Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMeyi 27–Juni 2: “Babebizwa Ngokuthi Bangabantu BaNkulunkulu.” uMosiya 25–28


“NgoMeyi 27–Juni 2: ‘Babebizwa Ngokuthi Bangabantu BaNkulunkulu.’ UMosiya 25–28,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMeyi 27–Juni 2. UMosiya 25-28,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
ingelosi ivela ku-Alima namadodana kaMosiya

Conversion of Alma the Younger [Ukuguquka kuka-Alima Omncane], nguGary L. Kapp

NgoMeyi 27–Juni 2: “Babebizwa Ngokuthi Bangabantu BaNkulunkulu”

uMosiya 25–28

Emva kokuba sekudlule cishe izizukulwane ezintathu behlala emazweni ahlukene, amaNefi ayesephinde aba yisizwe esisodwa futhi. Abantu baLimihi, abantu ba-Alima, kanye nabantu baMosiya––ngisho nabantu baseZarahemla, ababengesibo abesizukulwane sikaNefi––manje bonke “babalwa kanye namaNefi” (uMosiya 25:13). Iningi labo lalifuna futhi ukuba ngamalungu eBandla leNkosi u-Alima ayeselimisile. Ngakho-ke bonke labo “ababenesifiso sokubizwa ngegama likaKristu” babhabhadiswa, “futhi babebizwa ngokuthi bangabantu baNkulunkulu” (uMosiya 25:23–24). Emva kweminyaka yokuxabana nokuthunjwa, kwaba sengathi amaNefi ekugcineni ayezothokozela isikhathi sokuthula.

Kodwa kwathi kungakapheli sikhathi, abahedeni baqala ukuhlupha abaNgcwele. Okwakwenza lokhu kube buhlungu kakhulu kwakungukuthi iningi lalabahedeni lalingabantwana bamakholwa––“abesizukulwane esikhulayo” (uMosiya 26:1), okubalwa kubo amadodana kaMosiya nendodana eyodwa ka-Alima. Lendaba ikhuluma ngokuvakashelwa yingelosi okuyisimangaliso. Kodwa isimangaliso sangempela salendaba akukona nje ukuvela kwezingelosi kumadodana ayimidlwembe. Ukuguquka kuyisimangaliso ngandlela-thize, okufanele senzeke kithi sonke.

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uMosiya 26:1-6

Ngingabasiza abanye ukuba beze kuJesu Kristu.

Ukuguquka kungokomuntu siqu––kungeke kwadluliswa njengefa kubantwana bomuntu. Ngesikhathi ufunda encwadini ka Mosiya 26:1– 6, dlinza ngokungaba yizizathu zokuhlubuka kwa “besizukulwane esikhulayo” futhi unake nemiphumela yokungakholwa kwabo. Ungase ucabange futhi ngabantu ofisa ukubaletha kuKristu. Ekufundeni kwakho incwadi ka Mosiya 25–28, uMoya ungakuhlebela izinto ongazenza ukubasiza bakhulise ukholo Jesu Kristu.

uMosiya 26:6–39

Izinceku zikaNkulunkulu ezithembekileyo zifuna ukwenza intando Yakhe.

Kwesinye isikhathi singacabanga ukuthi umholi weBandla onjengo-Alima uhlezi ekwazi okulungileyo okufanele akwenze. Encwadini ka Mosiya 26 sifunda ngenkinga eyayikhona eBandleni u-Alima ayengakaze abhekane nayo. Ngabe yikuphi u-Alima akwenza kulesimo na? (bheka uMosiya 26:13–14, 33–34, 38–39). Ngabe lokhu adlula kukho u-Alima kusitshelani mayelana nendlela okufanele ubhekane ngayo nezinkinga ezinzima emndenini wakho noma emsebenzini waseBandleni na?

Yamfundisani iNkosi u-Alima encwadini ka Mosiya 26:15– 32? Naka ukuthi ezinye zezimpendulo zeNkosi kwakungezona izimpendulo ngqo zemibuzo ka-Alima. Ngabe lokhu kukutshelani ngomkhuleko kanye nokuthola isambulo somuntu siqu na?

Imigomo Ingeyaphakade. Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso zemibhalo engcwele ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungazibuza uthi, “Ngabe yiziphi izinto engidlule kuzo ezifana nezika-Alima na?” noma uthi “Yimaphi amaqiniso afundiswa ngu-Alima angangisiza na?”

uMosiya 26:15–31

UNkulunkulu ungixolela ngokungenamibandela lapho ngiphenduka futhi ngibaxolela nabanye.

Ukuphenduka nokuxolelwa yizihloko eziphindwayo encwadini ka Mosiya 26–27. Funa amagama nemishwana efundisa ngokuphenduka nokuxolelwa kulezi zindinyana uMosiya 26:22–24, 29-31; 27:23–37.

Abanye abantu bangazibuza ukuthi ngabe uNkulunkulu uyabaxolela ngempela yini. Ucabanga ukuthi u-Alima Omdala wayengahle aleluleke athini ilunga lebandla eZarahemila elalinalowombuzo na? Ngabe u-Alima wafundani eNkosini kulendinyana uMosiya 26:15–31 okwakungasiza lelilunga leBandla na? (Bheka futhi encwadini ka Moroni 6:8; IMfundiso neziVumelwano 19:16–18; 58:42–43).

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 27:8–37; 28:1–4

NgoJesu Kristu, ngingashintsha ngibe ngcono.

Kwakusobala ukuthi u-Alima omNcane wayedinga ukuzalwa kabusha ngokomoya. Yena kanye namadodana kaMosiya “babeyizoni ezimbi kakhulu (uMosiya 28:4). Kodwa masinyane emva kokuguquka kwakhe, u-Alima wafakaza ngokuthi ukuguquka kubalulekile kakhulu–––kuwo wonke umuntu: “Ungamangali,” kwasho yena, “ukuthi bonke abantu … kufanele bazalwe kabusha” (uMosiya 27:25; kwengezwe ukugcizelela).

Ngesikhathi ufunda ngalokho u-Alima adlula kukho, okutholakala encwadini ka Mosiya 27:8–37, cabanga ngokubeka wena kulendaba. Ungakwazi yini ukucabanga ngezinto okudingeka zishintshe ngawe na? Ngabe ngubani, njengoyise ka-Alima, okungenzeka ukuthi uyakukhulekela “ngokholo olukhulu”na? Ngabe yikuphi odlule kukho okukusize “ukukukholwisa ngamandla kanye negunya likaNkulunkulu” na? (uMosiya 27:14). Ngabe yiziphi “izinto ezinkulu” iNkosi ekwenzele zona noma umndeni wakho okufanele “uzikhumbule” na? (uMosiya 27:16). Ngabe ufundani emazwini nasezenzweni zika-Alima Omncane mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuzalwa kabusha na? Ngabe yiziphi izibonelo ozibonile na?

Ake uthathe ithuba ubhale ngezinye zezindlela uMsindisi akusiza ngazo ukuba ushintshe––noma uzalwe kabusha––ngisho noma ngabe lezo zinto odlula kuzo zingezinkulu njengezika-Alima. ­ ­ Ngabe ngubani ongahle azuze ngokuzwa ngodlule kukho na?

uMosiya 27:8–24

UNkulunkulu uyayizwa imikhuleko yami futhi uzoyiphendula ngokwesikhathi nangentando Sakhe.

Mhlawumbe uke waba sesimweni sika-Alima Omdala unelungu lomndeni elenza izenzo ezonayo. Ngabe yikuphi okutholayo kulendinyana uMosiya 27:8–24 okukunika ithemba na? Lamavesi angaba nomthelela kanjani emikhulekweni yakho ngabanye na?

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 26:30–31

INkosi ifuna ngixolele.

  • Ukusiza abantwana bakho bazitholele bona ukuthi iNkosi yamfundisa u-Alima ngokuxolela, ungahle umeme abantwana bakho ukuba bafunde encwadini ka Mosiya 26:29–31 bese ubala ukuthi kuyizikhathi ezingaki lapho kuvela khona igama elithi “xolela.” Ngabe lamavesi asifundisani ngokuxolela abanye na? ­

  • Ukugcizelela isibonelo sokuxolela sikaMsindisi, ungahle ukhombise ngesithombe Sakhe esesiphambanweni bese nifunda ndawonye encwadini ka NgokukaLuka 23:33–34. Yikuphi uJesu akucela uBaba oseZulwini ukuba akwenzele abantu abambeka esiphambanweni na? Emva kwalengxoxo, abantwana bakho bangahle balingise ukuxolelana.

  • Kwesinye isikhathi kunzima ukuba sizixolele thina lapho senza amaphutha. Ngabe amazwi kaNkulunkulu angasisiza kanjani na? Abantwana bakho bangenza sengathi bakhuluma nomuntu ongaboni ukuthi uNkulunkulu uyoke amxolele. Bameme ukuba bathole okuthile kulezi zindinyana uMosiya 26: 22–23, 29–30 okungahle kumsize lowo muntu.

uMosiya 27:8–37

UJesu Kristu uyangisiza ngibe njengaYe.

  • Ukuguquka kuka-Alima Omncane namadodana kaMosiya kungahle kubakhombise abantwana bakho ukuthi, ngamandla kaMsindisi, noma ngubani angashintsha. Wena noma abantwana bakho ningahle nisebenzise imidwebo ekulesi sifundo, ikhasi lomsebenzi lakulelisonto, ngokunjalo nemibhalo engcwele esemqoka encwadini ka Mosiya 27:8–37 ukuxoxa ngalendaba . Gcizelela kakhulu ivesi la-24 ukufundisa ukuthi u-Alima waphenduka futhi nguJesu owamsiza ukuba ashintshe. Bavumele abantwana bakho bayilingise lendaba uma bengathanda.

Isithombe
U-Alima Omncane ethwelwe eyiswaa endlini kayise

His Father Rejoiced [Uyise Wajabula], nguWalter Rane

uMosiya 27:8–24

Ngingakhuleka futhi ngizilele ukuba uNkulunkulu abusise abantu engibathandayo.

  • Fundani ndawonye encwadini ka Mosiya 27:8–24, bese ucela abantwana bakho ukuba basho ukuthi ngabe u-Alima nabantu bakhe yikuphi abakwenza ukusiza u-Alima Omncane. Ngabe wake wamzilela futhi wamkhulekela umuntu othile na? Yabelana ngokwenzeka kuwe nabantwana bakho, ubavumele nabo babelane nawe ngokwenzeka kubo.

  • Ngabe ukhona yini wena noma abantwana bakho enimaziyo odinga usizo lukaNkulunkulu na? Landela isibonelo sika-Alima, mhlawumbe ningamkhulekela ndawonye futhi nimzilele uma abantwana bakho bekwazi ukukwenza lokho.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
ingelosi ivela ku-Alima Omncane

Illustration of an angel appearing to Alma the Younger [Umfanekiso wengelosi ivela ku-Alima Omncane], nguKevin Keele.