Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 4–10: “Sithokoza kuKristu.” 2 Nefi 20–25


“NgoMashi 4–10: ‘Sithokoza kuKristu.’ 2 Nefi 20–25,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024(2024)

“NgoMashi 4–10: 2 Nefi 20–25,”Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
umndeni ufunda

NgoMashi 4–10: “Sithokoza kuKristu”

2 Nefi 20–25

Imibhalo ka-Isaya iqukethe izexwayiso ezinamandla, kodwa futhi iphinde inike ithemba nentokozo. Lesi yisona sizathu esenza uNefi ayifake embhalweni wakhe: “Ngibhala amanye amazwi ka-Isaya, ukuze noma ngubani … abayowabona lamazwi baphakamise izinhliziyo zabo futhi bajabule” (2 Nefi 11:8). Empeleni, isimemo sokufunda imibhalo ka-Isaya yisimemo sokujabula. Njengo Nefi, ungazijabulela iziprofetho zika-Isaya ezimayelana nokuqoqwa kuka-Israyeli, ukuza kukaMesiya, kanye nokuthula okwethenjiswe abalungileyo. Ungakujabulela ukuphila osukwini okwaprofethwa ngalo lapho iNkosi “[i]phakamisela izizwe isibonakaliso, futhi [i]qoqe abaxoshwa bakwa-Israyeli” (2 Nefi 21:12). Uma womele ukulunga, “ngenjabulo … uyokukha amanzi emithonjeni yensindiso” (2 Nefi 22:3). Ngamanye amazwi, “[unga]thokoza kuKristu” (2 Nefi 25:26).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

2 Nefi 21–22

Ngingakuthola ukuthula kuJesu Kristu.

Abantwana baLehi babenenkinga yokuxabana. Lenkinga yaba yimbi kakhulu ezizukulwaneni zakamuva, okwaholela ekuhlukaneni, ukuthunjwa, usizi, kanye nokubhubha. Futhi ingxabano kuseyinkinga ekhona nanamhlanje.

Unalokhu emqondweni wakho, cabanga ngeziprofetho ezitholakala ku 2 Nefi 21–22. Cabanga ngokuthi uMsindisi uzigcwalisa kanjani lezi ziprofetho. Ngabe isiprofetho esithi impisi “iyohlala newundlu” sisho ukuthini kuwe na? (2 Nefi 21:6). Zindla ngokuthi yikuphi ongakwenza ukuze ube ngumlamuli.

­

2 Nefi 21:9–12

INkosi iqoqa abantu Bayo.

UNefi nomndeni wakhe babengofakazi bokuhlakazwa kuka-Israyeli (bheka ku 2 Nefi 25: 10). Manje usungabamba iqhaza ekuqoqweni kuka-Israyeli (bheka ku 2 Nefi 21:12). Ngesikhathi ufunda ku 2 Nefi 21:9– 12, cabanga ngokuthi ungasiza kanjani ukugcwalisa iziprofetho ezichazwe kulamavesi.

Isibonelo, njengoba ufunda “ngesibonakaliso” (umgomo noma iduku lombuso) esiyophakanyiswa ukuqoqa abantu baNkulunkulu, cabanga ngokubonile uNkulunkulu eqoqa abantu Bakhe, lapho bekhona nangokomoya. Ngabe yikuphi okuheha abantu eNkosini naseBandleni Layo na?

Yikona kuphi ozizwa unogqozi lokukwenza ukusiza ukuqoqa abantu baNkulunkulu na?

2 Nefi 23–24

Ukuthanda umhlaba kweBabiloni kuyowa.

Umbuso waseBabiloni wawuyingozi enkulu yombangazwe nangamabutho ku-Israyeli wasemandulo. Kodwa kubantu baNefi—nakithi namuhla—ingozi enkulu yilokhu iBabiloni ekumele: ukuthanda umhlaba nesono. Cabanga ngokuthi izexwayiso eziku 2 Nefi 23–24 kungahle kube zabathinta kanjani abantu ababeyesaba, beyikhonzile, futhi nababeyethemba ingcebo yaseBabiloni namandla ayo (isibonelo bheka kulezi zahluko namavesi 23:6–9, 11, 19–22; 24:10–19). Yizona ziphi izinto ezifanayo esingazesaba noma sizikhonze noma sizethembe namuhla na? Ucabanga ukuthi kungahle kube yimuphi umyalezo obhekiswe kuwe ovela eNkosini kulezi zahluko na? Cabanga ngezindlela ongakhombisa ngazo ukuthi “[uya]thokoza ebukhulwini [beNkosi]” (2 Nefi 23:3).

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 25:19–29

“Sikhuluma ngoKristu… Sithokoza kuKristu.”

UNefi wayekhululekile ngokwabelana ngezinkolelo zakhe––ikakhulu ngobufakazi bakhe ngoJesu Kristu. Ngesikhathi ufunda 2 Nefi 25, cabanga ngezifiso zikaNefi zoku “kholiswa abantwana [bakhe] … ukuthi bakholwe kuKristu, futhi ukuthi babuyisane noNkulunkulu” (ivesi 23). Ngabe yikuphi uNefi ayefuna abantu bakwazi ngoMsindisi na? (bheka amavesi 12–13, 16). Ngabe uNefi wazama kanjani ukukholwisa abantu ukuba bakholwe Nguye na? (bheka amavesi 19–29). Naka izindinyana kulesi sahluko ezikukholwisa ukuba ukholelwe futhi ulandele uJesu Kristu.

Abanye bethu ngeke baba nesibindi njengoba uNefi ayenaso sokukhuluma ngoKristu. Kodwa-ke mhlawumbe kukhona ongakuthola ezimfundisweni zikaNefi ku 2 Nefi 25:23–26 okukufaka ugqozi lokuba ukhulume Ngaye ngokukhululeka kwabanye. Isibonelo, ukusho kukaNefi ethi “Sithokoza kuKristu” kungahle kukufunzelele ukuba ucabange ngokuthi uMsindisi ukulethela kanjani ukuthokoza––nokuthi ungabelana kanjani nabanye ngalokho kuthokoza.

­ - ­

Ngabe yikhuphi ozizwa unentshisekelo yokukutshela abanye ngoJesu Kristu na? Uma udinga amanye amasu, ungahle uwabheke kulomthombo othi “UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPostoli” (UMthombo woLwazi lweVangeli). Iculo elinjengelithi “E Jesu uMhlengi Wethu” () lingahle likunike amanye amasu.

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 21:1–5

UJesu Kristu uzokwahlulela ngokulunga.

  • Ukusiza abantwana bakho bawacabange lamavesi, bheka umuthi ogawuliwe noma igatsha elimila emthini (noma usebenzise nasi isithombe ngezansi). Uma “igatsha” ku 2 Nefi 21:1 limele uJesu Kristu, ngabe amavesi 2–5 asifundisani Ngaye na?

Isithombe
isitshalo esincane sikhula esiqwini somuthi

2 Nefi 21:6–9

UJesu Kristu uletha ukuthula nenjabulo.

  • Ngabe incwadi ka 2 Nefi 21:6–9 ifundisani mayelana nokungezeka uma wonke umuntu elandela uMsindisi na? (Bheka futhi ku 4 Nefi 1:15–18). Singalenza kanjani ikhaya lethu libe njena na? Abantwana bakho bangahle bakuthokozele ukubuka izithombe zezilwane okukhulunywa ngazo emavesini 6–7––izilwane ngokuvamile eziyizitha kodwa ezingeke zilwe uma uJesu eseza futhi (bheka ikhasi lomsebenzi lakuleli sonto). Abantwana bakho bangahle futhi badwebe izithombe zabo benalezi zilwane bephila nazo ngokuthula noJesu.

2 Nefi 21:11–1222

INkosi iqoqa abantu Bayo.

  • U-Isaya wathi iNkosi “iyophakamisela izizwe isibonakaliso” ukusiza abantu ukuba babuthelane Kuyo (bheka ku 2 Nefi 21:11–12.). Siza abantwana bakho baqonde ukuthi isibonakaliso sifana nefulegi. Mhlawumbe bangakuthokozela ukudweba elabo ifulegi. Bangahle bafake izithombe noma amagama amele izizathu zokuthi beze kuJesu Kristu naseBandleni Lakhe. Bavumele bakhulume ngamafulegi abo, futhi ubasize ukuba bacabange ngokuthi bangabasiza kanjani abanye “baqoqane” kuJesu Kristu.

  • Emva kokufunda ndawonye encwadini ka 2 Nefi 22:4–5 ungahle ukhulume nabantwana bakho ngezinye “izinto ezinhle kakhulu” iNkosi ezenzileyo. Yizona ziphi “izenzo [zeNkosi phakathi kwethu]” esingakhuluma ngazo na? Ukusiza abantwana bakho bacabange ngalombuzo, ningase nicule ndawonye iculo elingoMsindisi, njengelithi “E Jesu Mhlengi Wethu” (). Ningashintshisana ukuqedelela umusho ofana nalona: “E Jesu Mhlengi Wethu, .” Singabasiza kanjani abanye abantu ukuba bazi ukuthi uMsindisi usenzeleni na?

2 Nefi 25:26

“Sithokoza kuKristu.”

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba “[bathokoze] kuKristu” na? ­ ­ ­

Fakaza ngoKristu. Ungazitsheli ukuthi abomndeni wakho bayazi ukuthi uzizwa kanjani ngoMsindisi. Batshele, futhi imizwa yakho ngoMsindisi mayibe nethonya lapho ukhuluma nabo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
abefundisi befundisa umndeni

I’ll Go Where You Want Me to Go [Ngizoya Lapho Ofuna Ngiye Khona], nguRamon Ely Garcia Rivas