Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 15–21: “Yona Isebenza Kimi ukuthi Ngenze Njengoba Ithanda.” u-Enoshe–AmaZwi kaMormoni


“Ngo-Ephreli 15–21: ‘Yona Isebenza Kimi ukuthi Ngenze Njengoba Ithanda.’ u-Enoshe–AmaZwi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“Ngo-Ephreli 15–21. u-Enoshe–AmaZwi kaMormoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
u-Enoshe engumfanyana noyise, uJakobe, nomama

Jacob and Enos [uJakobe no-Enoshe] nguScott Snow

Ngo-Ephreli 15–21: “Yona Isebenza Kimi ukuthi Ngenze Njengoba Ithanda”

u-Enoshe–AmaZwi kaMormoni

Noma u-Enoshe waya ehlathini ukuyozingela izilwane ukuqeda ukulamba kwenyama, wagcina ehlala khona usuku lonke kwaze kwahlwa ngoba “umphefumulo [wakhe] walamba.” Lokhu kulamba kwenza u-Enoshe “[e]phakamise izwi [lakhe] phezulu kangangokuthi lafinyelela emazulwini.” Uchaze adlule kukho “[nje]ngomshikashika phambi kukaNkulunkulu (bheka u-Enoshe 1:2–4). Ku-Enoshe sifunda ukuthi umkhuleko umzamo weqiniso wokuzisondeza kuNkulunkulu nokufuna intando Yakhe. Uma ukhuleka ngalenhloso, kungenzeka uthole, njengo-Enoshe, ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa futhi uyakukhathalela ngempela, abathandekayo bakho, futhi ngisho nanezitha zakho (bheka u-Enoshe 1:4–17). Uma uyazi intando Yakhe, usesimweni esincono sokwenza intando Yakhe. NjengoMormoni, kungenzeka “[unga]zazi zonke izinto; kodwa iNkosi izazi zonke … ; ngalokho-ke, yona isebenza [kuwe] ukuthi [w]enze njengoba ithanda.” (AmaZwi kaMormoni 1:7).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

u-Enoshe 1:1–17

UNkulunkulu uzoyizwa futhi aphendule imikhuleko yami.

Odlule kukho mayelana nomkhuleko kungenzeka ukuthi akukukhulu kunalokhu okwa-Enoshe, kepha akuchazi ukuthi akubalulekile ngokufana. Nansi imibuzo ongacabanga ngayo ngesikhathi ufunda u-Enoshe 1:1–17:

  • Yiwona maphi amagama achaza imizamo ka-Enoshe ngesikhathi ekhuleka na?

  • Ngabe imikhuleko ka-Enoshe yashintsha kanjani evesini 4 kuya 11 na?

  • Ngabe yini engingayifunda ku-Enoshe engangisiza ngenze imikhuleko yami ibe ngcono na?

­

Ukwabelana ngemibuzo yengxoxo. Uma ufundisa abanye, cabanga ngokubeka imibuzo ongafisa ukuxoxa ngayo endaweni esobala ukuze wonke umuntu ezoyibona. Lokhu kusiza ukuthi abantu bazindle ngemibuzo futhi baphendule ngendlela enentshisekelo.

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

u-Enoshe 1:1-4

INkosi ingangisiza ngibe nomthelela omuhle emndenini wami.

Mhlawumbe kukhona emndenini wakho ofisa ukumsiza eze kuKristu, kepha uyazibuza ukuthi ingabe imizamo yakho iyawenza umehluko na. Ngabe yikuphi ongakufunda ku Enoshe 1:1–4 mayelana nomthelela kaJakobe kwindodana yakhe u-Enoshe na? Isibonelo, ngabe umushwana othi “nangokondliwa kanye nangeziyalo zeNkosi” usho ukuthini kuwe na? Ungawumema kanjani umthelela Wakhe kwikhaya lakho na?

Ngesikhathi ucabanga ngomndeni wakho, cabanga ngalemibuzo nezinsiza:

IGosa uDieter F. Uchtdorf lilanda ngeziluleko eziwusizo emindenini kwinkulumo yalo ethi “In Praise of Those Who Save” (Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2016, 77–80). Ngabe lomyalezo ukugqugquzela ukuthi wenzeni ukuqinisa umndeni wakho na? (Bheka ikakhulukazi isigaba esithi “Saving Our Families”).

­

u-Enoshe 1:1–18

Ngingathola intethelelo uma nginokholo kuKristu.

Ngesinye isikhathi ungazibuza ukuthi ngabe izono zakho zithethelelwe na, ngisho emva kokuphenduka kulezo zono. Yikona kuphi okutholayo kulokhu u-Enoshe adlula kukho ku Enoshe 1:1–8 na? Ingabe u-Enoshe walikhombisa kanjani ukholo lwakhe kuJesu Kristu ngaphambi nasemva kokuba athole intethelelo na?

uJaromu–Omini

Ngesikhathi ngizama ukugcina imiyalelo, uNkulunkulu uzongibusisa.

Izincwadi zikaJaromu no-Omini zombili zikhombisa ubudlelwano phakathi kokulunga nokuphumelela. Yikona kuphi okufundayo ku Jaromu 1:7–12; u-Omini 1:5–7, 12–18 na? Engabe incazelo yempumelelo yasemhlabeni ihluke kanjani nencazelo yeNkosi na? INkosi ibasiza kanjani abantu Bayo ukuze baphumelele na? (bheka u-Alima 37:13; 48:15–16).

u-Omini 1:25–26

“Nize kuKristu, oNgcwele ka-Israyeli.”

Isimemo esithi “Nize kuKristu” sivela kaningi eNcwadini kaMormoni. Empeleni, inhloso ebalulekile yencwadi ukunikeza wonke umuntu lesi simemo. Ngesikhathi ufunda u-Omini 1:25–26, yiwona maphi amagama noma imishwana oyitholayo echaza indlela yokuza kuKristu na? Yini ozoyenza ukuze uze Kuye ngokuphelele na?

Isithombe
UMormoni ehlanganisa izingcwephe zegolide

Mormon Compiling the Plates [UMormoni Ehlanganisa Izingcwephe], nguJorge Cocco

Amazwi kaMormoni 1:1–8

UNkulunkulu uzosebenza ngami uma ngilandela imiyalelo Yakhe.

Isizathu esisodwa esichaza isizathu sokuthi uMormoni afake izingcwephe ezincane zikaNefi eNcwadini kaMormoni yingoba uNkulunkulu wayazi ukuthi amakhasi okuqala ayi-116 asehumushiwe ayezolahleka (bheka IMfundiso neziVumelwano 10). Kungani ujabula ukuthi uMormoni walandela umyalo weNkosi ukuba afake lemibhalo (ebhala incwadi 1 kaNefi kuya encwadini ka-Omini) na? Yizona ziphi izizathu ezabekwa uMormoni eze ezifaka izingcwephe na? (bheka AmaZwi kaMormoni 1:3–7). Umbone nini uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe ngawe noma ngabanye na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Enoshe 1:1–5

Ngingakhuluma noBaba ngomkhuleko.

  • Ungawasiza kanjani amalungu omndeni wakho ukuthi “athokoze kuKristu” na? Cabanga ukubakhombisa isithombe sika-Enoshe ekhuleka; banikeze ithuba lokuchaza abakubonayo. Bese bangavala amehlo abo futhi bacabange ukuthi bakhuluma noBaba oseZulwini ubuso nobuso. Bangathanda ukukhuluma ngani na? Ngabe Yena angafuna ukuthini kubo na?

  • Ngesikhathi ufunda kuzwakale u-Enoshe 1:1–5, abantwana abancane bangalingisa ukuba u-Enoshe ngokwenza sengathi bayazingela, baguqele ukukhuleka, kanjalo kanjalo. Abantwana abadala bangalalela balindele igama noma umushwana okuchaza imikhuleko ka-Enoshe. Ngabe lamavesi asifundisani ngemikhuleko ka-Enoshe na? Landa ngesikhathi lapho umphefumulo wakho “walamba” futhi “[wa]khala” eNkosini (u-Enoshe 1:4).

Isithombe
umndeni ukhuleka

Njengabantwana baNkulunkulu, singakhuleka kuBaba wethu oseZulwini.

u-Enoshe 1:2–16

UBaba oseZuwlini uzwa futhi aphendule imikhuleko yami.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho baqonde ukuthi uBaba oseZulwini uzozwa futhi aphendule imikhuleko yabo na? Cabanga ngokubamema ukuba bakhe uhla lwezinto abavame ukuzikhulekela. Bese ungabasiza bathole ukuthi u-Enoshe wakhulekelani ku Enoshe 1:2, 9, 13–14, no-16 (bheka futhi “Isigaba 11: u-Enoshe,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni, 30–31).

    Kwaba yini imiphumela yemikhuleko ka-Enoshe na? (bheka ivesi 6, 9, 11).

    Ngabe yikona kuphi esikufundayo endabeni ka-Enoshe ngokuthi singenza kanjani ukuthi ibe ngcono imikhuleko yethu na?

  • ­ Mhlawumbe abantwana bakho bangaphakamisa izandla zabo njalo uma bezwa igama elithi “khuleka” noma “umkhuleko” noma elinye igama eliphinda-phindiwe. Tshela abantwana bakho ngezindlela uBaba oseZulwini aphendule ngazo imikhuleko yakho.

Amazwi kaMormoni 1:3–8

Ngingababusisa abanye uma ngilalela uMoya oNgcwele.

  • UMormoni walandela iseluleko sikaMoya oNgcwele ukuthi afake izingcwephe ezincane zikaNefi encwadini kaMormoni. Yonke into esiyifundile encwadini kaMormoni kulonyaka ifike kithi ngoba uMormoni wathatha isinqumo sokulalela uMoya. Ungabasiza kanjani abantwana bakho bafunde ngokulalela uMoya na? Bameme ukuba bzshintshane ngokufunda amavesi atholakala kwamaZwi kaMormoni 1:3–8. Ningaxoxa ngabakufunile evesini ngalinye. Abantwana bakho bangase:

    • Balande ngabakufundile ezindabeni ezitholakala eNcwadini kaMormoni kulonyaka (izithombe ezitholakala encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni zingabasiza bakhumbule).

    • ­

    • Xoxani ngezimo lapho baholwa uMoya oNgcwele ukwenza okuthile okwabusisa omunye umuntu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
u-Enoshe ekhuleka

Enos Praying [U-Enoshe Ekhuleka], nguRobert T. Barrett