Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 1–7: “Buyisanani noNkulunkulu ngeNhlawulo kaKristu.” uJakobe 1–4


“Ngo-Ephreli 1–7: ‘Buyisanani noNkulunkulu ngeNhlawulo kaKristu.’ uJakobe 1–4,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“Ngo-Ephreli 1–7. uJakobe 1–4,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
owesifazane eguqe ezinyaweni zikaJesu

Forgiven [uXolelwe], nguGreg K. Olsen. Isetshenziswe ngemvume. www.GregOlsen.com

Ngo-Ephreli 1–7: Buyisanani noNkulunkulu ngeNhlawulo kaKristu

uJakobe 1–4

AmaNefi ayecabanga ngoNefi njengo “mvikeli omkhulu” ngoba wayebavikele ekuhlaselweni yizitha zabo (bheka uJakobe 1:10). Wayebavikele futhi nasezingozini zangokomoya, ebaxwayisa ngesono futhi ebancenga ukuba beze kuKristu. Manje lowo msebenzi wawela kuJakobe, uNefi ayembeke ukuba abe ngumpristi nomfundisi (bheka uJakobe 1:18). UJakobe wezwa umthwalo wokuba axwayise labo “ababeqala ukusebenza esonweni” ngesikhathi futhi eduduza “umphefumulo olimele” walabo ababelinyazwe yizono zabanye (bheka uJakobe 2:5–9). Wayezokwenza kanjani kokubili na? Wayezobakhomba kuJesu Kristu—ngoba womabili amaqembu ayedinga ukwelashwa nguMsindisi (bheka uJakobe 4). Njengomyalezo kaNefi owayengaphambi kwakhe, ubufakazi bukaJakobe kwakungumyalelo woku “buyisana [noNkulunkulu] ngeNhlawulo kaKristu” (uJakobe 4:11).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uJakobe 1:6–8, 15–19; 2:1–11

“Ngithunywe yiNkosi.”

KuJakobe, ukufundisa izwi likaNkulunkulu kwakungaphezulu komsebenzi ayenikwe wona ngumfowabo––kwakuwuku “thunywa [okuvela] eNkosini,” ngakho-ke wasebenza ngokukhuthala “ukuhlonipha isikhundla [sakhe]” (uJakobe 1:17, 19). Ngabe lemishwana esetshenziswa nguJakobe isho ukuthini kuwe na? Cabanga ukuthi ingilasi yokukhulisa yenzani. Ngabe lokho kuyakunikeza amasu na? Ngesikhathi uzindla uJakobe 1:6–8, 15–19 kanye 2:1–11, cabanga ngezindlela zakho iNkosi engaba nazo. Ngabe yikuphi ozizwa ugqugquzeleka ukuba ukwenze ukuze “uzikhulise” na?

Bheka futhi ku “Whom the Lord Calls, the Lord Qualifies,” ku Teachings of Presidents of the Church: Thomas S. Monson (2022), 209–20.

uJakobe 2:12–21

“Ningakuvumeli lokhu kuziqhenya kwezinhliziyo zenu kubhubhise imiphefumulo yenu!”

AmaNefi ayenenkinga nokuziqhenya nokugxila kwingcebo (bheka uJakobe 2:13), futhi leyonkinga yayingaqali ngabo noma ngesikhathi sabo. Ngabe isitha silukhankasa kanjani uthando lwengcebo namuhla na? Emva kokufunda uJakobe1:12–21, chaza ngamagama akho indlela uNkulunkulu afuna ngayo ukuthi ubone ingcebo yomhlaba. ­ Ngabe yini ozwa ugqugquzeleka ukuyenza ngenxa yalokho okufundayo na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uJakobe 2:22–35; 3:10–12

UNkulunkulu uyabujabulela ubumsulwa.

Ngesikhathi ufunda uJakobe 2:22–35; 3:10–12, yini oyitholayo ekusiza uqonde ukuthi kungani ubumsulwa bubalulekile kuNkulunkulu na? Ngabe yimiphi eminye imiphumela emibi yokungabimsulwa—ngesikhathi sikaJakobe nasesikhathini sethu na? Ngabe yizona ziphi izibusiso zokuphila impilo emsulwa na?

IGosa uDavid A, Bednar wafundisa ukuthi siphila “emhlabeni olokhu udelela ubungcwele benzalo” (“We Believe in Being Chaste,” ILiyahona, ngoMeyi 2013, 41–44). Ngabe ubasiza kanjani abanye baqonde isizathu sokuthi ulalele umthetho wobumsulwa na? Indawo enhle yokuqala incazelo yemithetho kaNkulunkulu ngemizwa nobudlelwano bocansi esigabeni esithi “Your body is sacred” kwincwajana iFor the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (Okwakha Intsha) (amakhasi 22–29). Yikuphi okunye okutholayo kuleyonsiza engakusiza uchaze ukuthi kungani uphila umthetho wobumsulwa na?

­

Ngabe izinga likaNkulunkulu lobumsulwa ngokocansi lihluke kanjani kweminye imiyalezo ongase uhlangabezane nayo na? Ngabe yizona ziphi izibusiso zokuphila impilo emsulwa na?

­

uJakobe 4

Ngingabuyisana noNkulunkulu ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

UJakobe wabancenga abantu bakhe ukuba ba “buyisane [noNkulunkulu] ngeNhlawulo kaKristu” (uJakobe 4:11). Enye Incazelo yokubuyisana isho ukubuyisa ubungani noma ukuzwana. Ngesikhathi uzindla ngempilo yakho, cabanga ngesikhathi lapho ozizwe khona uqhelile kuBaba oseZulwini. Ngabe uMsindisi ukusiza kanjani ukuze ubuyise lobu budlelwane na? Yisona siphi iseluleko ositholayo kulesi sigaba esikusiza ubuyisane noNkulunkulu na? (bheka amavesi 4–14).

Ngabe yiluphi olunye ulwazi oluthola NgokukaMathewu 5:23–24 na? UMsindisi angakusiza kanjani ubuyisane noNkulunkulu—nabanye na?

Bheka futhi ku 2 Nefi 10:24.

uJakobe 4:8–18

Ngingakugwema ubumpumputhe ngokomoya ngokugxila kuMsindisi.

Ngesikhathi uJakobe efuna ukuguqulela abantu bakhe eNkosini ngokupheleleyo, wabexwayisa ukuthi bangabi yizimpumputhe ngokomoya futhi bangawadeleli “amazwi acacileyo” evangeli (bheka uJakobe 4:13–14). Ngokuka Jakobe 4:8–18, ngabe yikona kuphi esingakwenza ukuze sigweme ubumpumputhe ngokomoya na?

Bheka futhi kuQuentin L. Cook, “Looking beyond the Mark,” i-Ensign, ngoMashi 2003, 40–44.

Ngesikhathi efundisa, uMsindisi wayekuqhathanisa nezinto zansuku zonke. Imifanekiso kaJesu Kristu yasiza abantu bathole amaqiniso omoya kwizinto abadlula kuzo njalo. Zama ukwenza okufanayo uma ufundisa. Isibonelo, uma ufundisa uJakobe 4:8–18, ungababuza abafundi ukuthi bake bahlolwa amehlo na? Ngabe udokotela wakuhlola kanjani ukubona kwabo kwenyama na? Singakuhlola kanjani ukubona kwethu komoya na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uJakobe 2:8

UNkulunkulu welapha umphefumulo olimele.

  • Ukusiza abantwana bakho babe nokuqonda ukuthi “umphefumulo olimeleyo” ungelashwa kanjani, ningaxoxisana ngokuthi imizimba yethu ilimala kanjani futhi yikuphi okuyisizayo yelapheke. Mhlawumbe abantwana bakho bangabelana ngezikhathi lapho balimala khona nokuthi yikuphi okwabasiza balapheke. Ungase futhi utshengise amabhandishi noma imithi ngesikhathi nixoxa. Mhlawumbe ungabaxoxela ngendlela uMsindisi akusiza ngayo ngesikhathi lapho umphefumulo wakho udinga ukwelashwa.

uJakobe 2:17–19

Ngingasiza abanye abaswele uma ngibapha nabo.

  • Abanye abantu ezimfundisweni zikaJakobe babedla izambane likapondo, kepha babengafuni ukwabelana nabanye lokho ababenakho. Ngesikhathi ufunda izimfunidso zikaJakobe kubo ku Jakobe 2:17–19, unganikeza abantwana bakho izithombe noma izinto abangaziphatha okuhambisana namagama noma imishwana ekulamavesi. Ungase uchaze ukuthi waba lezi zinto nabo; mhlawumbe ungase ubameme ukuba bakwabele izinto nawe noma babelane bodwa. Xoxani ngokuthi nizizwa kanjani uma nabelana. Yini enye esingase sabelane ngayo ukubasiza bajabule na?

  • Emva kokufunda ndawonye uJakobe 2:17, mhlawumbe abantwana bakho bangabala izibusiso uNkulunkulu abelane ngazo nabo. Kungani efuna sabelane na??

uJakobe 4:6, 10–11

Ngingaluqinisa ukholo lwami kuJesu Kristu.

  • Ukholo lwaJakobe kuKristu laliqine kangangokuthi lalingakwazi ukuthikamiziseka. Ukufundisa abantwana bakho ukukhulisa ukholo olunjalo, ungababuza ngezinto esizenzayo ukuqinisa imizimba yethu. Yini esingayenza ukuqinisa ukholo lwethu kuJesu Kristu na? Fundani uJakobe 4:6 ndawonye ukusiza abantwana bathole ukuthi uJakobe nabantu bakhe benzani ukwenza ukholo lwabo “lungashukumiseki.”

  • Enye indlela yokusiza abantwana bakho bakuqonde kahle ukuthi kusho ukuthini “ukunganyakaziseki” okholweni kungaba ukuthola umuthi omkhulu oseduzane ubacele bashukumise amagatsha awo ngalinye. Emva kwalokho mabazame ukushukumisa isiqu sawo. Ngabe kungani kunzima ukushukumisa leso siqu na? Ngabe yiyona miphi imishwana ku Jakobe 4:6, 10–11 echaza esingakwenza ukuze ukholo lwethu kuJesu Kristu “lungashukumiseki” na?

    Isithombe
    umuthi omkhulu epaki

    Njengesiqu somuthi, ukholo lwethu kuKristu lungaba “olungashukumiseki.”

  • Ukuthola okunye ukuqhathanisa okufundisa abantwana bakho ngokholo olungashukumiseki kuJesu Kristu, bheka kuNeil L. Andersen, “Spiritual Whirlwinds” (ILiyahona, ngoMeyi 2014, 18–21 (bheka futhi NgokukaMathewu 7:24–27).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJakobe ebhala ezingcwepheni zegolide

I Will Sent Their Words Forth (Jacob the Teacher) [Ngizowathumela Amazwi Abo (uJakobe uMfundisi)], ngu-Elspeth Caitlin Young