Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 24–30: “Ngenani Ekuphumuleni kweNkosi.” u-Alima 13–16


“NgoJuni 24–30: ‘Ngenani Ekuphumuleni kweNkosi.’ U-Alima 13-16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJuni 24–30. U-Alima 13-16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
u-Alima kanye no-Amuleki bephuma ejele

Umfanekiso ka-Alma and Amulek being delivered from prison [Alima kanye no-Amuleki bekhululwa ejele], ngu-Andrew Bosley

NgoJuni 24–30: “Ngenani Ekuphumuleni kweNkosi”

u-Alima 13–16

Ngezindlela eziningi, impilo yase-Amoniha yayiyinhle ku-Amuleki kanye noZeziromu. U-Amuleki “wayengumuntu ongenalo idumela elincane,” “enezihlobo nabangani abaningi” kanye “nengcebo eningi” (Alima 10:4). UZeziromu wayengummeli onesipiliyoni“ owayejabulela “ibhizinisi eliningi” (Alima 10:31). U-Alima wabe esefika e-Amoniha ethunywe uNkulunkulu ukuba ameme abantu ukuba baphenduke futhi “bangene ekuphumuleni kweNkosi” (Alima 13:16). Ku-Amuleki, uZeziromu, kanye nabanye, ukwamukela lesisimemo kwakudinga ukuthi bazidele futhi kwaholela ngisho nasebunzimeni obungabekezeleki.

Kodwa-ke indaba ayipheli lapho. Ku-Alima 13–16, sifunda ukuthi kwenzakalani ekugcineni kulabo abakholelwa “emandleni kaKristu anensindiso” (Alima 15:6). Kwesinye isikhathi kukhona ukukhululwa, kwesinye isikhathi ukuphiliswa—futhi kwesinye isikhathi izinto azibilula kulempilo. Kodwa njalo, “iNkosi iyabamukela [abantu Bayo] phezulu kuyo, enkazimulweni” (Alima 14:11). Njalo, iNkosi isinika “amandla ngokokholo [lwethu] olukuKristu” (Alima 14:28). Futhi njalo, lokho “kukholwa eNkosini” kusinika “ithemba lokuthi [si]zozuza ukuphila okuphakade” (Alima 13:29). Njengoba ufunda lezi zahluko, ungathola induduzo kulezi zithembiso, futhi ungase uqonde kangcono ukuthi u-Alima wayesho ukuthini lapho ekhuluma “ngokuphumula kweNkosi” (Alima 13:16).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

U-Alima 13:1–19

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Izimiso zobupristi kanye nezivumelwano zingikhomba kuJesu Kristu ukuze ngihlengwe.

Amazwi ka-Alima ku-Alima 13 embula amaqiniso anamandla ngobupristi kanye nenjongo yabo—ukusilungiselela ukungena “ekuphumuleni kweNkosi,” noma ukuphila okuphakade (Alima 13:16). Mhlawumbe ungazama ukuthola okungenani iqiniso elilodwa evesini ngalinye ku-Alima 13:1–19. Nansi imibono ongaqala ngayo:

Ivesi 1.Ubupristi bubizwa nangokuthi “uhlelo lweNdodana [kaNkulunkulu] (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 107:1–4).

Ivesi 2.UNkulunkulu ugcoba abapristi ukuze basize abantu babheke eNdodaneni Yakhe ukuze bakhululwe.

Yikuphi okunye okutholayo? Uzizwa kanjani ngobupristi njengoba uzindla ngalamaqiniso na?

Wake wacabanga ngezimiso zobupristu njengesipho esivela kuNkulunkulu ukukusiza “ulindele iNdodana ukuze uhlengwe” na? (ivesi 2; bheka futhi-ivesi 16). Mhlawumbe ungenza uhla lwezimiso ozitholile, njengokubhabhadiswa, ukuqiniswa, isidlo esingcwele, ukwahlukaniselwa ubizo, isibusiso senduduzo noma ukwelashwa, isibusiso senzalamizi, kanye nezimiso zasethempelini. Zindla ngalokho odlule kukho ngenxa yezimiso ezifana nalezi. Cabanga ngokuthi kwakumeleni kanye noMoya owawuzwa. Ngabe isimiso ngasinye sikukhomba kanjani kuJesu Kristu ukuze uhlengwe na?

Abanye abantu bakholelwa ephutheni elithi izimiso—kanye negunya lobupristi lokuzenza—azinasidingo. Ungawuphendula kanjani lowo mbono na? ­

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 84:19– 22.

Isithombe
abafana etafuleni lesidlo esingcwele

Izimiso zobupristi zisisiza ukuthi sibheke kuJesu Kristu ukuze sikhululwe.

u-Alima 13

INkosi ingimema ukuba ngingene ekuphumuleni Kwayo.

Isimemo “[soku]ngena ekuphumuleni kweNkosi” (Alima 13:16) siphindwa kaningi ku-Alima 13. Mhlawumbe ungabheka wonke amavesi lapho igama elithi “phumula” livela khona bese uzindla ngokuthi ivesi ngalinye likufundisani ngokuthi “ukuphumula kweNkosi” kungase kuchaze ukuthini. Kuhluke kanjani nokuphumula ngokomzimba na? Singakuthola kanjani na?

­

u-Alima 14

Ezikhathini zokuhlupheka, kumele sithembe iNkosi.

Ungamangala, njengoba kwenza abaningi, kungani kwenzeka izinto ezimbi kubantu abazama ukuphila ngokulunga. Ungase ungazitholi zonke izimpendulo zalombuzo onzima ku-Alima 14, kodwa kuningi ongakufunda endleleni u-Alima kanye no-Amuleki abasabela ngayo ezigamekweni ezibuhlungu ababebhekene nazo. Ngabe amazwi nezenzo zabo zikufundisani ngokuthi kungani iNkosi ngezinye izikhathi ivumela abantu abalungileyo ukuba bahlupheke na? Ngabe u-Alima no-Amuleki bangasinika iseluleko esithini uma sibhekene nezivivinyo ezinzima na?

Bheka futhi KwabaseRoma 8:35–39; 1 KaPetru 4:12–14; IMfundiso neziVumelwano 122:5–9.

“Hlala ulindile njalo.” Amathuba okufundisa adlula ngokushesha, ngakho-ke kubalulekile ukuthi uwasebenzise uma evela. Isibonelo, inhlekelele emhlabeni, ingaba yithuba lokwabelana ngezimiso ezivela ku-Alima 14 mayelana nokuthi kungani iNkosi ngezinye izikhathi ivumela abangenacala ukuba bahlupheke.

u-Alima 15:16, 18

Ukuba umfundi kaJesu kudinga ukuzidela.

Kungase kukumangalise ukwenza uhlu lwezinto u-Amuleki aziyeka ukuze amukele ivangeli (bheka u-Alima 10:4–5; 15:16) futhi uliqhathanise nohlu lwalokho akuzuza (bheka u-Alima 15:8; 6:13–15; 34:8). Yini ozimisele ukuyidela ukuze ube umfundi kaJesu Kristu othembeke kakhudlwana na?

Ukuthola amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa AbaNtwana

Ngoba leliSonto liyiSonto lesihlanu lalenyanga, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba basebenzise okwenziwayo okokufunda okutholakala la “Isithasiselo B: Ukulungiselela Abantwana ukuba bahambe Izimpilo zabo Zonke Endleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano.”

u-Alima 13:1–2, 16

Amandla obupristi angisiza ngisondelane noKristu.

  • Indlela yokusiza abantwana bakho babone ukuthi amandla obupristi asikhomba kanjani kuKristu ukubakhombisa izithombe eziveza ukuthi amandla obupristi asetshenziswa kanjani. Abantwana bakho bangakusiza ucabange izindlela uJesu asebenzisa amandla Akhe ngazo (bheka, isibonelo, NgokukaMathewu 26:26–28; NgokukaMarku 5:22–24, 35–43. Ningafunda u-Alima 13:2 ndawonye bese nixoxa ngokuthi amandla obupristi asisiza kanjani “sibheke indodana [kaNkulunkulu]” futhi sifane kakhulu Nayo.

    Isithombe
    umbhabhadiso
    Isithombe
    UJesu eGcoba AbaPostoli
  • Ngabe kungani uNkulunkulu asinika izimiso na? Siza abantwana bakho bathole impendulo ku-Alima 13:16. Uma bedinga usizo ukwazi ukuthi yini isimiso, kukhona uhla kwi General Handbook, 18.1 no 18.2. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningaxoxa ngenidlule kukho ngesikhathi nithola lezi zimiso. Ngabe zisisiza kanjani ukuthi “sibheke [kuJesu Kristu] ukuze sihlengwe ezonweni [zethu]” na? ­

u-Alima 13:10–12

UJesu Kristu angangenza ngihlanzeke.

  • Emva kokufunda lamavesi ndawonye, cabanga izindlela zokusiza abantwana bakho babone ngamehlo engqondo lokho okufundiswayo. Mhlawumbe ningawasha into ethile ndawonye. Sizizwa kanjani uma singcolile na? Sizizwa kanjani uma sesihlanzekile futhi? Ngabe lemizwa ifana kanjani nesikuzwayo uma sona bese siyaphenduka futhi sihlanzeke ngeNhlawulo yoMsindisi na?

u-Alima 14:18-29

UBaba oseZulwini uyangiqinisa uma nginokholo kuJesu Kristu.

  • Ikhasi lokwenziwayo lalesonto lingakusiza—noma lisize abantwana bakho—balande indaba etholakala ku-Alima 14:18–29. Gcizelela ukuthi u-Alima no-Amuleki banikezwa amandla, ngenxa “[yo]kholo lwabo olwalukuKristu” (u-Alima 14:26). Ungahle futhi ukhulume ngesikhathi lapho uNkulunkulu akunikeza khona amandla “ngokokholo [lwakho].” Singaba kanjani nokholo njengo-Alima no-Amuleki na?

u-Alima 15:3–12

UJesu Kristu angashintsha izinhliziyo.

  • Ukushintsha kwenhliziyo kaZeziromu ngoJesu Kristu kuyagqugquzela. Cabanga ngokubuyekeza nabantwana bakho abakufundile ngesonto elidlule ngoZeziromu. Bese ningafunda ndawonye u-Alima 15:3–12 ukuthola ukuthi waguquka kanjani. Sifundani ngamandla eNkosi uma sibheka lokho uZeziromu adlula kukho na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
U-Alima no-Amuleki ejele

Alma and Amulek in Prison [U-Alima no-Amuleki ejele], nguGary L. Kapp