belingisa eminye yemishwana kulamavesi––okubalwa kuyo ukuvuthuza iketanga lephepha. Isono sifana kanjani neketanga na? Ngabe uJesu usisiza kanjani “ukuvuthuza amaketanga” esono na?

2 Nefi 1:20

Ngibusisiwe uma ngihlonipha imiyalelo kaNkulunkulu.

  • Kungabasiza yini abantwana bakho ukuqhathanisa imiyalelo kaNkulunkulu nezicathulo, izigqoko, noma nezinye izinto ezisivikelayo na? Mhlawumbe ungahle ubavumele bakugqoke okunye ngesikhathi ukhuluma ngokuthi imiyalelo isivikela kanjani. Ungabe usufunda ku 2 Nefi 1:20, ugcizelele ukuthi siya “phumelela” (siyabusiseka noma sivikeleke) lapho siyigcina imiyalelo. Yabelana nabo ngokuzuzile wena mhla ubusiseka noma uvikeleka ngokulandela imiyalelo.

  • Ukubonisa umehluko phakathi kokuphumelela kanye nokuhlukaniswa noNkulunkulu (bheka ku 2 Nefi 1:20), wena nabantwana bakho ningahle nibuke isitshalo esiphilayo kanye neqabunga noma igatsha elihlukanisiwe nesitshalo. Emva kwalokho abantwana bakho bangahle babuyekeze lokho uNefi nabafowabo abakhetha ukukwenza (bheka kulezi zahluko 1 Nefi 2:11–16; 3:5–7; 18:9–11). Ngabe yaba yini imiphumela yalokho abakhetha ukukwenza na? Yikuphi esikhetha ukukwenza okusisiza sihlale sixhumene noNkulunkulu na?

2 Nefi 2:11, 16, 27

UNkulunkulu wanginika inkululeko yokuzikhethela.

  • Ukusiza abantwana bakho bakuqonde okwafundiswa nguLehi ngokuphikiswa nokuzikhethela, ningahle nidlale umdlalo lapho usho khona igama (njengelithi ukukhanya) abantwana bakho bona basho eliphikisana nalelo (ubumnyama). Basize bafunde ukuthi kungani ukuphikiswa kuyingxenye yesu likaNkulunkulu ngenkathi nifunda ndawonye encwadini ka 2 Nefi 2:11, 16. Emva kwalokho ningabelana ngezindaba zomntwana olingeka ukuba enze isinqumo esingalungile. Abantwana bakho bangabelana ngokuthi yikuphi okuphikisa isinqumo esihle bese beyakulingisa.

  • Ukuze bafunde umehluko phakathi kwe “nkululeko” kanye “nokuthunjwa” (2 Nefi 2:27), abantwana bakho bangahle badwebe isithombe sesilwane esivalelwe kanye nesinye esihlala endle. Yisiphi isilwane esikhululekile na? Bameme abantwana bakho ukuba bakhombe isithombe esiqinisile ngesikhathi ufunda igama elithi “khululekile” ku 2 Nefi 2:27. Fakaza ngokuthi uJesu Kristu usenza sikhululeke.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
umndeni kaLehi uguqe osebeni lolwandle

Lehi and His People Arrive in the New World [ULehi naBantu Bakhe Bafika Ezweni Elisha], nguClark Kelley Price