Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 29–Febhruwari 4 : “Ngizoyilungisa iNdlela phambi Kwakho.” 1 Nefi 16–22


“NgoJanuwari 29–Febhruwari 4: ‘Ngizoyilungisa iNdlela phambi Kwakho.’ 1 Nefi 16–22,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJanuwari 29–Febhruwari 4. 1 Nefi 16–22,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
abantu behlola iLiyahona

NgoJanuwari 29–Febhruwari 4. “Ngizoyilungisa iNdlela phambi Kwakho”

1 Nefi 16–22

Ngesikhathi umndeni kaLehi uhamba ubheke ezweni lesithembiso, iNkosi yenza lesi sithembiso: “Ngiyonilungisela indlela phambi kwenu, uma kungukuthi niyoyigcina imiyalelo yami” (1 Nefi 17:13). Ngokusobala, leso sithembiso sasingasho ukuthi loluhambo lwaluzoba lula—amalungu omndeni ayengavumelani, kwaphuka iminsalo, abantu bahlukumezeka futhi bafa, futhi kwakusadingeka bakhe umkhumbi bengenazo izinsiza namathuluzi. Nokho, ngesikhathi umndeni ubhekene nobunzima, noma imisebenzi ebonakala ingenakwenzeka, uNefi wabona ukuthi iNkosi yayingekho kude. Wayazi ukuthi uNkulunkulu “uyabondla [abathembekile], futhi abaqinise, futhi abanike amasu okuthi bakwazi ukufeza into leyo abayale ngakho” (1 Nefi 17:3). Uma uke uzibuze ukuthi kungani izinto ezimbi zehlela abantu abalungile njengoNefi nomndeni wakhe, ungathola ukuqonda kulezi zahluko. Kodwa mhlawumbe okubaluleke kakhulu, uzobona lokho abantu abalungile abakwenzayo lapho kwenzeka izinto ezimbi.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

1 Nefi 16–18

UMsindisi uzongisiza ngibhekane nezinselelo zempilo.

Umndeni kaNefi wabhekana nezinselelo ezilukhuni—njenganathi sonke. Yini ongayifunda kuNefi mayelana nokubhekana nezinkinga ngokholo kuJesu Kristu na? Funda ngalokho adlula kukho ku 1 Nefi 16:17–32; 16:34–39; 17:7–16; 18:1–4; kanye 18:9–22. Cabanga ukubhala okutholayo ngaphansi kwezihloko ezifana nalezi: “Inselelo,” “Indlela uNefi Aphendula Ngayo,” nokuthi “Indlela iNkosi Eyasiza Ngayo.” Yini oyifundayo engakusiza kwizinselelo obhekana nazo na?

Emva kokufunda kuNefi nomndeni wakhe, ungase ubhale eminye imicabango ngaphansi kwalezi zihloko: “Izinselelo Zami,” “Ngizophendula Kanjani,” kanye nokuthi “INkosi Ingangisiza Kanjani.” Ngesikhathi wenza njalo, ungabheka imibhalo efana nale: NgokukaMathewu 11:28–30; NgokukaJohane 14:26–27; uMosiya 24:13–15. ­ ­

Bheka futhi ku-Anthony D. Perkins, “Remember Thy Suffering Saints, O Our God,” ILiyahona, Nov. 2021, 103–5.

1 Nefi 16:10–16, 23–31; 18:11–22

UNkulunkulu ungihola ngezindlela ezincane futhi neziwubala.

Ngenkathi uNkulunkulu ehola umndeni kaLehi ehlane, Akabanikezanga ibalazwe elinemininingwane yokuya ezweni lesithembiso. Esikhundleni kwalokho, wabanikeza iLiyahona ukuba ibahole imihla nemihla. Ngesikhathi ufunda 1 Nefi 16:10–16, 23–31 kanye no 18:11–22, cabanga ngokwenza uhlu lwamaqiniso abonisa indlela uNkulunkulu ahola ngayo abantwana Bakhe (isibonelo, 1 Nefi 16:10 ungafundisa ukuthi uNkulunkulu ngezinye izikhathi uyasihola ngezindlela ezingalindelekile). Yikona kuphi ukufanayo okubonayo phakathi kweLiyahona noMoya oNgcwele na? Yizona ziphi “izindlela ezincane” alethe ngazo “izinto ezinkulu” empilweni yakho na?

Bheka futhi u-Alima 37:7, 38–47; IMfundiso neziVumelwano 64:33–34.

Isithombe
ULehi esebenzisa iLiyahona

If Ye Are Prepared Ye Shall Not Fear [Uma Nizilungiselele Ngeke Nesabe], nguClark Kelley Price

1 Nefi 17:1–6, 17–22

Izilingo zami zingaba yisibusiso.

Noma uNefi nabafowabo baba nezinselelo ehlane, abadlula kukho kwakuhlukile kakhulu. Ungase uqhathanise indaba kaNefi yokuhamba ehlane (bheka 1 Nefi 17:1–6) nendaba yabafowabo (bheka 1 Nefi 17:17–22). Yikona kuphi lokhu uNefi ayekwazi noma okwamusiza ukuba abe nombono okhombisa ukholo na? Cabanga ngokubhala ngobunzima osanda kudlula noma odlula kukho manje ngombono okhombisa ukholo nokubonga. Yikona kuphi okufundayo ngalokhu na?

Bheka futhi ku-Amy A. Wright, “Christ Heals That Which Is Broken,” ILiyahona, ngoMeyi 2022, 81–84.

Isikhathi esithuli sokuzindla. Ukuthatha isikhathi sokucabanga, ukudlinza, noma ukubhala kungasiholela kwintshisekelo. Kungasisiza sibone indlela imfundiso nemigomo yevangeli okuhambisana ngayo nezimpilo zethu. Uma ufundisa abanye, banikeze isikhathi sokucabanga nokubhala okubafikelayo. Lokhu kungase futhi kukhulise umfutho wabo wokwabelana ngemicabango nemizwa yabo kwabanye.

1 Nefi 19:22–24; 20–22

Ngingakwazi “ukufanekisa yonke imibhalo engcwele” kimina.

Ngoba imibhalo engcwele kade yabhalwa, kungase kubukeke sengathi ayisifanele thina namuhla. Kepha uNefi wayazi kangcono. Wathi, “Ngayibhekisa kithi yonke imibhalo engcwele, ukuze ibe wusizo kithi futhi isifundise” (1 Nefi 19:23). Lesi isizathu esisodwa esenza uNefi athole amandla amaningi emibhalweni engcwele.

Cabanga ngemibuzo enjengalena ngesikhathi ufunda ku 1 Nefi 20–22:

1 Nefi 20:1–9.Lamavesi afundisani ngabantu besikhathi sika-Isaya na? Ngabe yini oyitholayo ebhekiswe kuwe na?

1 Nefi 20:17–22.Lamavesi afundisani ngendlela uBaba oseZulwini ahola ngayo abantu besikhathi sika-Isaya na? Ngabe Ukumema ukanjani ukuthi umlandele na?

Yini enye oyitholayo ku 1 Nefi 20–22 “ongayibhekisa kuwe” na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

1 Nefi 16:10, 28–29; 18:8–13, 20–22

Ngesikhathi ngigcina imiyalelo, iNkosi iyangihola.

  • Uma unekhampasi, ibalazwe, noma enye into esisizayo sibone indlela, ungayikhombisa abantwana bakho. Le kungaba indlela enhle yokuqala ingxoxo ngeLiyahona, ongafunda ngayo ku 1 Nefi 16:10, 28–29. Ngabe yiziphi ezinye izizathu ezingadala ukuthi ikhampasi ingasebenzi na? Ngabe kungani iLiyahona yayibuye ingawusebenzeli umndeni kaLehi na? (Bheka 1 Nefi 18:9–12, 20–22). Yini uBaba oseZulwini asinike yona namuhla ukuze sibuyele Kuye na?

  • Ukusiza abantwana besebenzise abakufundayo ngeLiyahona ku 1 Nefi 16:10, 26–31; 18:8–22, ungabamema ukuba bacabange ngesinqumo esibalulekile noma esilukhuni. Ngabe uNkulunkulu usinikezeni ukusisiza namuhla esebenza njengeLiyahona na? (Bheka, isibonelo, u-Alima 37:38–44.) Cabanga ukwabelana ngokuthile odlule kukho lokho uBaba oseZulwini akuhola kukho.

1 Nefi 10:17–32

Ngingaba isibonelo esihle emndenini wami.

  • Ngesikhathi nifunda 1 Nefi 16:21–32 ndawonye, siza abantwana bakho bathole indlela isibonelo sikaNefi sabusisa ngayo umndeni wakhe. Lokhu kungase kuholele engxoxweni emayelana nendlela esingafana ngayo noNefi. Mema abantwana bakho ukuba bahlele into eyodwa abangayenza ukuba nomthelela omuhle kwamanye amalungu omndeni.

1 Nefi 17:7–19; 18:1–4

UBaba Osezulwini angangisiza ngenze izinto ezinzima.

  • Abantwana bayathanda ukulanda izindaba. Ungabamema ukuba bekuxoxele indaba kaNefi eyalwa ukuba akhe umkhumbi (bheka 1 Nefi 17:7–19; 18:1–4; bheka futhi “Isigaba 7: Ukwakha Umkhumbi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni, 21–22. ­ Yini eyasiza uNefi ebe nesibindi ngesikhathi abafowabo bemdelela ngenxa yokuzama ukwakha umkhumbi na?

  • UNefi wayengakwazi ukwakha umkhumbi, ngakho-ke wathemba iziyalo ezivela kuNkulunkulu. Emva kokufunda 1 Nefi 18:1 nawe, abantwana bakho bangagcwalisa ikhasi lomsebenzi laleli sonto. Ngesikhathi benza njalo, xoxa nabo ngendlela uBaba oseZulwini angasisiza ngayo ukuthi senze izinto ezinzima, njengoba asiza uNefi.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
UNefi kanye nomndeni wakhe esikebheni

They Did Treat Me with Much Harshnes [Bangiphatha Kabuhlungu Kakhulu], nguWalter Rane