Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoFebhruwari 19–25: “O Likhulu Kangakanani Isu likaNkulunkulu Wethu.” 2 Nefi 6–10


NgoFebhruwari 19–25: ‘O Likhulu Kangakanani Isu likaNkulunkulu Wethu.’ 2 Nefi 6–10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoFebhruwari 19–25. 2 Nefi 6–10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
uJesu ekhuleka eGetsemani

Not My Will, but Thine, Be Done [Makungenziwa Intando Yami, Kodwa Eyakho], nguHarry Anderson

NgoFebhruwari 19–25: 2 Nefi 6–10: “O Likhulu Kangakanani Isu likaNkulunkulu Wethu”

2 Nefi 6–10

Kwase kudlule iminyaka engekho ngaphansi kwama-40 selokhu umndeni kaLehi washiya iJerusalema. Babesemhlabeni ababengawujwayele futhi owawumusha futhi, ukude kakhulu neJerusalema. ULehi wayeseshonile, futhi umndeni wakhe wase uqale okwakuzophenduka ukungezwani okuzothatha amakhulunyaka phakathi kwamaNefi—“ababekholelwa ezexwayisweni kanye nasezambulweni zikaNkulunkulu”—namaLamani wona ayengakholwa (2 Nefi 5:6). Kulezi zimo, uJakobe, owayengumfowabo kaNefi omncane futhi manje wayesegcotshelwe ukuba uthishela kumaNefi, wayefuna abantu besivumelwano bazi ukuthi uNkulunkulu wayengasoze abakhohlwe, ngakho-ke, kumele bangalinge bamukhohlwe. Lona umyalezo ngempela esiwudingayo namuhla (bheka IMfundiso neziVumelwano 1:15–16). “Masimkhumbule, … ngokuba asilahlwanga. … Zinkulu izethembiso zeNkosi,” wamemezela (2 Nefi 10:20–21). Kuzo lezo zethembiso, asikho esikhulu kunesethembiso “[se]nhlawulo engapheliyo” ukunqoba ukufa nesihogo (2 Nefi 9:7). “Ngalokho-ke,” kwaphetha uJakobe, “thokozani ezinhlizyweni zenu”! (2 Nefi 10:23).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

2 Nefi 6–8

INkosi inomusa ebantwini Bayo futhi izofeza zonke izivumelwano Zayo.

Ukusiza abantu bakhe baqonde ukuthi babeyingxinye yendlu ka-Israyeli futhi babengathemba uNkulunkulu nezethembiso Zakhe, uJakobe waphinda iziprofetho zika-Isaya, ezilotshwe ku 2 Nefi 6–8. Lowo myalezo owakho nawe, ngoba abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bayingxenye yabantu besivumelwano baNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda lezi zigaba, zindla ngemibuzo efana nale elandelayo:

  • Yikona kuphi engikufundayo ngothando oluhlengayo lukaMsindisi ngami na? Yimaphi amagama noma imisho echaza lolu uthando kahle kakhulu na?

  • UMsindisi ubanikezani abamfunayo na?

  • Yikona kuphi engingakwenza ukuze “ngilindele” uMsindisi nezibusiso Zakhe azethembisile na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 9:1–26

UJesu Kristu uyangisindisa esonweni nasekufeni.

Indlela yokukhulisa uthando lwakho ngoJesu Kristu ukucabanga ukuthi singaba yini ngaphandle Kwakhe. Ngesikhathi ufunda u-2 Nefi 9:1–26, cabanga ukugqamisa ngombala owodwa okungenzeka kithina ngaphandle kweNhlawulo kaJesu Kristu. Bese, ngomunye umbala, ungagqamisa esingakuthola ngeNhlawulo kaMsindisi. Ngokwalokhu okufundile, ungachaza kanjani ukuthi siyidingelani iNhlawulo kaJesu Kristu na? Ngabe yikona kuphi okutholayo okukugqugquzelayo ukuthi udumise “ ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, umusa kanye nesihawu sakhe” na? (2 Nefi 9:8).

Ngaphezulu kokufundisa lokho uJesu Kristu asisindisa kukho, uJakobe waphinda wafundisa ngendlela Akwenza ngayo. Cabanga ngokubhala okutholayo ku 2 Nefi 9:11–15, 20–24.

UJakobe wayelijabulela isu likaNkulunkulu lokukhululwa kangangokuthi wathi, “O likhulu kangakanani isu likaNkulunkulu.” Bheka akushoyo ku 2 Nefi 9 (okuningi kutholakala emavesini 8–20). Yikona kuphi okufundayo kulamavesi ngesu likaNkulunkulu na? Ngabe yiziphi ezinye izehlakalo ezike zakusiza uzwe okunye kwalokho uJakobe akuzwa na? ­

2 Nefi 9:7

INhlawulo kaMsindisi engapheliyo.

Ngabe yini ongayenza ukuqonda kangcono “inhlawulo engapheliyo” kaJesu Kristu na? (2 Nefi 9:7). Mhlawumbe bangabuka noma bacabange izinto ezibonakala zingapheli ngokwenani—utshani ensimini, izinhlamvu zesihlabathi ebhishi, noma izinkanyezi esibhakabhakeni. Kungani iNhlawulo yoMsindisi ingapheliyo na? Kungani futhi kuyinto yomuntu siqu na? Yiyona yiphi imishwana ku 2 Nefi 9 ejulisa ukubonga kwakho ngalokho uMsindisi akwenzele khona na?

2 Nefi 9:27–54

Ngingeza kuKristu futhi ngilandele isu likaNkulunkulu.

Ku 2 Nefi 9, uJakobe usebenzise imisho enamandla nephikisanayo owokuqala othi: “isu lomusa loMdali omkhulu” kanye nothi “O lelosu lobuqili lomubi” (2 Nefi 9:6, 28). Mhlawumbe ungadweba indlela bese uyinikeza igama elithi Isu likaBaba oseZulwini. Bese ubheka 2 Nefi 9:27–52. Bheka izexwayiso nezimemo uJakobe azinikeza ukusisiza silandele lelisu. Bhala okutholayo ngaphandle kwendlela. Ngabe uSathane uzama kanjani ukusisusa kwisu likaNkulunkulu na? Ngabe uzwa intshisekelo yokuthi wenzeni ngenxa yezixwayiso nezimemo zikaJakobe na?

2 Nefi 10:20, 23–25

Umnikelo kaJesu Kristu ungangilethela intokozo.

Umyalezo waJakobe kwakuwumyalezo onentokozo. Wathi, “Ngikhuluma kini lezi zinto ukuze nithokoze, futhi niphakamise amakhanda enu ingunaphakade” (2 Nefi 9:3). Ngesikhathi ufunda 2 Nefi 10:20, 23–25, yikona kuphi okutholayo okukujabulisayo na? Yini ozoyenza ukuze uzikhumbule lezo zinto uma udangele na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 9:6–10, 19–24

UJesu Kristu unguMsindisi wami.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba baqonde futhi bazwe ukuthi bayamudinga uMsindisi uJesu Kristu na? Ikhasi lomsebenzi laleli sonto lingasiza. Lisebenzisa isifaniso somgodi nesenyukelo. Cabanga ngokusebenzisa 2 Nefi 9:21–22 ukuxoxa nabantwana bakho ngesizathu sakho sokujabulela uJesu Kristu.

  • Enye indlela yokusiza abantwana bakho baqonde isizathu sokuba sidinge uMsindisi ukubafundisa ngokuWa. Ungakhombisa isithombe sika-Adamu no-Eva, , nesithombe sikaJesu Kristu esesiphambanweni. Cabanga ngokubacela bachaze ukuthi kwenzakalani esithombeni ngasinye. Thina sifana kanjani no-Adamu no-Eva na? Mhlawumbe 2 Nefi 9:6–10 ungabasiza babone ukuthi uJesu Krisu usenzelani. Cabanga ngokumema abantwana ukuba babelane ngemizwa yabo engoJesu Kristu. ­

Fundisa iqiniso ngokusebenzisa izindaba nezibonelo. Qinisekisa ukuthi izindaba nezibonelo ozisebenzisayo zifundisa iqiniso. Isibonelo, uma usebenzisa ikhasi lomsebenzi laleli sonto, fundisa ukuthi uJesu Kristu wangena “emgodini” ukusisiza yonke indlela ngesikhathi sigibela, siphuma.

2 Nefi 9:20, 28–29, 42–43, 49

“Inhliziyo yami iyathokoza ngokulunga.”

  • Ukugqugquzela abantwana bakho ukuba “[ba]thokoz[e] ngokulunga” noma bathobele iNkosi ngenjabulo (2 Nefi 9:49), mhlawumbe ongabelana ngezibonelo lapho umntwana ethatha khona isinqumo esihle nesibi. Mema abantwana ukuba basukume uma isinqumo siletha injabulo futhi bahlale phansi uma siletha ukudumala. Yinini lapho sizwe khona injabulo ngoba sikhethe ukulandela uJesu Kristu na?

  • Abantwana bakho kungenzeka bahlangane nabantu (uma kungakenzeki) abacabanga ukuthi imiyalo yeNkosi ingubulima noma iphuphile. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngendlela yokuchaza isizathu sokuthi sijabulele ukugcina imiyalo. Kungani kubalulekile ukwethemba imfundiso kaNkulunkulu noma singayiqondi ngokuphelele na? Ungabagqugquzela ukuba babheke ku 2 Nefi 9:20, 28–29, 42–43 ukuze bathole usizo ngesikhathi becabanga futhi bexoxa ngalemibuzo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJesu Kristu elapha abantu

He Healed Many of Diverse Diseases [Waphilisa Abaningi Abaphethwe Yizifo Ezahlukene] ngu–J. Kirk Richards