Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMeyi 13–19: “Ukukhanya … Okungenakufiphaliswa Nanini.” uMosiya 11–17


“NgoMeyi 13–19: ‘Ukukhanya … Okungenakufiphaliswa Nanini.’ uMosiya 11– 17,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMeyi 13–19. uMosiya 11–17,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
u-Abinadi efakaza eNkosini uNowa

uAbanadi Ngaphambi KweNkosi uNowa, ngu-Andrew Bosley

uNgoMeyi 13–19: “Ukukhanya … Okungenakufiphaliswa Nanini”

uMosiya 11–17

Imililo emikhulu ingaqala ngenhlansi eyodwa. U-Abinadi wayeyindoda eyodwa kuphela efakaza ngokumelene nenkosi enamandla kanye nenkantolo yayo. Amazwi akhe anqatshwa izikhathi eziningi, waze wagwetshwa intambo. Nokho ubufakazi bakhe ngoJesu Kristu, “ongukukhanya … okungenakufiphaliswa nanini” (uMosiya 16:9), bavusa okuthile ngaphakathi kompristi osemncane u-Alima. Futhi leyonhlansi yokuguqulwa yakhula kancane kancane ngenkathi u-Alima eletha abanye abaningi ekuphendukeni kanye nasekukholweni uJesu Kristu. Amalangabi abulala u-Abinadi agcina ecimile, kodwa umlilo wokholo owadalwa amazwi akhe wawuzoba nomthelela waphakade kumaNefi—kanye nakulabo abafunda amazwi akhe namuhla. Iningi lethu alisoze labhekana nalokho u-Abinadi akwenza ngenxa yobufakazi bethu, kodwa sonke sinezikhathi lapho ukulandela uJesu Kristu kuyisivivinyo kwesibindi nokholo lwethu. Mhlawumbe ukufunda ngobufakazi buka-Abinadi kuzobhebhethekisa amalangabi obufakazi kanye nesibindi enhliziyweni yakho futhi.

­

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 11–13; 17

Ngingammela uJesu Kristu, noma ngimi ngedwa.

Ngesikhathi ufunda uMosiya 11–13; 17, bheka izithombe zika-Abinadi kulesi sifundo. Ufundani ngokuma njengofakazi kaKristu na? Ungagxilisa ukufunda kwakho kwimibhalo nemibuzo efana nale:

Ngabe kunini lapho uzwe sengathi umi wedwa uvikela uMsindisi kanye nevangeli Lakhe na? Wakusiza kanjani ukuthi wazi ukuthi Unawe na? Ngesikhathi ucabanga ngalokhu, ungafunda indaba ka-Elisha nenceku yakhe encane encwadini 2 AmaKhosi 6:14–17. Ngabe yikuphi okukufaka ugqozi ngale ndaba na?

­ ­

Uzokusebenzisa kanjani lokho okufunde ku-Abinadi na? ­ Yizona ziphi ezinye izibonelo ongazicabanga na?

Bheka futhi AmaRoma 1:16; 2 Thimothewu 1:7–8; “Chapter 8: The Call for Courage,” Teachings of Presidents of the Church: Thomas S. Monson (2022), 135–47.

Fundisa ngosizo lukaMoya. “Ukufundisa ivangeli okunamandla akudingi ukulungisa isifundo kuphela kodwa kudinga ukuzilungiselela wena ngokomoya ukuze ulandele uMoya ngesikhathi ufundisa” (UkuFundisa Ngendlela yoMsindisi, 17).

uMosiya 12:19–37

Ngidinga ukusebenzisa inhliziyo yami ekuqondeni izwi likaNkulunkulu.

Abapristi beNkosi uNowa babejwayelene nezwi likaNkulunkulu. Babekwazi ukucaphuna iziqephu zombhalo ongcwele futhi bathi bafundisa imiyalelo. Kepha izimpilo zabo zazibukeka zingathintekile yivangeli likaMsindisi. Kwakwenziwa yini lokho na?

Cabanga ngalokhu njengoba ufunda u-Alima 12:19-37. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukusebenzisa inhliziyo yakho ekuqondeni izwi likaNkulunkulu na? Ngabe lokhu kuyakukhuthaza ukuthi wenze izinguquko endleleni ofunda ngayo ivangeli na?

uMosiya 13:11–26

Imiyalo kaNkulunkulu kumele ibhalwe enhliziyweni yami.

Cabanga ngalokho okwabonwa u-Abinadi ukuthi imiyalo “yayingabhaliwe ezinhliziyweni” zabapristi (Mosiya 13:11)). Ungasho ukuthini lomushwana? Ngesikhathi ufunda uMosiya 13:11–26 zibuze ukuthi lemiyalo ibhaliwe na enhlizyweni yakho.

Bheka futhi uJeremiya 31:31-34; 2 AbaseKhorinte 3:3.

uMosiya 14–15

UJesu Kristu wahlupheka ngenxa yami.

Ku Mosiya 14–15, qaphela amagama kanye nemishwana echaza uMsindisi kanye nalokho Ahlupheka ngakho ngenxa yakho. Ngabe yimaphi amavesi asiza ukujulisa uthando lwakho kanye nokubonga Ngaye na?

uMosiya 15:1–12

Ngabe uJesu Kristu uyikho kokubili uBaba neNdodana kanjani na?

Wafundisa ukuthi uNkulunkulu iNdodana—uJehova—wayeyoba uMhlengi (bheka uMosiya 15:1), ahlale enyameni, abekokubili umuntu kanye noNkulunkulu (amavesi 2–3). Wazithoba ngokuphelele entandweni kaNkulunkulu uBaba (amavesi 5–9). Ngenxa yalokhu, uJesu Kristu uyikho kokubili iNdodana kaNkulunkulu kanye nomfanekiso opheleleyo wasemhlabeni kaNkulunkulu uBaba (bheka NgokukaJohane 14:6–10).

UJesu Kristu futhi unguBaba ngomqondo wokuthi uma samukela ukuhlengwa Kwakhe, siba “inzalo yakhe” futhi siba “izindlalifa zombusa kaNkulunkulu (uMosiya 15:11–12). Ngamanye amazwi, sizalwa kabusha ngokomoya Ngaye (bheka uMosiya 5:7).

Kungani ubona kubalulekile ukwazi lamaqiniso ngoBaba oseZulwini noJesu Kristu na? Ngabe ubufakazi ba-Abinadi buqinisa kanjani ukholo lwakho kubo na?

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 11–13; 17

Ngingammela uJesu Kristu, noma ngimi ngedwa.

  • Kwesinye isikhathi ezimpilweni zethu, sibhekana nengcindezi yokuthatha izinqumo eziphikisana nokholo lwethu kuJesu Kristu. Yini abantwana bakho abangayifunda ku-Abinadi mayelana nokuma njengofakazi kaJesu Kristu, noma kungadumile na? Imidwebo ehambisana nalolu hlaka ingabasiza ukuba bayibone ngeso lengqondo indaba eku Mosiya 11–13; 17. Babuze ukuba yini abayithandayo ngo-Abinadi.

  • Abantwana bakho bangase bakujabulele ukulingisa izingxenye zendaba ka-Abinadi. Bese bengalingisa izimo ezingenzeka kule mpilo ukuze bazijwayeze ukuthi bangaphendula kanjani uma abanye befuna benze into engalungile. Noma bangaxoxa ngezimo lapho babe nesibindi khona sokulandela uJesu Kristu. Ngabe u-Abinadi wamlandela kanjani uJesu Kristu na? (bheka uMosiya 13:2–9; 17:7–10). Kungani iNkosi uNowa ingenzanga eyayazi ukuthi kulungile na? (Bheka uMosiya 17:11–12).

uMosiya 12:33–36; 13:11–24.

Kumele ngiyigcine Imiyalelo eyiShumi.

  • Abapristi beNkosi uNowa babeyazi imiyalelo kepha “yayingabhaliwe ezinhliziyweni [zabo]” (uMosiya 13:11). Uzobasiza kanjani abantwana bakho ukuba bazi imiyalelo futhi bayithande na? Mhlawumbe bangabhala imiyalelo etholakala ku Mosiya 12:33–36 kanye 13:11–24 emaphepheni asikiwe aba yizinhliziyo. Ngesikhathi bebhala, xoxa nabo ngokuthi lemiyalelo isho ukuthini nokuthi bayilandele kanjani. Siyibhala kanjani lemiyalelo ezinhliziyweni zethu na?

  • ­ Ngabe yiziphi izibusiso ezivela ekugcineni imiyalelo na?

Isithombe
ubaba nendodana befunda imibhalo engcwele

Imibhalo engcwele isifundisa imiyalelo kaNkulunkulu.

uMosiya 14; 16:4–9

UBaba oseZulwini wathumela uJesu Kristu ukuthi azosihola sibuyele Kuye futhi.

  • Noma kuyisigaba esifishane, uMosiya 14 unamagama nemishwana embalwa echaza uJesu Kristu. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningawabhala ngenkathi nifunda isigaba ndawonye. Bese ungakhuluma ngokuthi nizizwa kanjani ngoMsindisi njengoba nifunda lamagama kanye nemishwana.

  • Ukufundisa ngoJesu Kristu, u-Abinadi wacaphuna amazwi amprofethi u-Isaya, owasifanisa nezimvu ezilahlekile. Mhlawumbe abantwana bakho bangase babelane ngesikhathi belahle okuthile noma belahlekile bona. Bazizwa kanjani na? Benzanjani na? Bese ningafunda ndawonye uMosiya 14:6 kanye 16:4–9. Sifana kanjani nezimvu ezisukayo kuNkulunkulu na? Ngabe uJesu Kristu usisiza kanjani ukuthi sibuye na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
u-Abinadi efakaza eNkosini uNowa

His Face Shone with Exceeding Luster [Ubuso Bakhe Bakhanya Ngenkazimulo Enkulu], nguJeremy Winborg