Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Ephreli 22–28: “Bagcwele uThando lukaNkulunkulu kanye Nolwabantu Bonke.” uMosiya 1–3


“Ngo-Ephreli 22–28: ‘Bagcwele uThando lukaNkulunkulu kanye Nolwabantu Bonke.’ uMosiya 1–3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: Incwadi kaMormoni 2024 (2024)

“Ngo-Ephreli 22–28. uMosiya 1-3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
iNkosi uBenjamini ifundisa abantu bayo

Recieving the Teachings of King Benjamin [Ukwemukela iziMfundiso zeNkosi uBenjamini], nguMaria Alejandra Gil

Ngo-Ephreli 22–28: “Bagcwele uThando lukaNkulunkulu kanye Nolwabantu Bonke”

uMosiya 1–3

Uma uzwa igama elithi inkosi, kungenzeka ucabange imiqhele, izisebenzi, kanye nezihlalo zobukhosi. Encwadini ka Mosiya 1–3, uzofunda ngohlobo olwehlukile lwenkosi. Kunokuba aphile ngokusebenza kwabantu bakhe, iNkosi uBenjamini “yasebenza ngezandla [zayo]” (uMosiya 2:14). Esikhundleni sokuba asetshenzelwe ngabanye, wasebenzela abantu bakhe “ngakho konke ukuqina, ingqondo kanye namandla iNkosi [eyayimnike] wona” (uMosiya 2:11). Lenkosi ayizange ifune ukuthi abantu bayo bayikhonze, kunalokho, yabafundisa ukuba bakhonze iNkosi yabo yaseZulwini, uJesu Kristu. INkosi uBenjamini yayikuqonda ukuthi “yiNkosi uMninimandla Onke ebusayo” (uMosiya 3:5), eyehla “ivela ezulwini” futhi yehlela “phakathi kwabantwana babantu, … ukuze insindiso ize kubantwana babantu ngisho nangokukholwa egameni lakhe” (uMosiya 3:5, 9).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uMosiya 1:1–7

“Niyicwaninge [imibhalo engcwele] ngokukhuthala.”

Kulamavesi, naka ukuthi lemibhalo engcwele yababusisa kanjani abantu beNkosi uBenjamini. Ngabe impilo yakho ingcono kanjani ngenxa yokuthi unemibhalo engcwele na?

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 2:10–26

Lapho ngisebenzela abanye, ngisuke ngisebenzela uNkulunkulu.

Ucabanga ukuthi iNkosi uBenjamini yayingathini uma wawumbuza ukuthi kungani yayisebenza ngakho konke “ukuqina, ingqondo, kanye namandla” na? (uMosiya 2:11). Cabanga ngalokhu njengoba ufunda uMosiya 2:10–26. Ngabe iNkosi uBenjamini yafundisani okukunika intshisekelo yokuba usebenzele abanye ngendlela enenzuzo kubo na? Isibonelo, ngabe kusho ukuthini kuwe ukwazi ukuthi ngesikhathi usebenzela abanye, usebenzela uNkulunkulu futhi na? (bheka uMosiya 2:17). Funa intshisekelo ngokuthi ungamsebenzela kanjani othile kulelisonto.

Ngisho sikwazi ukuthi kufanele sibasebenzele abanye, kwesinye isikhathi sibhekana nezinkinga. Enye indlela yokufunda incwadi ka Mosiya 2:10–26 wukwenza uhlu lamaqiniso iNkosi uBenjamini eyawafundisa angakusiza ukuba unqobe izinkinga ezingakuvimba ukuba ubasebenzele abanye. Ngabe yikuphi odlule kukho okukukhombise ukuthi okwafundiswa yiNkosi uBenjamini kuyiqiniso na?

­ ­ ­ ­

Bheka futhi encwadini ka NgokukaMathewu 25:40

Isithombe
ukwangana kwabesifazane ababili

Lapho ngisebenzela abanye, ngisuke ngisebenzela noNkulunkulu.

uMosiya 2:38–41

Injabulo siyithola ngokugcina imiyalelo kaNkulunkulu.

Ungayichaza kanjani injabulo eza ngenxa yokuhlonipha uNkulunkulu na? Ngabe ikhona yini imishwana encwadini ka Mosiya 2:38–41 engakusiza uchaze ukuthi kungani uyigcina imiyalelo kaNkulunkulu na?

uMosiya 3:1–20

Ngingaba ngongcwele ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

INkosi uBenjamini, njengabo bonke abaprofethi, yafakaza ngoJesu Kristu ukuze abantu bakhe “[bathole] ukuthethelelwa kwezono zabo, futhi bathokoze ngokuthokoza okukhulu” (uMosiya 3:13). Nansi imibuzo ongadlinza ngayo njengoba ufunda ngobufakazi beNkosi uBenjamini ngoMsindisi encwadini ka Mosiya 3:1–20:

  • Yikuphi engikufundayo kulamavesi mayelana noMsindisi nokuthunywa Kwakhe na?

  • Yikuphi engikufundayo encwadini ka Mosiya 3:18–19 mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba ngongcwele na?

  • Ngabe ungisize kanjani uJesu Kristu ukuba nginqobe isono, ngishintshe imvelo yami ngifane nongcwele na?

uMosiya 3:5–21

“INkosi uMninimandla Onke … iyokwehla ivela ezulwini.”

Ngabe yikuphi okwazi ukukwenza ngamandla kagesi na? Ngabe impilo yakho ingehluka kanjani ngaphandle kwagesi na? Lemibuzo ingahle ikusize ukuba uzindle ngawo amandla amakhulu kakhulu uMsindisi angawaletha empilweni yakho.

Ingelosi eyavela eNkosini uBenjamini yakhuluma ngoJesu Kristu ithi “uyiNkosi uMninimandla Onke,” ibizo elisho ukuthi uJesu Kristu unamandla onke. Ngabe yikuphi okufundayo encwadini ka Mosiya 3:5–21 mayelana nokuthi uMsindisi uwasebenzisa kanjani lawomandla Akhe na? Usuke wawabona amandla kaMsindisi empilweni yakho nasezimpilweni zalabo abaseduze nawe na? Ngabe ukwazi ukwenzani ngamandla Akhe futhi yikuphi ongaba yikho na? Ngabe impilo yakho ingehluka kanjani ngaphandle kwagesi na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 2:11–18

Lapho ngisebenzela abanye, ngisuke ngisebenzela noNkulunkulu.

  • Ikhasi lomsebenzi lakulelisonto linomqhele olula abantwana bakho abangawenza. Mhlwumbe bangathanda ukushintshana bemi esihlalweni benze sengathi bayiNkosi uBenjamini ngesikhathi wena wabelana nabo ngezinto iNkosi uBenjamini eyayizifundisa abantu bayo, njengoba kubhaliwe encwadini ka Mosiya 2–3. ­

  • UMosiya 2:17 kungahle kube yivesi elihle ukuba abantwana bakho balifunde. Ungahle ubasize baphindaphinde amagama ambalwa kulo ngesikhathi. Noma ungalibhala phansi, ususe amagama ambalwa asemqoka kulo, bese ubacela ukuthi bathole lawo magama angekho. Ungabe usukhuluma nabantwana bakho mayelana nokuthi kungani uNkulunkulu efuna sisebenzelane.

  • Ungahle ubasize abantwana bakho bacinge ku Mosiya 2:11–18 ukuze bathole ukuthi iNkosi uBenjamini yenzani ukusebenzela abanye. Abantwana bakho bangabe sebebhala ezingcezwini zephepha ngezinye zezindlela abangasebenzela ngazo abanye. Lawo maphepha wafake esikhwameni noma kujeke, ukuze abantwana bakho bathathe elilodwa njalo ngosuku bese benzela omunye leyonto ebhaliwe.

Abantwana bayazuza entweni ephindwayo. Ungesabi ukuphinda okwenziwayo kaningi, ikakhulu kubantwana abasebancane. Ukuphindaphinda kungabasiza abantwana bakukhumbule abakufundile.

Isithombe
abantwana begoqa indwangu

INkosi uBenjamini yafundisa ukuthi uNkulunkulu singamsebenzela ngokuthi sisebenzele abanye.

uMosiya 2:19–25

Zonke izibusiso zami zivela kuBaba oseZulwini.

  • Umsebenzi weNkosi uBenjamini kubantu bakhe wagqugquzelwa ukubonga kwakhe okujulile kuNkulunkulu. Uzoyikhuthaza kanjani imizwa efanayo ebantwaneni bakho na? Ningafunda ndawonye uMosiya 2:21 futhi niqale uhla lwezibusiso uBaba oseZulwini asinike zona. Ungabe sewengeza ohlwini ezinye izibusiso abantwana bakho abazicabangayo.

  • Nawu umdlalo ongawudlala ukuze usize abantwana bakho babone izibusiso zikaBaba oseZulwini. Abantwana bangakwazi ukudlulisa isithombe soMsindisi ngenkathi becula noma belalele iculo elimayelana nokubonga. Yeka ukucula noma yeka umculo ngezikhathi ezithile, futhi umeme noma ubani ophethe isithombe ukuze akhulume ngesibusiso abasibongayo. Ngokwencwadi ka Mosiya 2:22–24, singakhombisa kanjani ukuthi sigcwele ukubonga ngezibusiso zethu na?

uMosiya 3:5–10, 19

UJesu Kristu uzongisiza ngibe njengaYe.

  • Ingelosi yatshela iNkosi uBenjamini amaqiniso abalulekile ngempilo nangobufundisi bukaJesu Kristu. Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningahle nibheke izithombe zezinye izigameko okukhulunywa ngazo encwadini ka Mosiya 3:5–10 (isibonelo bhekani ku Gospel Art Book, nos.30, 41, 42, 57, 59). Ngesikhathi nifunda encwadini ka Mosiya 3:5–10, abantwana bakho bangahle baphakamise izandla njalo uma bezwa okuthile kulezi zindima okuvelayo ezithombeni.

  • Ngabe abantwana bakho sebake basiza kulungiswe ukudla besebenzisa isu lokupheka ukudla na? Mhlawumbe ungahle ukhulume ngalokho bese usebenzisa incwadi ka Mosiya 3:19 ukuqhamuka “nesu” lokuthi singafana kanjani noJesu Kristu. Ngabe uJesu usisiza kanjani sibe njengaYe na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
INkosi uBenjamini ishumayela kubantu bayo

King Benjamin’s Address [Inkulumo yeNkosi uBenjamini], nguJeremy Winborg