Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJulayi 29–Agasti 4: “Bheka kuNkulunkulu futhi Uphile.” u-Alima 36–38


“NgoJulayi 29–Agasti 4: ‘Bheka kuNkulunkulu futhi Uphile.’ u-Alima 36–38,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“NgoJulayi 31–Agasti 4. u-Alima 36–38,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zasekKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
owesifazane ekhuleka

Woman [Owesifazane], nguJen Tolman, akuvumelekile kuphindwe

NgoJulayi 29–Agasti 4: “Bheka kuNkulunkulu futhi Uphile”

u-Alima 36–38

Ngesikhathi u-Alima ebona ububi bumzungezile, wezwa “usizi” olujulile, “[uku]hlupheka kanye “[noku]dabuk[a] emphefumulweni” (u-Alima 8:14). “Ububi obunjena phakathi kwalabantu,” washo ngamaZoramu, “benza ubuhlungu emphefumulweni wami.” (u-Alima 31:30). Wezwa into ecishe ifane emva kokubuya kwimishini yakhe kwamaZoramu—wabona ukuthi izinhliziyo zamaNefi amaningi “zase ziqala ukuthi zibe lukhuni, futhi nokuthi base beqala ukuthi bacasuke ngenxa yokuqina kwezwi,” futhi lokhu kwenza inhliziyo yakhe “yaba buhlungu kakhulu” (u-Alima 35:15). Yini u-Alima ayenza ngalokho akubona nalokho akuzwa na? Akazange evele nje adangeae noma abe ngokunyundelayo ukulunga ngenxa yesimo somhlaba. Kunalokho, “wenza ukuthi amadodana akhe aqoqelwe ndawonye” futhi wawafundisa “[i]zinto eziphathelene nokulunga” (u-Alima 35:16). Wawafundisa ukuthi “ayikho enye indlela noma amasu umuntu angasindiswa ngawo, kuphela kuye kanye nangaye uKristu. … Bheka, uyizwi leqiniso kanye nokulunga” (u-Alima 38:9).

Amasu Okufundisa Ekhaya NaseSontweni

u-Alima 36; 38:5–6

Ngingazalwa nguNkulunkulu.

Bambalwa abethu abazodlula kwisigameko adlula kuso u-Alima ngesikhathi eguquka. Kepha wonke umuntu kumele “azalwe nguNkulunkulu”, kodwa vele kuvame ukwenzeka kancane kancane (u-Alima 36:23;38:6). Ngesikhathi ufunda u-Alima 36, cabanga ngokuthi kuchaza ukuthini ukuzalwa nguNkulunkulu. Isibonelo, ngesikhathi uzalwa nguNkulunkulu, uzizwa kanjani ngesono na? ngoJesu Kristu na? Ukuzalwa nguNkulunkulu kukuthinta kanjani okwenzayo ngenxa yamaphutha akho? Yiziphi ezinye izinguquko ezenzakalayo ezinkolweni noma ezenzweni zakho na? Zindla ngokuthi uzizwa kanjani lezinguquko

Bheka futhi uMosiya 5:7; 27:25–26; u-Alima 5:14; 22:15; uHelamani 3:35.

U-Alima 36:12–24; 38:8–9

UJesu Kristu unikeza intokozo esikhundleni sosizi.

Ngesinye isikhathi abantu bayesaba ukuphenduka ngoba bebone ukuphenduka kwiyisijeziso esibuhlungu sesono. Ucabanga ukuthi u-Alima angathini ngalokho na? Ukuze ukuthole, ungaqhathanisa ukuthi impilo ka-Alima yayinjani ngaphambi kokuba aphenduke (bheka u-Alima 36:6–17) kanye nokuzichaza kwakhe ngemva kokuba aphenduke (bheka amavesi 18–27). Ngokuka-Alima 36:17–18, u-Alima waluthola kanjani uxolo na?

­

u-Alima 37

Imibhalo engcwele ilondolozwe “ngenhloso yokuhlakanipha.”

Cabanga ngesimangaliso nesibusiso okuyiso ukuba nemibhalo engcwele namuhla! Ngesikhathi ufunda u-Alima 37, bheka izibusiso esizithola ngenxa yokuba nemibhalo engcwele (bheka, isibonelo, amavesi 7–10, 18–19, 44–45).

Ku-Alima 37:38–47, u-Alima uqhathanisa “izwi likaKristu” neLiyahona. Ngesikhathi uzindla ngalokhu kuqhathanisa, cabanga ngezindlela ozwe ngazo isimangaliso namandla ezimfundiso zikaKristu “usuku nosuku” (u-Alima 37:40).

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Imibhalo engcwele isifundisa indlela yokulandela uNkulunkulu

u-Alima 37:1–14

Isithombe
seminary icon
“Ngezinto ezincane neziwubala kufezeka izinto ezinkulu.”

Ngezinye izikhathi singazizwa sengathi izinkinga zethu zinkulu futhi zilukhuni kangangokuthi izixazululo kumele zibe nkulu futhi zibe lukhuni nazo. Kodwa leyo akuyona indlela yeNkosi ngaso sonke isikhathi. Ngesikhathi ufunda u-Alima 37:1–14, cabanga ngalokho okukuchazayo ngendlela Awenza ngayo umsebenzi Wakhe. Ngemva kwalokho ungacabanga futhi ubhale phansi izindlela obone ngazo lomgomo empilweni yakho.

Uma ubuzofundisa othile ngalomgomo, iziphi izibonelo zemvelo noma ezivela empilweni yansuku zonke ongazisebenzisa ukuze uwufanise? ­

Ngabe yiziphi izinto ezincane nezilula ezikusondeza kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu?

Ngokuvamile, izinqumo zethu “ezincane nezilula” zenza umehluko omkhulu ezimpilweni zethu. Futhi uzibuze imibuzo enjengale: Izinqumo zami ngalokhu zingithinta kanjani mina kanye nabantu abangizungezile? Yiziphi izinguquko ezincane nezilula engingazenza ezizoholela ekuthuleni okukhulu nasenjabulweni?

Sebenzisa izinto ezincane neziwubala. Njengezinye izinto eziningi empilweni, ukufundisa ivangeli nokufunda kungenziwa ngezindlela ezincane nezilula. Isibonelo, ingcosana kasawoti noma imvubelo ingasetshenziswa kanjani ukufundisa amandla ezinto ezincane nezilula na? (bheka NgokukaMathewu 5:13; 13:33).

U-Alima 37:35–37

“Bonisana neNkosi.”

Ku-Alima 37:35–37, bheka izimemo zika-Alima endodaneni yakhe uHelamani. Yiziphi kulezi zimemo ozizwa ukhuthazwe ukuthi uthathe izinyathelo ngazo? Isibonelo, ungacabanga ngokuthi kuchaza ukuthini “ukubonisana neNkosi” (ivesi 37). Uzame kanjani ukukwenza lokhu na? Ngabe Ukuqondise kanjani kokuhle na?

u-Alima 38

Ukwabelana ngobufakazi bami ngoJesu Kristu kunganikeza abantu engibathandayo amandla.

Amazwi ka-Alima endodaneni yakhe uShibiloni ayisibonelo esihle sokuthi singabaqinisa futhi sibakhuthaze kanjani abantu esibathandayo ekuphileni ivangeli. Ukufunda u-Alima 38 kungase kukunikeze imibono ethile yokusiza amalungu omndeni nabangani bathole amandla kuJesu Kristu. Bhala phansi okutholayo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

u-Alima 36:6–24

Ukuphenduka kungilethela injabulo kuJesu Kristu.

  • Ukuze usize abantwana bakho baqonde ukuthi ukuphenduka kuletha injabulo, ungase ubanike ipheshana elinobuso obujabulile ngakolunye uhlangothi nobuso obudangele kolunye uhlangothi. Bacele ukuthi balalele ngenkathi ufunda noma ufingqa u-Alima 36:13, 17–20 futhi uphakamise ubuso obukhombisa ukuthi u-Alima wayezizwa kanjani. Izingane ezindala zingabhala phansi amagama noma imisho zichaza indlela azizwa ngayo. Ngabe ikuphi okwenza u-Alima adabuke, futhi yini eyayimlethela injabulo na? Ngemva kwalokho ungabatshela ngenjabulo oyitholayo lapho wena uphenduka.

u-Alima 37:6–7

“Ngezinto ezincane neziwubala kufezeka izinto ezinkulu.”

  • Abantwana bakho bangase bakujabulele ukuthola izinto ezincane ezenza izinto ezinkulu zenzeke. Izinto ezifana nebhethri, ukhiye wemoto, noma ithoyizi elibaduduzayo kungase kube izibonelo. Ningafunda u-Alima 37:6–7 ndawonye bese nicabanga ngezinto ezincane noma eziwubala uNkulunkulu afuna sizenze. Ngabe yiziphi izinto ezinkulu ezingenzeka lapho silalela lemithetho emincane noma ewubala na?

  • Abantwana bakho bangazama into enjengale: qala ukugcwalisa inkomishi ngamanzi, iconsi elilodwa ngesikhathi. Lokhu kuhlobana kanjani no-Alima 37:6–7 na? Ngemva kwalokho ungakhuluma ngokuthi “izinto ezincane neziwubala” zeNkosi, njengokufunda imibhalo engcwele nsuku zonke, zifana kanjani namaconsi amanzi enkomishini.

  • Siza abantwana bakho bacabange izindlela abangaletha ngazo izinto ezinkulu ekhaya, esikoleni, noma esontweni. -.

u-Alima 37:38–47

Imibhalo engcwele ingangisiza nsuku zonke.

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho bakhulise uthando lezwi likaNkulunkulu, njengoba u-Alima enza kuHelamani? Cabanga ngokubabonisa isithombe seLiyahona , noma ubameme ukuthi bayidwebe ngenkathi bexoxa ngalokho abakwaziyo ngayo (bona u-Alima 37:38–47; 1 Nefi 16:10, 28–29). Ngabe imibhalo engcwele ifana kanjani neLiyahona?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

Isithombe
ingelosi ivela ku-Alima namadodana kaMosiya

Angel Appears to Alma and the Sons of Mosiah [Ingelosi Ivela ku-Alima Namadodana kaMosiya, nguClark Kelley Price