Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 15–21: “Beze Nabo Bazodla Isithelo.” 1 Nefi 6–10


NgoJanuwari 15–21:‘Beze Nabo Bazodla Isithelo.’ 1 Nefi 6-10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJanuwari 15-21: 1 uNefi 6-10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
Umbono kaLehi womuthi wokuphila

Lehi’s Dream [Iphupho LikaLehi], nguSteven Lloyd Neal

NgoJanuwari 15–21: “Beze Nabo Bazodla Isithelo”

1 Nefi 6–10

Iphupho likaLehi—elinenduku yensimbi, inkungu yobumnyama, isakhiwo esivulekile, kanye nomuthi onesithelo “esasimnandi kakhulu”—liyisimemo esiletha ugqozi lokwemukela izibusiso zikaMsindisi zothando nomnikelo ohlawulayo. Kodwa kuLehi, lombono wawuphathelene futhi nomndeni wakhe: “Ngenxa yento engiyibonile, nginesizathu sokuthokoza eNkosini ngenxa kaNefi futhi ngokunjalo noSamu. … Kepha bhekani, Lamani nawe Lemuweli, ngiyesaba kakhulu ngenxa yenu” (1 Nefi 8:3–4). Kwathi uma uLehi eqeda ukuchaza ngombono wakhe, wanxusa uLamani noLemuweli ukuba “bawezwe amazwi akhe, nokuthi mhlawumbe iNkosi yayiyoba nesihawu kubo” (1 Nefi 8:37). Ngisho noma usuke wafunda ngombono kaLehi izikhathi eziningi, manje ake ucabange ngawo ngendlela uLehi ayecabanga ngawo—cabanga ngomuntu omthandayo. Ngesikhathi wenze njalo, ukuphepha kwenduku yensimbi, ubungozi besakhiwo esivulekile, kanye nobumnandi besithelo konke uzokuzwa ngendlela eyehlukile. Futhi uzoyiqonda ngokujulileyo “yonke imizwa yomzali omnene” owathola lombono omangalisayo.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

1 Nefi 7:6–21

Ngingabaxolela abanye.

Yini ekuhlaba umxhwele ngesibonelo sikaNefi ku 1 Nefi 7:6–21 na? Ngabe umndeni wethu ubusiseka kanjani lapho “sithethelelana ngokweqiniso” na? ­

1 Nefi 8

Ukubambelela ezwini likaNkulunkulu kungiholela kuMsindisi futhi kuyangisiza ngiluzwe uthando Lwakhe.

Umbono kaLehi uyakumema ukuba ucabange ngokuthi ukuphi ohambweni lwakho lokuba njengoMsindisi. UMongameli uBoyd K Packer wathi: “Nikuwo, sonke sikuwo. Iphupho noma umbono kaLehi wenduku yensimbi unakho konke oNgcwele weziNsuku zokuGcina akudingayo ukuba aziqonde izivivinyo zempilo” (“Lehi’s Dream and You,” New Era, Jan. 2015, 2).

Ngesikathi ufunda, cabanga ngokugcwalisa ishadi elifana naleli.

Uphawu olusembonweni kaLehi

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Uphawu olusembonweni kaLehi

Umuthi nesithelo sawo (1 Nefi 8:10–12)

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Ngabe yikuphi engikwenzayo ukumema abanye ukuzozwa uthando lukaNkulunkulu na?

Uphawu olusembonweni kaLehi

Umfula (1 Nefi 8:13)

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Uphawu olusembonweni kaLehi

Induku yensimbi (1 Nefi 8:19–20, 30)

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Uphawu olusembonweni kaLehi

Inkungu yobumnyama (1 Nefi 8:23)

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Uphawu olusembonweni kaLehi

Isakhiwo esikhulu nesivulekile (1 Nefi 8:26–27, 33)

Izincazelo

Imibuzo ongazindla ngayo

Ungaphinde ubheke lamavesi alandelayo ukuze ufunde ngamaqembu abantu amane abonwa nguLehi: 1 Nefi 8:21–23, 24–28, 30, nasemavesini 31–33. Yikona kuphi ukwehluka okubonayo kulamaqembu na? Kungani abanye bahamba emva kokufika emthini futhi emva kokudla isithelo na (bheka amavesi 24–28)? Ngabe yikona kuphi okufundayo ngabadlule kukho na?

Bheka futhi kuKevin W. Pearson, “Stay by the Tree,” ILiyahona, ngoMeyi 2015, 114–16.

Ukuze ube nespiliyoni esinokuxhumana esizokusiza ukuba ufunde mayelana nombono kaLehi,thinta lapha

Dedela abafundi babelane ngabakutholayo. Cabanga ukumema abafundi ukuba bezibkekele imibhalo engcwele ukuze bathole amaqiniso. Isibonelo, ungabamema ukuba babheke imibhalo engcwele eshadini elingenhla bebodwa noma bengamaqembu amancane. Bazowakhumbula futhi bawathokozele amaqiniso abawatholayo.

Isithombe
abantu bebambe induku yensimbi eholela emthini wokuphila

Common Thread [Udaba Oluphindayo], nguKelsy kanye noJesse Barrett

1 Nefi 10:2–16

Abaprofethi basendulo babazi ngokuthunywa kukaJesu Kristu futhi bafakaza Ngaye.

Ucabanga ukuthi kungani iNkosi ingafuna umndeni kaLehi—nathi sonke—ukuba siwazi amaqiniso atholakala ku 1 Nefi 10:2–16 na? Cabanga indlela ongasiza ngayo obathandayo ukuba bameme uMsindisi ezimpilweni zabo.

1 Nefi 10:17–19

UNkulunkulu uzongembulela iqiniso ngamandla oMoya oNgcwele.

Ngabe wenzanjani uma ucelwa ukuba uphile umgomo wevangeli ongawuqondi na? Kulemibhalo engcwele elandelayo, qaphela umehluko phakathi kwendlela uNefi aphendula ngayo mayelana nombono kaLehi (bheka ku 1 Nefi 10:17–19; 11:1) kanye nangendlela uLamani noLemuweli abaphendula ngayo (bheka ku 1 Nefi 15:1–10). Ngabe yiwona maphi amaqiniso ocabanga ukuthi uNefi wayewaqonda amuholela ukuba aphendule ngendlela aphendula ngayo na?

Ngesikhathi usacabanga ngesibonelo sikaNefi, enza uhlu lwemigomo yevangeli ongathanda ukuyiqonda kangcono. Yini ongayenza ukuze uzitholele izimpendulo na? (Bheka futhi ku “Truth Will Make You Free” ku For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 30–33.)

Njengoba uNefi azitholela ukuthi amazwi kayise ayeyiqiniso, nathi singenza okufanayo uma sizwa amazwi abaprofethi nabapostoli bamanje. Ngabe abaprofethi nabapostoli basifundiseni kwingqungquthela yebandla lonke edlule na? Ngabe usubutholile na ubufakazi mayelana nabakufundisa?

Bheka futhi 1 Nefi 2:11–19; Imfundiso neziVumelwano 8:1–3; IziHloko zeVangeli, “Isambulo,” Umtapo woLwazi weVangeli.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa AbaNtwana

1 Nefi 8

Ukubambelela ezwini likaNkulunkulu kungiholela Kuye futhi kuyangisiza ngiluzwe uthando Lwakhe.

  • Abantwana bakho bangase bekujabulele ukudweba isithombe sombono kaLehi ngesikhathi nifunda 1 Nefi 8 ndawonye. Banikeze ithuba bakhombise izithombe zabo, bese ubasiza bathole ukuthi izimpawu ezisephushweni zimeleni (bheka 1 Nefi 11:21–22; 12:16–18; 15:23–33, 36 kanye nekhasi lemisebenzi lakuleli sonto). Bacele babelane ngezimpendulo abangakwazi ukwabelana ngazo zalo mbuzo: Yini esiyifundayo ephushweni likaLehi na?

  • Ngabe unakho okungamela induku yensimbi evela ephushweni likaLehi, njengepayipi noma induku na? Vumela abantwana babambelele kukho ngesikhathi ubahola endlini baze bafike esithombeni sikaMsindisi. Kungani induku yensimbi ibalulekile embonweni kaLehi na? (Bheka 1 Nefi 8:20, 24, 30). Ngabe induku yensimbi ifana kanjani nezwi likaNkulunkulu na?

  • Mema abanye abantwana bakho ukuba bafunde 1 Nefi 8:10–12 futhi bachaze lokho uNefi akubona. Cela abanye bafunde 1 Nefi 11:20–23 futhi bachaze lokho okwabonwa nguNefi. Kungani ingelosi ingakhombisa uNefi uJesu engumntwana ukumfundisa ngothando lukaNkulunkulu na? Xoxa nabantwana bakho ngezindlela abazwe ngazo uthando lukaNkulunkulu ezimpilweni zabo. ­

1 Nefi 10:17–19; 11:1

UNkulunkulu uzongembulela iqiniso ngamandla oMoya oNgcwele.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho baqonde lokho okwafundiswa uNefi ku 1 Nefi 10:19 na? Mhlawumbe ungagoqa isithombe sikaMsindisi noma enye into ekhethekile phakathi engutsheni bese umema abantwana ukuba bayembule. Ngesikhathi ufunda 1 Nefi 10:19; bengaphakamisa izandla uma bezwa igama elithi “kwambulwa” kanye nelithi “uMoya oNgcwele.” Bese ungaxoxisana ngesikhathi lapho uMoya oNgcwele okusize khona ukuthi uthole iqiniso.

  • Cela abantwana bakho baxoxe ngabakwenzayo ukuze bathole izimpendulo uma benombuzo. Ngabe yini angayisho uNefi uma umuntu engambuza ukuthi izimpendulo zombuzo wevangeli zitholakala kuphi na? Gqugquzela abantwana ukuthi bakuthole lokhu ngokufunda 1 Nefi 10:17–19; 11:1.

  • Ngabe abantwana bakho bake bawuzwa uMoya oNgcwele ubasiza bazi ukuthi okuthile kuyiqiniso na? Banikeze ithuba lokwabelana ngabadlule kukho. Yini esingayisho kumngani ocabanga ukuthi akakwazi ukuthola iqiniso ngoMoya ongcwele na? Yikuphi esikutholayo ku 1 Nefi 10:17–19 kanye 11:1 okungasiza loyo mngani na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lakulenyanga.

Isithombe
Umbono kaLehi

The Tree of Life [Umuthi Wokuphila], ngu-Avon Oakeson