Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 29–Meyi 5: “Ushintsho Olukhulu.” uMosiya 4–6


“Ngo-Ephreli 29–Meyi 5: ‘Ushintsho Olukhulu.’ uMosiya 4–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“Ngo-Ephreli 29–Meyi 5. uMosiya 4–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
iNkosi uBenjamini ifundisa abantu bayo

In the Service of Your God [Usebenzela uNkulunkulu Wakho], nguWalter Rane

Ngo-Ephreli 29–Meyi 5: “Ushintsho Olukhulu”

uMosiya 4–6

Sewake wezwa othile ekhuluma wase uzwa unentshisekelo yokushintsha impilo yakho na? Mhlawumbe wanquma ukuthi, ngenxa yalokho owawukuzwile, uzophila ngendlela eyehlukile—noma ngisho eyehluke kakhulu. Intshumayelo yeNkosi uBenjamini yayilolu hlobo lwentshumayelo, futhi amaqiniso ayewafundisa abathinta ngaleyondlela abantu abawezwa. INkosi uBenjamini yabelana nabantu bayo ngalokho ingelosi eyayimfundise kona—ukuthi izibusiso ezimangalisayo zazingenzeka “ngegazi elihlawulayo likaKristu” (uMosiya 4:2). Ngenxa yomlayezo Wakhe, bazibona ngendlela eyehlukile(bheka uMosiya 4:2), uMoya waguqula izifiso zabo (bheka uMosiya 5:2), futhi benza isivumelwano noNkulunkulu sokuthi babeyohlezi benza intando Yakhe njalo (bheka uMosiya 5:5). Yiyona ndlela lena amazwi eNkosi uBenjamini abathinta ngayo abantu bakhe. Ngabe wena azokuthinta kanjani na?

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uMosiya 4

NgoJesu Kristu, ngingathola futhi ngigcine ukuthethelelwa kwezono zami.

Ngezinye izikhathi, ngisho nalapho usuzwile ukuthi uthethelelwe izono zakho, ungase ubhekane nobunzima lapho uzama ukugcina lowomuzwa futhi uhlale endleleni yokulunga. INkosi uBenjamini yafundisa abantu bayo ukuthi bangakuthola futhi bakugcine kanjani ukuthethelelwa kwezono. Njengoba ufunda isahluko 4 sikaMosiya, cabanga ngokubuza imibuzo efana nalena:

Amavesi 1–8.Ngabe yimiphi imibandela uNkulunkulu akunika ngayo ukuthethelelwa kwezono zakho na? Yikuphi okufundayo Ngaye kulamavesi okukufaka ugqozi lokuba uphenduke na? Ungazi kanjani ukuthi usuphendukile na?

Amavesi 11-16.Ngokusho kwalamavesi, yini eyenzekayo ezimpilweni zethu uma senza izinto ezichazwe evesini 11? Ngabe wena, noma othile omthandayo, nizibonele kanjani lezi zinguquko na? Qhathanisa lezi zinguquko nalezo ezichazwe ku Mosiya 3:19.

Amavesi 16–30.Ngabe ukwabelana nabanye ngalokho onakho kungahle kukusize kanjani ukuba ugcine ukuthethelelwa kwezono zakho na? Ungalisebenzisa kanjani ivesi 27 emizamweni yakho yokuba njengoKristu na?

Sonke siyiziceli ngayiphi indlela na? Ngokusho kwalamavesi, kufanele sibaphathe kanjani bonke abantwana bakaNkulunkulu na? (Bheka uMosiya 4:26). Ngubani odinga usizo lwakho na?

­

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 4:5-10

Ngiyamkholwa futhi ngiyamethemba uNkulunkulu.

Isimememo seNkosi uBenjamini sokumkholwa nokumethemba uNkulunkulu sisabalulekile namhlanje njengoba kwakunjalo nasezikhathini zasemandulo. Ngesikhathi ufunda ku Mosiya 4:5–10, bheka amaqiniso ngoNkulunkulu akunika isizathu sokumethemba. Naka izimemo iNkosi uBenjamini ezenzayo evesini le-10. Kungani ukumethemba uNkulunkulu kungakwenza kubelula ukwenza izinto iNkosi uBenjamini esimema ukuba sizenze na?

Cabanga ngokubheka lemibhalo engcwele eyengeziwe ukuze wenze uhlu lwezici zikaNkulunkulu: uJeremiya 32:17; I kaJohane 4:8; 2 uNefi 9:17; u-Alima 32:22; uMormoni 9:9; u-Etere 3:12; IMfundiso neziVumelwano 19:1–3; 88:41. Ungahle ulusebenzise uhlu lwakho ukuvela nezindlela ezahlukene zokuqedela umusho onjengalona: “Ngoba ngiyazi ukuthi uNkulunkulu u , ngingamethemba ukuba .”

Ukumethemba uNkulunkulu kuyakhula lapho kukhona esikuzuzayo Kuye. Ku Mosiya 4:1–3, ngabe yikuphi okwenza abantu beNkosi uBenjamini “bafike olwazini lobuhle bukaNkulunkulu” na? (ivesi 6). Cabanga ngalokho okuzuzile kuNkulunkulu. Ngabe lokhu okuzuzile kukufundiseni Ngaye na? Ngabe yiziphi izinyathelo ozithathayo (noma ongahle uzithathe) ukujulisa ukukholwa noma ukumethemba kwakho uNkulunkulu na?

­

Ukwabelana ngokungcwele esikubonayo nesikuzwayo. Okunye esikubonayo nesikuzwayo kungcwele kakhulu ukuba sabelane ngakho. Lapho umema abanye ukuba babelane ngabakuzwile nabakubonile, ungabafakeli ingcindezi yokukwenza lokho uma bengathandi.

uMosiya 4:29–30

Kufanele ngibheke imicabango, ukukhuluma, nanokwenza kwami.

UNkulunkulu akasiniki uhlu lwazo zonke izono esingahle sizenze. Ngokuka Mosiya 4:29–30, ngabe yikuphi akwenzayo esikhundleni salokho na? Zindla ngokuthi imicabango, amazwi, kanye nezenzo zakho zibathinta kanjani abanye. Ngabe lezi zinto zibuthinta kanjani ubudlelwane bakho noNkulunkulu na? Ngabe “[uzibheka]” kanjani wena na?

uMosiya 5:1–5

UMoya weNkosi ungenza ushintsho olukhulu enhliziyweni yami.

Kuvamile ukuba abantu bathi, “Angikwazi ukushintsha. Indlela engiyiyo nje.” Ngokuphambene nalokhu, okwenzeka kubantu beNkosi uBenjamini kusikhombisa ukuthi uMoya weNkosi ungaziguqula kanjani izinhliziyo zethu ngempela. Njengoba ufunda ku Mosiya 5:1–5, cabanga ngokuthi “ushintsho olukhulu” oluholela ekuguqukeni kwangemepela lwenzeka—noma lungenzeka—kanjani empilweni yakho. Cabanga ngoshintsho oluzwelayo, nolwenzeka kancane ngokunjalo nangezinto odlula kuzo “ezinkulu.” Ngabe lezo zinto odlula kuzo zikusiza kanjani lapho ubhekene nezilingo na?

Bheka futhi ku Hezekeli 36:26–27; u-Alima 5:14;

Isithombe
UKristu elapha owesifazane ogulayo

Healing Hands [Izandla Ezelaphayo], ngu-Adam Abram

uMosiya 5:5–15

Ngizobizwa ngegama likaKristu uma ngenza izivumelwano Naye.

Yikuphi okufundayo ku Mosiya 5:7–9 mayelana nokuthi kusho ukuthini ukubizwa ngegama likaKristu na? Ngabe imikhuleko yesidlo esingcwele (bheka ku Moroni 4–5) ifundisani ngalokhu na? Ungabonisa kanjani ukuthi “ungoka” Msindisi na?

­

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 4:1–3, 10

Ukuphenduka kuletha injabulo.

  • Ukuze ufundise ngenjabulo yokuphenduka, mhlawumbe ungahle uvumele abantwana bakho bangcolise izandla zabo bese uyanaka ukuthi bazizwa kanjani emva kokuzigeza. Emva kwalokho ungabe usuqhathanisa lokho nangendlela abantu encwadini ka Mosiya 4:1–3 abazizwa ngayo ngaphambi kokuba izono zabo zixolelwe nasemva kwalokho. Yabelana nabo ngobufakazi bakho ngamandla kaMsindisi okusihlanza ngokomoya.

  • Ngabe abantwana bakho bayakwazi yini ukuphenduka ngokugwele nangeqiniso na? Basize bathole lokho abantu beNkosi uBenjamini abakuthola ku Mosiya 4:1–3, 10. Bangabuyekeza futhi isihloko esithi “Phenduka, Ukuphenduka” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele. UJesu Kristu ukwenza kanjani ukuphenduka kwenzeke na?

uMosiya 4:12–26

IVangeli likaJesu Kristu lingifaka ugqozi lokuba ngiphathe abanye ngomusa nangothando.

  • Ukusebenzela abanye kusenza sijabule. Mhlawumbe abantwana bakho bangakhuluma ngesikhathi lapho bathanda khona noma basebenzela khona omunye umuntu nokuthi bazizwa kanjani ngenxa yokwenza lokho. Ngabe yiziphi ezinye zezizathu ezenza abantu bangathandi ukusebenzela abanye na? Yikuphi esingakusho komunye umuntu ukubamema ukuba basize abanye abadingayo na? Bheka amasu okwenza lokho ku Mosiya 4:16–26.

  • INkosi uBenjamini yafundisa ukuthi lapho siza kuKristu futhi sithola ukuthethelelwa kwezono zethu, “[sigcwaliswa] ngothando lukaNkulunkulu” (Mosiya 4:12). Lokhu kusiholela ekutheni sibe nothando nomusa kwabanye. Wena nabantwana bakho ningahle nibheke ku Mosiya 4:13–16, 26 nithole imishwana echaza ukuthi singabasebenzela kanjani abanye. Bangabe sebelingisa lezi zinto noma badwebe nezithombe zabo. Singalukhombisa kanjani uthando nomusa ekhaya, esikoleni, noma esontweni na?

Isithombe
intombazane idlala nomntwana

UJesu Kristu wasifundisa ukuba sibe nomusa kwabanye.

uMosiya 5:5–15

Lapho ngenza izivumelwano noNkulunkulu, ngizithathela igama likaKristu.

  • Abantwana bakho bangahle bakuthokozele ukwenza amabheji anegama lika “Jesu Kristu” bawagqoke abe sezinhliziyweni zabo (bheka ekhasini lalelisonto lokwenza izinto). Ngesikhathi besakwenza lokho, ungahle ubafundele ku Mosiya 5:12 bese ukhuluma ngokuthi ukwenza izivumelwano, noma izethembiso noNkulunkulu kufana kanjani nokuba negama likaKristu “libhaliwe njalo ezinhliziyweni [zethu].”

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
UKristu epha izinyoni ukudla

In His Constant Care [Ukuhlezi Unakekelwa Wuye], nguGreg K. Olsen