Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMashi 11–17: “Umsebenzi Omuhle noMangalisayo.” 2 Nefi 26–30


“NgoMashi 11–17: ‘Umsebenzi Omuhle noMangalisayo.’ 2 Nefi 26–30,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMashi 11–17. 2 Nefi 26–30,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
uJesu elulela owesifazane isandla

He Will Lead Thee by the Hand [Uyokuhola Ngesandla], nguSandra Rast

NgoMashi 11–17: “Umsebenzi Omuhle noMangalisayo”

2 Nefi 26–30

“Ngiyaprofetha kini mayelana nezinsuku zokugcina,” kwabhala uNefi (2 Nefi 26:14). Ngamanye amazwi, wayebhala ngezinsuku zethu. Futhi kunesizathu sokukhathazeka ngalokho akubonayo: abantu bewaphika amandla nezimangaliso zikaNkulunkulu, ukwanda komona nengxabano. Kodwa phezu “kwemisebenzi yobumnyama” yezinsuku zokugcina (2 Nefi 26:10, 22) eholwa yisitha, uNefi waphinda wakhuluma “ngomsebenzi omuhle nomangalisayo” oholwa yiNkosi uqobo (2 Nefi 27:26). Futhi ukugxila kwalowomsebenzi kuyobe kusencwadini––incwadi eveza amanga kaSathane neqoqa abalungileyo. Leyoncwadi yiNcwadi kaMormoni, umsebenzi omuhle ngumsebenzi weBandla leNkosi ezinsukwini zokugcina, isimangaliso wukuthi Usimema sonke, nobuthakathaka bethu, ukuba sibambe iqhaza kuwo.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

2 Nefi 26–27; 29–30

UNkulunkulu wayilungiselela izinsuku zethu iNcwadi kaMormoni.

Ku 2 Nefi 26–27, uNefi wakhuluma kakhulu ngesiprofetho sasekuqaleni sika-Isaya (bheka u-Isaya 29) wasifanisa nabantu bakhe kanye nombhalo wabo––iNcwadi kaMormoni. UNefi wazi ngesambulo, ngisho nangaphambi kokuba iNcwadi kaMormoni ibhalwe iqedwe, ukuthi ngelinye ilanga iyokuba “yigugu elikhulu kubantwana babantu” (2 Nefi 28:2). Ngabe kungani iNcwadi kaMormoni iyigugu elikhulu kuwe na? Cabanga ngalombuzo njengoba ufunda ku 2 Nefi 29–30. Ngabe yimiphi eminye yemisebenzi “emihle” (2 Nefi 27:26) uNkulunkulu ayifezayo emhlabeni nasempilweni yakho ngeNcwadi kaMormoni na?

Bheka futhi ku Joseph Smith—Umlando 1:62–65.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 26:23–33

UJesu Kristu usimema sonke ukuba size Kuye.

Maningi amaqiniso angatholakala ku 2 Nefi 26: 23–24. Isibonelo, ungacabanga ngalokho okwenziwa uJesu Kristu “[o]kuyinzuzo emhlabeni”—nakuwe. Ngabe “ubadons[ela] [kanjani] bonke abantu”—kanye nawe—“kuye” na? Ngabe yini ozizwa ugqugquzeleka ukuyenza ukubuyisela indlela akhombisa ngayo uthando na?

Qhubeka ufunde futhi ubheke amaqiniso ngoMsindisi emavesini 25–33. Nakisisa izimemo zakhe. Ungawufingqa kanjani umyalezo kaJesu Kristu awubhekise kuwe ngomusho owodwa na? ­

Cabanga ngokuthi lamavesi angaba nomthelela kanjani endleleni ophilisana ngayo nabanye nasendleleni obamema ngayo ukuba beze kuKristu. Ungase uthole amanye amasu kumyalezo weGosa uD. Todd Christofferson ethi “The Doctrine of Belonging” (ILiyahona, Nov. 2022, 53–56).

Bheka futhi 3 Nefi 18:30–32; Dallin H. Oaks, “What Has Our Savior Done for Us?,” ILiyahona, ngoMeyi 2021, 75–77; IziHloko zemiBhalo Engcwele, “Ukuba ngoweBandla likaJesu Kristu,” Umtapo Wolwazi Lwevangeli.

Ungakwesabi ukuthula. Imibuzo emihle ithatha isikhathi ukuphenduleka. Idinga ukubhekwa, ukucabanga, kanye nentshisekelo. Isikhathi osichithayo ulinde izimpendulo zombuzo singaba isikhathi esingcwele sokuzindla. Gwema isilingo sokusivala lesi sikhathi kusanesikhathi ngokuqala okunye.

2 Nefi 28

USathane ufuna ukukhohlisa.

Iningi lamaqhinga namanga kaSathane kuyavezwa ku 2 Nefi 28. Ibheke kakhulukazi emavesini 6, 8, 21–23, 29. Ngabe kungani kudinga ukuba wazi ngamanga kaSathane na? Yini ozoyenza lapho isitha sizama ukukukhohlisa na?

Uhlu olungezansi libala imibhalo engcwele ephika ngamanga kaSathane. Bheka ukuthi uyakwazi ukuhambisana imfundiso eyiqiniso kanye namavesi aqukethe imfundiso engamanga uNefi asixwayisa ngayo ku 2 Nefi 28:

Bheka futhi kuGary E. Stevenson, “Deceive Me Not,” ILiyahona, Nov. 2019, 93–96.

2 Nefi 28:27–3129

UNkulunkulu uyaqhubeka nokunika isambulo ukuze ahole abantwana Bakhe.

NjengabaNgcwele beziNsuku zokuGcina sibusisekile ngenala yezwi likaNkulunkulu. Nakuba kunjalo, njengoba noNefi asixwayisa, singalinge sibe nomuzwa wokuthi “sanele!” Ngesikhathi uzifunda izexwayiso ku 2 Nefi 28 naku 29, zindla ngemibuzo efana nalena:

  • Ngabe iNkosi ifuna ngizizwe kanjani futhi ngiphendule kanjani ngokuphathelene nezwi Layo na?

  • Ngabe kungani kwesinye isikhathi abantu “bethukuthela” ngokuthola amanye amaqiniso avela kuNkulunkulu na? (2 Nefi 28:28). Ngike ngizizwe nginemizwa enjena na? Uma kunjalo, ngingaguquka kanjani na?

  • Ngabe kusho ukuthini ukulemukela izwi likaNkulunkulu na? Ngingamkhombisa kanjani ukuthi ngiyafuna ukuthola okuningi ngezwi Lakhe na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 26:23–28, 33

UJesu Kristu ubamema bonke ukuba beze Kuye.

  • Ukufundisa abantwana ngezimemo zoMsindisi kulamavesi, ungase uxoxe nabo ngezikhathi lapho bamema khona abantu emcimbini okhethekile, njengomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa. Bese ningafunda 2 Nefi 26:23–28 ndawonye bese nithola ukuthi uJesu usimema ukuthi senzeni. Abantwana bakho bangase bathanda ukwenza isimemo esimema umuntu ukuthi eze kuKristu. Bagqugquzele ukuthi basebenzise umusho ovela kulamavesi kwisimemo sabo.

  • Isithombe esisekugcineni kwalesisifundo sikhombisa abantu abanendabuko ehlukene. Mhlawumbe abantwana bakho bangasibuka lesisithombe ngesikhathi ufunda 2 Nefi 26:33. Ungaphinda umushwana othi “UJesu Kristu umema bonke ukuba beze Kuye” ngesikhathi abantwana bakho bekhombe umuntu ngamunye esithombeni—bese bezikhomba bona. Siza kanjani kuJesu Kristu na?

  • ­

2 Nefi 28:2; 29:7–11; 30:3–6

INcwadi kaMormoni iyisibusiso.

  • Ukusiza abantwana bakho bezwe ukuthi iNcwadi kaMormoni “[iyi]gugu elikhulu” (2 Nefi 28:2), ungagoqa INcwadi kaMormoni ibe yisipho bese uthi baqagele ukuthi kukhonani phakathi. Bangabheka izikhombiso ku 2 Nefi 30:3–6. Tshela abantwana bakho ukuthi kungani INcwadi kaMormoni iyigugu kuwe, bese ubavumele babelane ngemizwa yabo nabo.

  • Cabanga ngokucela abantwana bakho bacabange ukuthi kukhona umngani othi, “ angikudingi ukufunda INcwadi kaMormoni. Sengilifundile iBhayibheli.” Yini esingayitshela umngani wethu na? Fundani ndawonye 2 Nefi 29:7–11 ukufunda ukuthi kungani uNkulunkulu afuna sibe nazo zombili izincwadi.

2 Nefi 28:30–31

UBaba oseZulwini ungifundisa ukancane-kancane.

  • Ungasicabanga isifundo esiwusizo sokusiza abantwana bakho ukuthi baqonde ukuthi kusho ukuthini ukufunda “umugqa phezu komunye umugqa.” Isibonelo, bangahlanganisa iphazeli noma bakhe okuthile ngezithini, okukodwa ngesikhathi. Noma ungabafundisa ikhono kancane-kancane, njengokubopha ifindo noma ukudweba isithombe. Bese ningafunda 2 Nefi 28:30 nixoxe ngokuthi uBaba oseZulwini usifundisa kanjani iqiniso elilodwa ngesikhathi.

  • Elinye isu kungaba ukukhetha umushwana ovela ku 2 Nefi 28:30 futhi nishintshisane ukuwubhala, igama elilodwa ngesikhathi. Kufana kanjani lokhu nendlela uNkulunkulu asinikeza ngayo iqiniso na? Ngabe kungani uNkulunkulu embula iqiniso kithi “umugqa phezu komunye umugqa, umyalelo phezu komunye umyalelo, ingcosana lapha nengcosana laphaya” esikhundleni sokwembula konke ngesikhathi esisodwa na? Singamkhombisa kanjani uNkulunkulu ukuthi sifuna ukuthola amanye amaqiniso Kuye na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJesu Kristu ephakathi nesixuku

Christ in the Midst [UKristu Ephakathi Nesixuku], nguJudith A Mehr