Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 1–7: Elinye iTestamente likaJesu Kristu. Amakhasi Ayisingeniso eNcwadi kaMormoni


“NgoJanuwari 1–7: Elinye iTestamente likaJesu Kristu. Amakhasi Ayisingeniso eNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJanuwari 1–7. Amakhasi Ayisingeniso eNcwadi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
UMormoni ebhala ezingcwepheni zegolide

NgoJanuwari 1–7: Elinye iTestamente likaJesu Kristu

Amakhasi Ayisingeniso eNcwadi kaMormoni

Ngaphambi kokuba uqale ngisho ukufunda ku 1 Nefi isahluko 1, uzokuqaphela ukuthi iNcwadi kaMormoni akuyona incwadi ejwayelekile. Amakhasi ayo ayisingeniso achaza ngomlando ongajwayelekile—okubalwa kuwo ukuhanjelwa yizingelosi, umbhalo wasemandulo owawugqitshwe amakhulukhulu eminyaka ngasegqumeni, kanye nomfana ohumusha umbhalo ngamandla kaNkulunkulu. INcwadi kaMormoni akuwona nje umlando wabantu base ndulo ababe hlala eMelika. Ifuna ukubakholiswa bonke “ukuthi uJesu unguKristu” (ibizo lekhasi leNcwadi kaMormoni), futhi uNkulunkulu uQobo nguye owayalela ukuthi ibhalwe kanjani, ilondolozwe kanjani, nokuthi thina sikwazi ukuyithola. Kulonyaka, njengoba ufunda iNcwadi kaMormoni, khuleka ngayo, futhi usebenzisa izimfundiso zayo, uzomema amandla kaMsindisi empilweni yakho. Futhi ungazizwa uthinteka ukuthi uthi, njengoba oFakazi abaThathu basho ngesikhathi befakaza, “Kuyamangalisa emehlweni [ami].”

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni

Ukuyifunda iNcwadi kaMormoni kungaqinisa ukholo lwami kuJesu Kristu.

IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni linikeza okuningi kunebizo nje. Phakathi kokunye, libala izinhloso ezimbalwa zalombhalo ongcwele. Zifune lezi zinhloso ebizweni lekhasi. Imibuzo enjengalena ingakusiza ngesikhathi uzindla ukuthi: Kungani sineNcwadi kaMormoni na? Ngabe iNcwadi kaMormoni ihluke kanjani kwezinye izincwadi na?

Manje kungenzeka ukuthi sekuyisikhathi esihle sokwenza uhlelo lomuntu siqu noma lomndeni lokufunda iNcwadi kaMormoni kulo nyaka. Ngabe uzoyifunda nini futhi kuphi na? Ngabe uzowumema kanjani uMoya ukuba ube khona lapho ufunda na? Ngabe kukhona yini okuqondene ngqo nokuthile ozokufuna lapho ufunda na? Isibonelo, ungathanda ukufuna izindinyana ezifeza izinhloso ozitholile ebizweni lekhasi. Ungathanda ukugcina uhla lwamavesi akha ukholo lwakho kuJesu Kristu.

Bheka futhi ku 2 Nefi 25:26; uMosiya 3:5–8; u-Alima 5:48; 7:10–13; uHelamani 5:12; 3 Nefi 9:13–18; 11:6–14; uMoroni 10:32–33.

Isithembiso sikamprofethi. UMongameli uRussell M. Nelson wathi, “ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi nizindla ngenikufundayo [eNcwadini kaMormoni], amafastela asezulwini azovuleka, futhi nizothola izimpendulo zemibuzo yenu nokuholwa ezimpilweni zenu” (“The Book of Mormon: What Would Your Life Be Like without It?,” ILiyahona, ngoNovemba 2017, 62–63).

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

Isandulelo eNcwadini kaMormoni;”UbuFakazi boFakazi abaThathu”;”UbuFakazi boFakazi abayisiShiyagalombili

Ngingaba ufakazi weNcwadi kaMormoni.

UMoya oNgcwele ungafakaza kuwe ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso, nakuba ungazibonanga izingcwephe zegolide njengoFakazi abaThathu nanjengoFakazi abayisiShiyagalombili. Ngesikhathi uwafunda amazwi abo, cabanga ngokuthi ubufakazi babo bubuqinisa kanjani obakho.

Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngendlela labofakazi abafakaza ngayo ngeNcwadi kaMormoni na? Zindla ngokuthi ungabelana kanjani ngobufakazi bakho beNcwadi kaMormoni—ikakhulukazi ngokufakaza kwayo ngoJesu Kristu. Isibonelo, ake ucabange ngokuthi ukhuluma nomngani ongakaze ezwe ngeNcwadi kaMormoni ngaphambilini. Ngabe yikuphi ongamtshela kona ngayo na? Ungazama kanjani ukukhuthaza umngani wakho ukuthi ayifunde na? Cabanga ngokubuyekeza Isandulelo seNcwadi kaMormoni. Kungenzeka uthole imininingwane engaba wusizo ngesikhathi wabelana nomngani wakho. ­

Cabanga ngokwenza uhlu lwezinto ozokwabelana ngazo nomngani wakho mayelana neNcwadi kaMormoni. Zama ukwabelana ngeNcwadi kaMormoni usebenzisa i-app yeNcwadi kaMormoni.

­

Isithombe
UJoseph Smith noFakazi abaThathu bekhuleka ndawonye

OFakazi abaThathu bafakaza ngeNcwadi kaMormoni.

UbuFakazi bomProfethi uJoseph Smith

Ukuvela kweNcwadi kaMormoni kwaba yisimangaliso.

Uma kukhona ongakubuza ukuthi iNcwadi kaMormoni yavelaphi, ungathini na? Ungasichaza kanjani isandla sikaNkulunkulu ekusiletheleni iNcwadi kaMormoni na? Ngesikhathi ufunda ubufakazi bukaJoseph Smith, naka ukuthi ukuchaza kanjani lokhu. Ngokusekelwe ilokho okufundayo, ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngokubaluleka kweNcwadi kaMormoni na?

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni

Ukufunda iNcwadi kaMormoni kuyangisiza ngibe nokholo kuJesu Kristu.

  • Vumela abantwana bayibuke futhi bayiphathe ngezandla iNcwadi kaMormoni. Basize bakhombe ibizo lesibili, Elinye iTestamente lika Jesu Kristu. Ungabasiza futhi bathole, ebizweni lekhasi, umushwana othi “uJesu unguKristu, uNkulunkulu waphakade, ozibonakalisa kuzo zonke izizwe. Basize baqonde ukuthi lokhu kusho ukuthi iNcwadi kaMormoni isifundisa ngoJesu Kristu. Batshele kafushane ukuthi iNcwadi kaMormoni isiluqinise kanjani ukholo lwakho kuJesu Kristu. Ungababuza futhi ngezindaba abazithandayo eNcwadini kaMormoni. ­

Isandulelo eNcwadini kaMormoni

INcwadi kaMormoni yisisekelo senkolo yethu.

  • Kulelisonto ikhasi lokwenza izinto kanye nomfanekiso lapha ngezansi kungabasiza abantwana bakho bawaqonde lamazwi kaJoseph Smith kwisandulelo eNcwadini kaMormoni:”Incwadi kaMormoni iyisisekelo senkolo yethu.” Kungathokozisa futhi nokwakha noma ukudweba igobela elinetshe eliyisisekelo phezulu. Ngabe yikuphi okungahle kwenzeke uma itshe eliyisisekelo lisuswa na? Ngabe yikuphi obekungenzeka ukuba besingenayo iNcwadi kaMormoni na? Ningahle nifunde ndawonye indinyana yokugcina kwisandulelo ukuze nithole ukuthi ngabe yikuphi okunye futhi esikufundayo lapho semukela ubuqiniso beNcwadi kaMormoni. Singayenza kanjani iNcwadi kaMormoni ibe yisisekelo sokholo lwethu kuJesu Kristu na?

Isithombe
igobela lamatshe elinetshe eliyisisekelo eliwabambile ndawonye

INcwadi kaMormoni yisisekelo senkolo yethu.

UbuFakazi boFakazi abaThathu”; “UbuFakazi boFakazi abayisiShiyagalombili

Ngingaba ufakazi weNcwadi kaMormoni.

  • Ukusiza abantwana bakho baqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba ngufakazi, ungabachazela ngokuthile okubonile bona abangakubonile. Nabo bavumele benze okufanayo. Lokhu kungaholela ekutheni nikhulume ngabantu abayishumi nanye ababona izingcwephe zegolide okwahunyushwa kuzo iNcwadi kaMormoni. Ngesikhathi nibufunda lobu bufakazi, ningahle nikhulume ngokuthi kungani labofakazi babefuna abanye abantu bazi ngobufakazi babo. Ngabe ngubani esifuna ukumtshela ngeNcwadi kaMormoni na?

UbuFakazi bomProfethi uJoseph Smith

INcwadi kaMormoni sanikwa yona ngamandla kaNkulunkulu.

  • Ukusiza abantwana bakho bafunde ngokuthi uNkulunkulu wasinika kanjani iNcwadi kaMormoni, ungahle ubafundele izingxenye “zobuFakazi bomProfethi uJoseph Smith”.” ­ Abantwana bakho bangahle bakuthokozele ukulingisa abathile endabeni izikhathi ngezikhathi.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
UJoseph ethola izingcwephe kuMoroni

Moroni Delivers the Golden Plates [UMoroni Uletha iziNgcwephe ze-Golide], nguGary L. Kapp