Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMeyi 20-26: “Sesingene Esivumelwaneni Nayo.” uMosiya18–24


“Mosiya 20-26: Sesingene Esivumelwaneni Naye “Mosiya 18–24,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMeyi 20–26. Mosiya 18–24,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
abantu baLimihi bebaleka

NguMinerva Teichert (1888-1976), Escape of King Limhi and His People [Ukubaleka kweNkosi uLimihi kanye naBantu Bayo], 1949-1951, ngamafutha kokusakhuni, 91 cm x 122 cm. EBrigham Young University Museum of Art, ngo1969.

UMosiya 20–26: Sesingene Esivumelwaneni Nayo

uMosiya18–24

Indaba ka-Alima nabantu bakhe encwadini ka Mosiya 18; 23–24 iyakhombisa ukuthi kusho ukuthini “ukungena emhlambini kaNkulunkulu” (uMosiya 18:8). Ngesikhathi abantu ba-Alima bebhabhadiswa, benza isivumelwano noNkulunkulu sokuthi “bazomsebenzela futhi bagcine imiyalelo yakhe” (uMosiya 18:10). Nakuba lokhu kwakuwukuzibophezela komuntu uqobo, kwakuhlobene futhi nangendlela ababephathana ngayo. Yebo, uhambo olubuyela kuBaba oseZulwini lungelomuntu ngamunye, futhi akekho ongasigcinela izivumelwano zethu, kodwa lokho akusho ukuthi sisodwa. Siyadingana. Njengamalungu eBandla likaKristu, senza isivumelwano sokusebenzela uNkulunkulu ngokusiza kanye nokusebenzelana endleleni, “[si]thwalisane imithwalo yomunye nomunye” (uMosiya 18:8–10). Abantu ba-Alima ngempela babenemithwalo okwakufanele bayithwale, njengoba sonke sinayo. Futhi enye indlela iNkosi esisiza ngayo “ukuthwala imithwalo [yethu] kalula” (uMosiya 24:15) ukusinika umphakathi wabaNgcwele abathembise ukukhala kanye nathi futhi basiduduze, njengoba nathi sethembisile ukubenzela lokho.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 18:1–17

Ngesikhathi ngibhabhadiswa, ngenza isivumelwano noNkulunkulu.

Cabanga ngokuthi wawujule kangakanani umuzwa wamakholwa okukhulunywa ngawo encwadini ka Mosiya 18 ngoJesu Kristu. Kwakufanele bahlangane ngokuyimfihlo, bezibeka engozini enkulu, ukuze bafunde Ngaye (bheka ivesi 3). Futhi lapho sebenikwa ithuba lokuba bakhombise ukuzibophezela kwabo ngesivumelwano sombhabhadiso, “bashaya izandla zabo ngenxa yentokozo, futhi bamemeza bathi: Lokhu kuyisifiso sezinhliziyo zethu” (uMosiya 18:11).

Ukufunda lamavesi kungahle kube yithuba elihle lokuba uzindle ngokuthi izivumelwano zakho zibaluleke kangakanani kuwe. Njengoba ufunda kakhulu incwadi ka Mosiya 18: 8–14 cabanga ngemibuzo efana nalena:

  • Ufundani kulamavesi ngezethembiso owazenza ngesikhathi ubhabhadiswa na? Ngabe uNkulunkulu ukwethembisani na? (bheka amavesi 10, 13).

  • Ngabe isivumelwano sokusebenzela uNkulunkulu sihlobene kanjani nemizamo yethu yokusizana na? (bheka amavesi 8–9).

  • Ngabe kusho ukuthini kuwe “ukuma njengo[fakazi] kaNkulunkulu” na? (ivesi 9).

  • Ukugcina isivumelwano sakho sokubhabhadiswa kukusiza kanjani ukuthi “ugcwaliswe ngoMoya” na? (uMosiya 18:14). Ngabe uMoya ukusiza kanjani ukuba usigcine isivumelwano sakho na?

Ukuphendula lemibuzo kungahle kukuholele ekutheni uzindle ngokuthi kungani izivumelwano nezimiso zibalulekile kuNkulunkulu. ­ Kungani unokubonga ngezivumelwano zakho na? Yikuphi okwenzayo ukugcina izithembiso zakho na?

Fundisa iqiniso kwimibhalo engcwele nakubaprofethi bezinsuku zokugcina. Njengoba ufundisa––ufunda futhi––khumbula ukuthi enye yezindlela ezinhle kakhulu zokukhulisa ukholo kuKristu wukugxila emibhalweni engcwele nasemazwini abaprofethi bezinsuku zokugcina (bheka ku Mosiya 18:19).

uMosiya 18:17–30

UNkulunkulu uyala abantu Bakhe ukuba baqoqane, bahleleke, futhi babe munye.

Abanye abantu bayamangala ukuthi kungani sidinga ibandla na? Bheka ku Mosiya 18:17–31, ubheka inzuzo eyatholwa abantu ba-Alima ngokuqoqana ndawonye babe yi “bandla likaKristu” (uMosiya 18:17). Ngabe yikuphi okubona kufana eBandleni likaJesu Kristu langezinsuku zika Alima nelezikhathi zethu na?

Ungaphendula uthini kumngani noma kowasekhaya ongakholwa wukuthi kunesidingo sokuhlelwa kwebandla na? Kungani unokubonga ukuthi ungoweBandla likaJesu Kristu na?

Cabanga ngongakwenza ukuze usize amalungu esigceme noma egatsha lakho ukuthi “ahlanganiswe ndawonye ebunyeni kanye nasothandweni” (uMosiya 18:21).

uMosiya 21–24

UNkulunkulu uyangisiza ngithwale imithwalo yami.

Abantu baLimihi kanye nabantu ba-Alima bobabili bathunjwa, nakuba kwakusezimweni ezahlukene. Yikuphi ongakufunda ngokuqhathanisa okwehlela abantu baLimihi ku Mosiya 19–22 nakubantu ba-Alima ku Mosiya 18; 23–24? Ngesikhathi usakwenza lokho, bheka imiyalezo ethinta impilo yakho. Isibonelo, kusho ukuthini “ukuphumelela kancane kancane”? (uMosiya 21:16). Lomgomo ungawusebenzisa kanjani na?

uMosiya 23:21–24; 24:8–17

Ngingathembela eNkosini.

Nakuba sebephendukile ezonweni zabo, u-Alima kanye nabantu bakhe bazithola besekuthunjweni. Lendaba yabo ikhombisa ukuthi ukwethemba iNkosi nokugcina izivumelwano zethu akubususi ubunzima esibhekana nabo, kodwa kuyasisiza ukuba sibunqobe. Ngesikhathi ufunda uMosiya 23:21–24 nesahluko 24:8–17, funa amagama kanye nemishwana engakusiza ufunde ukuthembela kuNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi ukusiphi isimo.

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 18:7–17

Ngesikhathi ngibhabhadiswa, ngenza isivumelwano noNkulunkulu.

  • Indlela yokusiza abantwana bakho balungiselele umbhabhadiso ukubafundisa ngezivumelwano abazozenza uma sebebhabhadiswa. Lokhu kungahle kube yinto elula njengokubakhombisa isithombe esisekugcineni kwesifundo salelisonto bese ubafundela isivumelwano ku Mosiya 18:9–10. Cabanga ngokumema umntwana osebhabhadisiwe ukuba azofundisa ngalokhu kubantwana abancane. Abantwana bakho bangahle bakujabulele ukuzwa ngowakho umbhabhadiso. Ngabe kuyibusise kanjani impilo yakho ukugcina izivumelwano noNkulunkulu na?

  • Abantwana ababhabhadisiwe bangasebenzisa okungahlezi kubakhumbuza ngezivumelwano abazenzileyo futhi bazivuselele ngesidlo esingcwele. Mhlawumbe abantwana bakho bangaqhathanisa isivumelwano sombhabhadiso esichazwe encwadini ka Mosiya 18:8–10 nemikhuleko yesidlo esingcwele (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79). Singenza kanjani ukuthi isikhathi sesidlo esingcwele kube yisikhathi esinokuhlonipha nesikhethekile, njengoba kwakunjalo mhla sibhabhadiswa na?

Isithombe
intombazane encane ibhabhadiswa

Senza isivumelwano noNkulunkulu ngesikhathi sibhabhadiswa.

uMosiya 18:17–28

Ngesikhathi ngibhabhadiswa, ngiba yilungu leBandla likaJesu Kristu.

  • Ngabe abantwana bakho bayazi yini ukuthi kusho ukuthini ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina na? Cabanga ngokubasiza bathole izithombe ezimele lokho amalungu eBandla ayekwenza encwadini ka Mosiya 18:17–28. ­ Batshele ukuthi kungani unokubonga ngokuba yilungu leBandla likaJesu Kristu.

  • Ukusiza abantwana bazizwe “behlanganiswe ndawonye ebunyeni kanye nasothandweni” (uMosiya 18:21) kubasiza bahlale bexhumene neBandla izimpilo zabo zonke. Cabanga ngokumema abantwana bakho ukuba bafunde incwadi ka Mosiya 18:17–28. Ngabe yikuphi okwenziwa ngamalungu eBandla likaKristu ngezikhathi zika-Alima ukuthandana nokusebenzelana na? Singasilandela kanjani lesi sibonelo ezigcemeni, kumagatsha, nasemiphakathini yethu na? ­

uMosiya 24:8–17

UNkulunkulu angenza imithwalo yami ibe lula.

  • Isifundo esinezinto ezibonakalayo singenza okufundwayo kukhumbuleke njalo. Cabanga ngokugcwalisa isikhwama ngezinto ezisindayo (okumele imithwala) bese umema umntwana ukuba azosibamba isikhwama. Ngesikhathi ufunda nabantwana bakho encwadini ka Mosiya 24:8–17 bacele basuse okukodwa esikhwameni njalo uma bezwa ngokwenziwa ngu-Alima nabantu bakhe becela uNkulunkulu abasize ngemithwalo yabo. Ungabe usukhuluma nabo ngokuthi uBaba oseZulwini angayenza kanjani imithwalo yethu ibe lula lapho sicela usizo Lwakhe.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
abantu bebhabhadiswa

The Waters of Mormon [Amanzi kaMormoni], nguJorge Cocco