Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 22–28: “Bahlonywe ngokuLunga kanye nangaMandla kaNkulunkulu.” 1 Nefi 11–15


“NgoJanuwari 22–28: ‘Bahlonywe ngokuLunga kanye nangaMandla kaNkulunkulu.’ 1 uNefi 11–15,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJanuwari 22–28: 1 uNefi 11–15,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
abantu bedla isithelo somuthi wokuphila

The Love of God [Uthando lukaNkulunkulu], nguSabrina Squires

NgoJanuwari 22–28: “Bahlonywe ngokuLunga kanye nangaMandla kaNkulunkulu”

1 Nefi 11–15

Lapho uNkulunkulu enomsebenzi omkhulu afuna wenziwe ngumprofethi Wakhe, uvame ukunika lowo mprofethi umbono oyisikhumbuzo. UMose, uJohane, uLehi, kanye noJoseph Smith bonke baba nemibono enjalo––imibono eyayikhulisa imiqondo yabo futhi eyayibasiza babone ukuthi mukhulu futhi umangalisa kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu.

UNefi naye waba nomunye walemibono eguqula impilo yomuntu. Wabona ubufundisi bukaMsindisi, ikusasa lezizukulwane zikaLehi ezweni lesethembiso, kanye nokumiselwa komsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Emva kokubona lombono, uNefi wayesewulungele kangcono umsebenzi owawumhlalele ngaphambili. Futhi ukufunda ngalombono kungakusiza nawe––ngokuba uNkulunkulu unomsebenzi afuna uwenze embusweni Wakhe. Uphakathi “kwabangcwele bebandla leMvana” ababonwa nguNefi, “ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye nangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu” (1 Nefi 14:14).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

1 Nefi 11

UNkulunkulu wathumela uJesu Kristu njengesibonakaliso sothando Lwakhe.

Lapho uNefi eyibuza ingelosi mayelana nokuthi wawusho ukuthini umuthi embonweni kaLehi, ingelosi yayingavele ithi, “Umele uthando lukaNkulunkulu.” Esikhundleni sokusho njalo, yakhombisa uNefi uchungechunge lwezimpawu nezehlakalo empilweni yoMsindisi. Zibheke lezi zimpawu nezehlakalo njengoba ufunda futhi uzindla 1 Nefi 11. Ngabe yikuphi okutholayo okukusiza uqonde ukuthi kungani uJesu Kristu eyisibonakaliso sokugcina sothando lukaNkulunkulu na?

 ­ Ngabe uMsindisi ukusize kanjani ukuba uzwe uthando lukaBaba oseZulwini na?

­

1 Nefi 12–14

“Ngingahlonyiswa ngokulunga” nangamandla.

UNefi wayengezukuphila ukuze abone okuningi kwalokho akubona embonweni wakhe. Ucabanga ukuthi kungani kwakubalulekile ukuthi uNefi azazi lezi zinto na? Kubaluleke ngani ukuthi wena uzazi lezinto na? Buza lemibuzo njalo uma ufunda mayelana nokuthile uNefi akubona embonweni wakhe (bheka ku 1 Nefi 12–14). Ngabe yimuphi umuzwa owutholayo mayelana nokuzokwenziwa nguwe emsebenzini weNkosi “omkhulu … nomangalisayo” na? (1 Nefi 14:7). Ngabe yiziphi ezinye zezinto ezinkulu nezimangalisayo asekwenzele zona na?

Cabanga ikakhulu ngesethembiso esiku 1 Nefi 14:14.. Ngabe uMsindisi usigcwalise kanjani lesi sethembiso empilweni yakho na? ­

1 Nefi 13:1–9; 14:9–11

Liyini “ibandla elikhulu nelinengekile” uNefi alibona na?

UMongameli uDallin H. Oaks wachaza ukuthi “ibandla elikhulu nelinengekile” elachazwa nguNefi limele “noma yiziphi izimfundiso noma inhlangano ephikisana nokukholelwa kuNkulunkulu. Futhi lokhu ‘kuthunjwa’ leli ‘bandla’ elifuna ukukuletha kwabangcwele akuzukuba ukuboshwa ngokwenyama ukudlula ukuthunjwa yimicabango engamanga” (“Stand as Witnesses of God,” i-Ensign, Mar. 2015, 32). Ngabe uMsindisi ukusiza kanjani ukuba ugweme—futhi uphunyuke—ekuthunjweni yimicabango engamanga na?

1 Nefi 15:1–11

UNkulunkulu uzongiphendula uma ngicela ngokukholwa.

Wake wazizwa nanini sengathi awusitholi isambulo sakho siqu—sengathi uNkulunkulu wayengakhulumi nawe? Yisiphi iseluleko uNefi asinika abafowabo ngesikhathi bezizwa ngale ndlela na? (Bheka ku 1 Nefi 15:1-11.) Ungasisebenzisa kanjani iseluleko sikaNefi empilweni yakho na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

1 Nefi 15:23–25

Ukubambelela ezwini likaNkulunkulu kuyangisiza ngimelane nethonya likaSatane.

UNefi wayevame ukuba nezinto ezazibalulekile ayefuna ukuzisho kubafowabo. Kodwa wayebonakala emagange kakhulu ngalokho abatshela kona ku 1 Nefi 15:23–25. Ngabe kwakuyimuphi umyalezo kaNefi, futhi kungani wayemagange kangaka ngawo na?

IGosa uDavid A. Bednar wafundisa ukuthi “izwi likaNkulunkulu” lingasho imibhalo engcwele, lingasho amazwi abaprofethi abaphilayo, ngokunjalo noJesu Kristu uQobo. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukubambelela [uqine]” emibhalweni engcwele kanye nasemazwini abaprofethi na? Kungahle kusho ukuthini “ukubambelela uqine” kuJesu Kristu na? Ungahle ufune izimpendulo kulemibuzo enkulumweni yeGosa uBednar enesihloko esithi “But We Heeded Them Not” (iLiyahona, May 2022, 14–16).

Ngabe ukubambelela uqine ezwini likaNkulunkulu kukusiza kanjani ukwazi ukumelana nesitha na? Ukwenza ishadi elinjengaleli elilandelayo kungakusiza uhlele imicabango yakho:

 … kungisiza kanjani ukuba nginqobe ubumnyama bezilingo na? (Bheka ku 1 Nefi 12:17)

 … kungisiza kanjani ukuba “ngingayinaki” imicabango eyize nje nokuziphakamisa kwezwe na? (1 Nefi 12:18)

Ngabe ukubambelela uqine emibhalweni engcwele nasemazwini abaprofethi …

Ngabe ukubambelela uqine kuMsindisi …

­

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Imibhalo engcwele ifana nenduku yensimbi esiholela emthini wokuphila.

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

1 Nefi 11:16–33

UBaba oseZulwini wathumela uJesu Kristu ngoba uyangithanda.

  • Ukuze ifundise uNefi ngothando lukaNkulunkulu, ingelosi yakhombisa uNefi izehlakalo ezivela empilweni yoMsindisi. Nawe ungase ubenzele okufanayo abantwana bakho––banike izithombe zezehlakalo uNefi azibona ku 1 Nefi 11:20, 24, 27, 31, kanye nasevesini 33. Ngesikhathi uwafunda lamavesi, basize abantwana bakho ukuba bathole izithombe ezihambisana nezehlakalo. Ngabe yikuphi esikufundayo ngoJesu Kristu kulamavesi nakulezi zithombe na?

  • Ukucula iculo elithi “Uthando lukaBaba” kungabasiza abantwana bakho ukuba baluzwe uthando lukaNkulunkulu. Emva kokucula, babuze abantwana bakho ukuthi bafundeni kulelo culo. Ngabe yikuphi okunye esikufundayo ngothando lukaNkulunkulu ku 1 Nefi 11:22–23?

Sebenzisa imidwebo ukusiza abantwana bafunde. Lapho ufundisa abantwana indaba emibhalweni engcwele, basize bayifanekise. Ungahle usebenzise isithombe, amavidiyo, onodoli, okokugqoka, nokunye.

1 Nefi 13:26–29, 35–36, 40

INcwadi kaMormoni ifundisa amaqiniso ayigugu.

  • Ukusiza abantwana bakho bawazise amaqiniso “asobala nayigugu” aseNcwadini kaMormoni, ungahle udwebe isithombe bese uyabamema abantwana bakho ukuba bashintshe noma basuse ezinye izingxenye zaleso sithombe ukuze sibonakale sehlukile. Ungakusebenzisa lokhu ukufundisa ukuthi izinto eBhayibhelini zashintshwa futhi zasuswa ngokuhamba kwesikhathi. Fundani ndawonye ku 1 Nefi 13:40 bese nikhuluma ngokuthi ngabe iNcwadi kaMormoni (“lemibhalo yokugcina”) isisiza kanjani ukuba siziqonde “izinto ezisobala neziyigugu” ezalahleka eBhayibhelini (imibhalo “yokuqala”). Ngabe yimaphi amaqiniso “asobala nayigugu” owafundile eNcwadini kaMormoni na?

Isithombe
amakhophi eNcwadi kaMormoni ngezilimi ezahlukene

INcwadi kaMormoni ibuyisela amaqiniso evangeli alahleka ngesikhathi sokuHlubuka.

1 Nefi 15:23–24

Ukubambelela ezwini likaNkulunkulu kuyangisiza ngimelane nezilingo.

  • Nika abantwana bakho ithuba lokuba babelane ngalokho abakukhumbulayo ngombono kaLehi. Kungasiza ukusebenzisa isithombe, njengaleso sesifundo sangesonto eledlule. Ngabe yikuphi okwakuvimbela abantu ukuba bafinyelele emthini wokuphila na? Yikuphi okwabasiza bafinyelele kuwo na? Ungahle ubacele bathole induku yensimbi kuleso sithombe. Fundani ndawonye ku 1 uNefi 15:23–24 ukuze nithole ukuthi ngabe induku yensimbi imeleni nokuthi ingasisiza kanjani.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
Umbono kaNefi ngoMariya kanye nomntwana uJesu

Nephi’s Vision of Mary [Umbono kaNefi ngoMariya], nguJames Johnson