Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJanuwari 8–14: “Ngizohamba Ngizenze.” 1 Nefi 1–5


“NgoJanuwari 8–14: ‘Ngizohamba Ngizenze.’ 1 Nefi 1–5, “ Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoJanuwari 8–14. 1 Nefi 1–5,” Wozani, Ngilandeleni—INcwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
umndeni kaLehi uhamba ogwadule

Lehi Traveling Near the Red Sea [ULehi Ehamba Eduze noLwandle oluBomvu], nguGary Smith

NgoJanuwari 8–14: “Ngizohamba Ngizenze”

1 Nefi 1–5

INcwadi kaMormoni iqala ngendaba yomndeni wangempela ohlangabezana nezinkinga zangempela. Yenzeka ngonyaka wama-600 ngaphambi kukaKristu, kepha kukhona izinto kulendaba ezingezwakala zifana nalezo ezenzeka emindenini yanamhlanje. Lomndeni wawuhlala ezweni lobubi, kodwa iNkosi yabathembisa ukuthi uma babezoyilandela, yayizobaholela ekuphepheni. Endleleni baba nezikhathi ezinhle kanye nezimbi, bathola izibusiso kanye nezimangaliso ezinkulu, kodwa futhi baba nempikiswano kanye nemibango. Akwejwayelekile emibhalweni engcwele ukuba kube khona indaba enemininingwane yaloluhlobo yomndeni ozama ukuphila ivangeli: abazali abazama ukufaka ugqozi lokukholwa emndenini wabo futhi nabakhathazeka ngokuphepha kwawo, abantwana abathatha isinqumo sokuthi ngabe bazobakholwa yini abazali babo, nezelamani ezibhekana nomona nombango––kwesinye isikhathi zibuye zixolelane. Sekukonke, kunamandla esiwatholayo kulomndeni onamaphutha nezibonelo zawo zokholo.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

1 Nefi 1–5

Izwi likaNkulunkulu “liyigugu” kimi.

Omunye umyalezo ogqamileyo eNcwadini kaMormoni yizwi likaNkulunkulu “eliyigugu” (1 Nefi 5:21). Njengoba ufunda ku 1 Nefi 1–5, bheka izindlela ezahlukahlukene izwi likaNkulunkulu elibusisa ngazo umndeni kaLehi (isibonelo, bheka kulezi zahluko 1:11–15; 3:19–20; 5:10–22). Ngabe lezi zahluko zikufundisani ngezwi likaNkulunkulu na? Ngabe yikuphi okutholayo okukufaka ugqozi lokuba uyicwaninge imibhalo engcwele na?

­

1 Nefi 2

Ngingabuthola futhi ngibuqinise ubufakazi bami lapho ngiphendukela eNkosini.

UNefi uyaziwa ngokholo lwakhe eNkosini olunamandla, kodwa kwakufanele asebenze ukuze abuthole ubufakazi bakhe––njengoba kunjalo nakithi sonke. Ngabe yikuphi okufundayo ku 1 Nefi 2 okukhombisa ukuthi kungani uNefi wakwazi ukuthola ubufakazi bokuthi amazwi kayise ayeliqiniso na? Kungani uLamani noLemuweli bona bengabutholanga lobu bufakazi na? (Bheka futhi ku 1 Nefi 15:2–11). Kunini lapho uzwe khona iNkosi ikuthambisa inhliziyo na?

­

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

1 Nefi 3–4

UNkulunkulu uzongilungiselela indlela yokuba ngenze intando Yakhe.

Ngesikhathi iNkosi iyala amadodana kaLehi ukuba athole izingcwephe zethusi, ayizange inikeze imiyalelo ecacile yokuthi babezokwenza kanjani lokho. Lokhu kuvamise ukuba yiqiniso ngemiyalelo esiyitholayo evela kuNkulunkulu, futhi lokhu kungahle kwenze sizwe sengathi Usifune ukuba senze “into elukhuni” (1 Nefi 3:5). Yikuphi okukufaka ugqozi ngempendulo kaNefi ngokuphathelene nomyalelo weNkosi otholakala ku 1 Nefi 3:7, 15–16 na?

Ngesikhathi ufunda ku 1 Nefi 3–4, bheka ubunzima obahlukahlukene uNefi abhekana nabo. Ngabe iNkosi “yamulungiselela indlela” kanjani uNefi ukuba “[afeze] leyonto ayemuyale ngayo” na? Ngabe kubaluleke ngani ukuthi ukwazi lokho iNkosi eyamenzela kona uNefi na?

Enye indlela enamandla uNkulunkulu asilungiselele ngayo ukuba sigcine imiyalelo Yakhe ukuthumela uJesu Kristu ukuzoba nguMsindisi wethu. ­ ­ Ngabe uJesu Kristu usilungiselele kanjani indlela umuntu ngamunye na? Ngenxa yokwazi ukuthi Yena ukunqobele zonke izinto, ngabe yiziphi izinto ozwa uthinteka “ukuhamba uzenze” na?

­

Sebenzisa izindaba kanye nezibonelo ukufundisa imigomo yevangeli. Lapho ulungiselela ukufundisa, cabanga ngalokho wena osudlule kukho okungaba ngufakazi wesibili kulezo zindaba zemibhalo engcwele. Isibonelo, ngabe kunini lapho iNkosi ikulungiselele khona indlela ukuba wenze intando Yayo na?

Isithombe
uLehi noSariya bebingelela uNefi nabafowabo

Their Joy Was Full [Injabulo Yabo Yayigcwele], nguWalter Rane

1 Nefi 4:1–3; 5:1–8

Ukukhumbula imisebenzi kaNkulunkulu kungangipha ukholo lokuhlonipha imiyalelo Yakhe.

Ngesikhathi uLamani noLemuweli bezwa kuthi abavungame, kwakuvame ukuba khona uNefi kanye noLehi eduzane ukubafaka ugqozi nokubesekela. Lapho uzwa kuthi vungama, kungasiza ukufunda amazwi kaNefi noLehi. Ngabe uNefi noLehi bazama kanjani ukubasiza abanye ukuba bakhulise ukholo kuNkulunkulu na? (Bheka ku 1 Nefi 4:1–3; 5:1–8; bheka futhi naku 1 Nefi 7:6–21). Ngabe yikuphi okufundayo okungakusiza lapho ulingeka ukuba uvungame noma ukhononde na?

1 Nefi 4:5–18

“Ngangiholwa nguMoya.”

Ku 1 Nefi 4:5–18, ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngekhono likaNefi lokukwazi ukuwuqonda nokuwulandela uMoya na? ­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

1 Nefi 2:16

Ngingaba nobami ubufakazi.

  • Ngabe uNefi wazi kanjani ukuthi lokho uyise ayekufundisa kwakuliqiniso na? Siza abantwana bakho bathole izimpendulo zalombuzo ku 1 Nefi 2:16, 19. Bangakuthokozela futhi ukubhala izenzo zikaNefi ezitinini noma kokuthile bese bakha okuthile ngalezo zinto. Lokhu kungaholela ekutheni nikhulume ngokuthi lezi zenzo zisiza kanjani ukwakha ubufakazi.

  • Ungahle ubakhombise abantwana bakho izithombe noma okuthile okumele izinto abangahle bafune ukuba nobufakazi bazo, njengeNcwadi kaMormoni noma isithombe sikaJesu Kristu, ithempeli, noma umprofethi ophilayo. Bameme ukuba bakhethe okukodwa kwalezo zinto bese babelana ngobufakazi babo ngaleyonto. Ungahle futhi ubatshele abantwana bakho ukuthi wena wabuthola kanjani obakho ubufakazi. Ngabe sibudingelani obethu ubufakazi na?

1 Nefi 3–4

UNkulunkulu uzongisiza ngigcine imiyalelo Yakhe.

  • Wena nabantwana bakho ningahle nikuthokozele ukulingisa 1 Nefi 3:2–7. Mhlawumbe ungazenza uLehi ucele abantwana bakho ukuba babuyele eJerusalema ukuyothola izingcwephe zethusi. Bameme ukuba baphendule ngawabo amagama kube sengathi banguLamani noLemuweli noma uNefi. ­ Singafana kanjani thina noNefi na?

1 Nefi 3:19–21; 5:19–22

Imibhalo engcwele iyigugu elikhulu.

  • Imibhalo engcwele yayibaluleke kakhulu emndenini kaLehi. Ukubonisa lokhu, ungahle ubameme abantwana bakho bakusize ngokukhuluma noma balingise ukuthi uNefi nabafowabo benzani ukuze bathole izingcwephe zethusi: bahamba uhambo olude, badela igolide nesiliva labo, bacasha nasemgedeni ukuphephisa izimpilo zabo. Ungabe usufunda ku 1 Nefi 5:21 ukhulume ngokuthi kungani lemibhalo engcwele yayibaluleke kangaka emndenini kaLehi. Kungani ibalulekile kithi na? Singayiphatha kanjani imibhalo engcwele njengegugu na?

Isithombe
UNefi nomndeni wakhe befunda izingcwephe

UNefi nomndeni wakhe babeyazisa imibhalo engcwele.

1 Nefi 4:6

UMoya oNgcwele uzongisiza lapho ngifuna ukwenza intando yeNkosi.

  • Emva kokubuyekeza ndawonye ku 1 Nefi 3 mayelana nokuthi uNefi nabafowabo bazama kanjani ukuthola izingcwephe zethusi, funda kanye nabantwana bakho ku 1 Nefi 4:6 ukuze nithole ukuthi yikuphi uNefi akwenza okwamenza aphumelele ekugcineni. Emva kwalokho abantwana bakho bangenza uhla lwezinto uNkulunkulu afuna bazenze. UMoya oNgcwele ungasisiza kanjani kulezi zimo na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
UNefi eme eduze kwaLabani odakiwe

I Did Obey the Voice of the Spirit [Ngalilela Izwi likaMoya], nguWalter Rane