Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 8–14: “INkosi Isebenza Nathi.” uJakobe 5–7


“Ngo-Ephreli 8–14: ‘INkosi Isebenza Nathi.’ uJakobe 5–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundiso ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“Ngo-Ephreli 8–14: Jakobe 5–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundiso ZaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
amadoda esebenza ehlathini lezihlahla zomnqumo

Allegory of the Olive Tree [Umfanekiso wesiHlahla somNqumo], nguBrad Teare

Ngo-Ephreli 8–14: INkosi Isebenza Nathi

uJakobe 5–7

Kukhona abantu abaningi kabi abangakalizwa ivangeli likaJesu Kristu. Uma uke uzizwe uthuswa ubukhulu bomsebenzi wokubaqoqela eBandleni leNkosi, umfanekiso wezihlahla zomnqumo ku Jakobe 5 unesikhumbuzo esiduduzayo: isivini seNkosi. Unikeze umuntu ngamunye kithina indawana esingasiza kuyo ngomsebenzi Wakhe—umndeni wethu, iqembu labangani bethu, indawo esinomthelela kuyo. Futhi ngesinye isikhathi umuntu wokuqala esisiza ukumqoqa yithi uqobo. Kepha, asoze sibe sodwa kulomsebenzi, ngoba iNkosi yesivini isebenza eceleni kwezinceku zayo (bheka uJakobe 5:72). UNkulunkulu uyabazi futhi uyabathanda abantwana Bakhe, futhi uzokwenza indlela yokuba bonke bezwe ivangeli Lakhe, ngisho nalabo abamnqaba ngokwedlule (bheka uJakobe 4:15–18). Bese, uma umsebenzi usuwenziwe, bonke labo “[aba]benokukhuthala ekusebenzeni [Naye] … [ba]yokuba nokujabula [Naye] ngenxa yesithelo sesivini [Sakhe]” (Jakobe 5:75).

­

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uJakobe 5

UJesu Kristu uyiNkosi yesivini.

uJakobe 5 yindaba emele okuthile. Ichaza imithi nezithelo kanye nezinceku, kepha kahle-hle ikhuluma ngobudlelwano bukaNkulunkulu nabantu bakhe emlandweni wonke. Ngakho-ke ngesikhathi uyifunda indaba, cabanga ngezinto ezimele okuthile endabeni.

Isibonelo, uma isivini simele umhlaba, futhi nesihlahla somnqumo esithanjisiwe simele u-Israyeli (noma labo abenze izivumelwano noNkulunkulu; bheka uJakobe 5:3), ngabe izihlahla zomnqumo zasendle zimeleni na? Ngabe isithelo esihle nesimbi simeleni sona na? Yizona ziphi izimpawu ezinye ozibonayo na?

Noma uJakobe 5 ufundisa ngamazwe namakhulunyaka omlando womhlaba, uphinde ukhulume ngawe nempilo yakho. Iyona yiphi imiyalezo oyitholayo ngawe ku Jakobe 5 na?

Mhlawumbe okubaluleke kakhulu ukuthi, uJakobe 5 ukhuluma ngoJesu Kristu. Bheka Yena ngesikhathi ufunda. Yini oyifundayo Ngaye, isibonelo, emavesini 40–41, 46–47 na?

Ukuthola enye imfundiso NgoJakobe 5, bheka isithombe ekugcineni kwalesi sifundo.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

Jakobe 5:61–75

INkosi ingimema ukuba ngisebenze Nayo esivinini Sayo.

“Ezinye izinceku” (Jakobe 5:70) ezabizelwa esivinini seNkosi zibala abantu abafana nawe. Yiwona maphi amaqiniso owatholayo ku Jakobe 5, ikakhulukazi emavesini 61–62 kanye 70–75, aphathelene nokusebenza esivinini seNkosi na? Yini oyifundile Ngaye ngokusiza ngomsebenzi Wakhe na?

Ngesikhathi ufunda “[nge]sikhathi sokugcina” iNkosi esebenza ngaso kwisivini Sayo, yikona kuphi okukugqugquzela ukuthi usebenzele iNkosi “ngamandla [akho]” na? (uJakobe 5:71). Mhlawumbe bangabelana ngabadlule kukho lapho bezwa khona intokozo ngesikhathi besebenzela iNkosi yesivini—isibonelo, ngokwabelana ngevangeli, ukusebenza ithempelini, noma ukuqinisa abanye. ­

IGosa uRussell M. Nelson lafundisa: “Noma yinini uma wenza noma yini esiza noma ngubani—ohlangothini ngalunye lwesisitho—uma uthatha isinyathelo sokwenza izivumelwano noNkulunkulu futhi uthola izimiso ezibalulekile zokubhabhadiswa nezethempeli, usiza ukuqoqa u-Israyeli. Kulula kanjalo nje.” ( “Hope of Israel”[worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018], ChurchofJesusChrist.org). Cabanga ngokubhala uhla lwezinto ongazenza ukuqoqa u-Israyeli. Uma ubheka uhla lwakho, uzwa sengathi iNkosi ifisa wenzeni namuhla kwisivinini Sayo na? Uma sibheka uvesi 75, iNkosi isikhokhela kanjani ngokusebenza kwisivini Sayo na?

­

Fundisa imfundiso. Qinisekisa ukuthi izingxoxo zigxile kwimfundiso eyisisekelo etholakala emibhalweni engcwele. Ningakwenza lokhu ngokufunda imibhalo engcwele ndawonye bese nabelana amaqiniso eniwatholayo, kanye nenidlula kukho uma seniwaphila lawo maqiniso.

uJakobe 6:4–5

INkosi ikhumbula abantu Bayo ngothando nomusa.

Incazelo yegama elithi namathela isho ukulandela noma ukunamathela okuthize ngendlela eqinile, enokusondelana, futhi enganakushintsha. Ngabe leyoncazelo ithinta kanjani indlela oqonda ngayo uJakobe 6:4–5 na? Endabeni yesihlahla somnqumo, iNkosi yesivini iyilule kanjani “ingalo yomusa” na? (bheka, isibonelo, uJakobe 5:47, 51, 60–61, 71–72) Ngabe usekwenzele kanjani wena lokhu na?

uJakobe 7:1–23

Ngingama ngiqine uma abanye bevivinya ukholo lwami kuJesu Kristu.

Okwavelela amaNefi noSherem yinto evamise ukuphindwa namuhla: kukhona abantu abafundile, abakhuluma kahle abazama ukubulala ukholo kuKristu. Ngabe uJakobe waphendula kanjani ngesikhathi kusukelwa ukholo lwakhe na? Ngabe yikona kuphi okufundayo ezimpendulweni zakhe na? Yini ongayenza manje ukuze ukulungiselele izikhathi lapho ukholo lwakho kuMsindisi lizovivinywa khona na?

Bheka futhi kuJeffrey R. Holland, “The Cost—and Blessings—of Discipleship,” Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2014, 6–9.

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uJakobe 5

INkosi iyabanakekela abantu Bayo.

  • Ungabelana kanjani ngendaba yezihlahla zomnqumo ngendlela abantwana bakho abazoyiqonda na? Indlela eyodwa kungaba ukuzihambela ngaphandle niyobuka isihlahla bese nibuyekeza ngokufingqiwe amaphuzu endaba abalulekile. Ngabe iNkosi yesivini yazenzelani izihlahla zayo na? Thina singafana kanjani nezinceku eziphathwayo endabeni ukuze sisize abanye bezwe uthando lukaMsindisi na?

  • UJakobe walanda indaba yezihlahla zomnqumo ukumema abantu bakhe ukuba beze kuKristu. Ingabenzela njalo nabantwana bakho. Mhlawumbe ungafingqa indaba ngamavesi afana nalawa uJakobe 5:3–4, 28–29, 47, and 70–72. Wena nabantwana bakho ningaphinde nifunde uJakobe 5:11, 41, 47, kanyr 72, nibheke izinto ezikhombisa indlela iNkosi yesivini (uJesu Kristu) inakekela ngayo izihlahla. UMsindisi wenzani ukusikhombisa ukuthi uyasithanda na?

uJakobe 6:4–5

UBaba oseZulwini uyangithanda futhi uzongixolela uma ngiphenduka.

  • UJakobe 6:4–5 unomlayezo obalulekile kithi uma sithatha izinqumo ezingalungile. Mhlawumbe ungasiza abantwana bakho bawuthole. Yiwona maphi amazwi kulamavesi asinikeza ithemba othandweni lukaNkulunkulu olukhululayo na? Indaba yeGosa u-Allen D. Haynie yokungcola emgodini wodaka, esitholakala kumyalezo wakhe, “Remembering in Whom We Have Trusted” (iLiyahona, Nov. 2015, 121–22), ingasiza. Ngabe lendaba kanye noJakobe 6:4–5 kusifundisani ngokuthi kumele senzeni ukuze sisindiswe embusweni kaNkulunkulu na?

uJakobe 7:1–23

Ngingakwazi ukumela engikwaziyo ukuthi kuyiqiniso.

  • Ungabagqugquzela kanjani abantwana bakho ukuba bamele iqiniso njengoba uJakobe enza na? ­ UJakobe wakumela kanjani lokho ayekwazi ukuthi kulungile na? Mema abantwana bakho ukuba balande ngesikhathi lapho bamela okulungile khona, noma ulande wena. ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.