Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 25–31: “Kuyakuphuma … elinokuPhilisa emaPhikweni Alo.” IPhasika


“NgoMashi 25–31: ‘Kuyakuphuma … elinokuPhilisa emaPhikweni Alo.’ IPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoMashi 25–31. IPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uKristu ovukileyo enabaPostoli Bakhe

Christ and the Apostles [UKristu nabaPostoli], nguDel Parson

NgoMashi 25–31: “Kuyakuphuma … elinokuPhilisa emaPhikweni Alo”

IPhasika

AbaPostoli basendulo babenesibindi ngobufakazi babo ngoJesu Kristu nangokuVuka Kwakhe (bheka IzEnzo 4:33). Izigidi zabantu zikholelwa kuJesu Kristu futhi zizama ukumlandela ngenxa yamazwi abo alotshwe eBhayibhelini. Nokho abanye bangase babe nokumangala: uma uJesu Kristu enguMsindisi womhlaba wonke, kungani-ke abake bambona ngamehlo kungabantu abambalwa ababesendaweni eyodwa encane na?

INcwadi kaMormoni imi njengobufakazi obengeziwe, obukholwisayo bokuthi uJesu Kristu unguMsindisi womhlaba, “ozibonakalisa kuzo zonke izizwe” (ikhasi lesihloko leNcwadi kaMormoni) futhi upha insindiso kubo bonke abeza Kuye. Ngaphezu kwalokho, lobu bufakazi besibili bubuye bucacise ukuthi iyini insindiso. Kungakho uNefi, uJakobe, uMormoni, kanye nabo bonke abaprofethi basebenza “ngokukhuthala ukuqopha lamazwi phezu kwezingcwephe”—ukuze basho nokusho ezizukulwaneni ezizayo ukuthi nabo “[babazi] ngoKristu, futhi … [babenethemba] lenkazimulo yakhe” (Jakobe 4:3–4). Ngalesi sikhathi sePhasika, zindla ngobufakazi obuseNcwadini kaMormoni bokuthi amandla kaMsindisi afinyelela emhlabeni wonke futhi nakumuntu siqu—ahlenga umhlaba wonke futhi ahlenga nawe.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyovuswa.

Kujwayelekile ngePhasika ukuzindla ngoVuko lukaJesu Kristu, kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela ukuvuswa na? Ngabe yiluphi ulwazi olujulileyo olunikwa yiNcwadi kaMormoni mayelana novuko na? Mhlawumbe ngalesi sikhathi sePhasika ungenza uhlu lwamaqiniso ngovuko owathola kulezi zincwadi 2 Nefi 9:6–15, 22; u-Alima 11:42–45; 40:21–25; 3 Nefi 26:4–5.

Ungahle futhi ubhale ukuthi lamaqiniso ngovuko anethonya kanjani ezenzweni zakho nasendleleni ophila ngayo. Isibonelo, cabanga ngokuthi ubungayiqedela kanjani lemisho: Ukuba bengingazazi lezi zinto … nalona othi Ngenxa yokuthi ngiyazazi lezi zinto …

­ ­

­ ­

Bheka futhi kulezi zincwadi NgokukaLuka 24:36–43; IzEnzo 24:15; I KwabaseKorinte 15:12–23.

UJesu Kristu wathwala izono zami, izinhlungu, nobuthakathaka bami.

IBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi uJesu Kristu wazihlawulela izono zethu. INcwadi kaMormoni ikhulisa ukuqonda kwethu ngomhlatshelo kanye nangokuzwa ubuhlungu kukaKristu ngezindlela ezibalulekile. Ungazithola ezinye zalezi zimfundiso kulezi zincwadi uMosiya 3:7; 15:5–9; u-Alima 7:11–13. Emva kokufunda lezi zindima, cabanga ngokubhala lokho okutholayo eshadini elifana naleli:

Ngabe wezwa ubuhlungu bani uMsindisi na?

Kungani wezwa ubuhlungu na?

Ngabe lokhu kusho ukuthini kimi na?

Nansi enye indlela yokufunda lezi zindima: Funa amaculo obona ukuthi ahambisana nezimfundiso ezikulezi zindima. ­ Ngabe yimiphi imishwana kulamaculo nakulemibhalo engcwele ekusiza ukuthi uwubonge ngokujulileyo umhlatshelo woMsindisi na?

Bheka futhi kulezi zincwadi u-Isaya 53; KumaHeberu 4:14–16.

UJesu Kristu angangihlanza futhi angisize ngingabi naphutha.

Kungashiwo ukuthi iNcwadi kaMormoni ingumlando wabantu abashintsha ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu. Ungafunda ngabakuzuza kulezi zincwadi uMosiya 5:1–2; 27:8–28; u-Alima 15:3–12; 24:7–19. Ungahle ucabange ngezinye izibonelo futhi ongafunda ngazo. Ngabe yikuphi okutholayo kulezi zigigaba okufanayo na? Ngabe yimuphi umehluko owubonayo na? Ngabe lezi zigigaba zikufundisani mayelana nokuthi iNhlawulo kaMsindisi ingakushintsha kanjani na?

Bheka futhi kulezi zincwadi u-Alima 5:6–14; 13:11–12; 19:1–16; 22:1–26; 36:16–21; u-Etere 12:27; uMoroni 10:32–33.

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundAbaNtwana

Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lalenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo kokufunda okutholakala la “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”

Ngenxa yokuthi uJesu Kristu wavuswa, nami ngizovuswa.

  • ­ ­

  • Ukuvakasha kukaMsindisi oVukileyo emazweni aseMelika kungubufakazi obunamandla boVuko Lwakhe. Cababga ngokuxoxela abantwana bakho ngalendaba, usebenzisa incwadi ka 3 Nefi 11; 17. Khuthaza abantwana bakho ukuthi bacabange ukuthi kwakungabanjani ukuzwa amanxeba Akhe (bheka encwadini ka 3 Nefi 11:14–15) noma ukuba ngomunye wabantwana Ababusisa (bheka encwadini ka 3 Nefi 17:21). Yabelanani ngemizwa yenu ngoJesu Kristu nangoVuko Lwakhe.

  • Ukusiza abantwana bakho bazitholele bona ukuthi iNcwadi kaMormoni ifundisani ngovuko, ungahle ubameme ukuba benze sengathi wena awazi lutho ngayo futhi ubacele bakuchazele yona. Basize babheke kulezi zincwadi 2 Nefi 9:10–15; u-Alima 11:41–45; nakulena u-Alima 40:21–23 ukuze bathole izimpendulo zemibuzo efana nalena: Ngabe kusho ukuthini ukuvuswa na? Ngubani ozovuswa na? Bameme futhi ukuba bafakaze ngoVuko lukaMsindisi ngesikhathi bephendula.

UJesu Kristu uyakwazi ukungiduduza.

  • UMosiya 3:7 naku u-Alima 7:11 kuchazwa ezinye zezinto uMsindisi adlula kuzo njengengxenye yeNhlawulo Yakhe. Ungahle ubafundele elinye lalamavesi abantwana bakho bese ubacela balalele amagama abatshela ukuthi uJesu wasizwela buphi ubuhlungu. Ungabe usufunda ku-Alima 7:12 ukuze uthole ukuthi kungani ezwa lobo buhlungu. Fakaza ngokuthi uJesu Kristu wazizwa zonke izinhlungu nokugula kwethu ukuze akwazi ukusiduduza.

  • Ngabe abantwana bakho banaso isihlabelelo noma ingoma abayithandayo ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe na? Ningase niyicule ndawonye—noma nifunde entsha. Khuluma ngamagama noma imishwana yeculo ekufundisa ngenduduzo nokuthula uMsindisi asipha kona.

Isithombe
UKristu ekhuleka eNsimini yaseGetsemane

Gethsemane [eGetsemane], nguMichael T. Malm

UJesu Kristu angangihlanza futhi angisize ngishintshe.

  • INcwadi kaMormoni inezibonelo eziningi zabantu abashintshwa ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu. Mhlawumbe abantwana bakho bangakhetha esisodwa salezi zibonelo, njengesika Enoshe (bheka ku-Enoshe 1:2–8), u-Alima oMncane (bheka ku Mosiya 27:8–24), noma ama-Anti-Nefi-Lehi (bheka ku-Alima 24:7–19). Ngabe lomuntu noma labantu bashintsha kanjani ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu na? Singasilandela kanjani isibonelo sabo na?

  • Wena nabantwana bakho ningahle futhi niqhathanise okuhlanzekileyo nokungcolileyo bese nikhuluma ngokuthi izinto ezingcolileyo zihlanjwa kanjani. Fundani ndawonye encwadini ka-Alima 13:11–13. Ngabe yikuphi uJesu akwenza ukuze sihlanzwe ezonweni zethu na? Ngabe lokhu kusenza sizizwe kanjani ngesono na? Ngabe lokhu kusenza sizizwe kanjani ngoMsindisi na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lakulenyanga.

Phila ngokufanelwa wukuholwa nguMoya. UMoya oNgcwele nguye onguthisha wangempela. Ngesikhathi ukufuna ukuholwa Nguye futhi uphila ngokufanele, uzokunika imicabango ukuze ukwazi ukuhlangabezana nezidingo zalabo obafundisayo.

Isithombe
UKristu ebingelela amaNefi

Illustration of Christ with the Nephites [Umfanekiso kaKristu namaNefi], nguBen Sowards