Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Agasti 5–11: “Isu Elikhulu Lentokozo.” U-Alima 39–42


“Ngo-Agasti 5–11: ‘Isu Elikhulu Lentokozo.’ U-Alima 39–42,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Agasti 5–11. U-Alima 39–42,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
uJesu eshiya ithuna

He is Risen [Uvukile], nguDel Parson

Ngo-Agasti 5–11: “Isu Elikhulu Lentokozo”

U-Alima 39–42

Uma umuntu esimthandayo enze iphutha elikhulu, kungabanzima ukwazi ukuthi siphendule kanjani. Okunye okwenza u-Alima 39–42 ubaluleke ukuthi uveza indlela u-Alima—umfundi kaKristu owake naye waba nezono zakhe ezinzima okwakumele aziphendukele—asiphatha ngaso isimo esikanjalo. Indodana ka-Alima uKoriyantoni wayenze isono socansi, futhi u-Alima, njengoba ayefunde ukwenza ebufundisini bakhe, wayethemba amandla emfundiso yeqiniso ukuba anikeze indodana yakhe ukubona kwaphakade nokugqugquzela ukuphenduka (bheka u-Alima 4:19; 31:5). Kulezi zahluko, sibona isibindi sika-Alima ngokubeka isono icala kanye nemfudumalo nothando analo ngoKoriyantoni. Futhi ekugcineni, sizwa ukuzethemba kuka-Alima ukuthi uMsindisi “uzoza ukuzosusa izono zomhlaba [futhi] uzomemezela izindaba zokuthokoza okukhulu zokusindiswa kwabantu bakhe” (u-Alima 39:15). Ukwazi ukuthi uKoriyantoni waphenduka futhi wagcina ebuyele emsebenzini wobufundisi (bheka u-Alima 49:30) kungasinikeza ithemba loxolo nokuhlengwa uma sikhathazwa yizono zethu noma izono zomuntu esimthandayo (bheka u-Alima 42:29).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

U-Alima 39

Isithombe
seminary icon
Ngingakwazi ukugwema isono socansi.

Iseluleko sika-Alima endodaneni yakhe uKoriyantoni ku-Alima 39 sisinikeza ithuba elihle lokufunda ngemiphumela elimazayo yesono socansi, okuhlanganisa nezithombe ezimayelana nocansi. Mhlawumbe okubaluleke kakhulu, singakusiza futhi ukuthi uqonde umnikelo woMsindisi wentethelelo kanye nokuphilisa abantu abaphendukayo. Lemibuzo nemisebenzi ingasiza:

  • Ngabe yimaphi amaphutha aholela uKoriyantoni ukuba aphule umthetho wobumsulwa na? (bheka u-Alima 39:2– 4, 8–9). Ngabe yaba yini imiphumela yezenzo zakhe na? (bheka amavesi 5–13). Ngabe yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uKoriyantoni waphenduka? (bheka u-Alima 42:31; 49:30; 48:18). Ngabe yikuphi okufundayo ngoMsindisi kulokhu okufundayo?

  • ­ Yibe usubhala eyakho incazelo yokuthi ziyini izithombe zocansi, kungani ziyingozi, nokuthi uzokwenzani lapho uhlangabezana nazo. (Bheka futhi NgokukaMathewu 5:27–28 kanye IMfundiso neziVumelwano 63:16.)

  • Ungamchazela kanjani umngane wakho ukuthi kungani ukhetha ukugwema ukubuka izithombe ezingcolile futhi uphile ngomthetho wobumsulwa? ­

­ ­ ­

U-Alima 40–41

Kuzokwenzekani uma sengifile na?

UKoriyantoni wayenemibuzo mayelana nokuthi kwenzekalani emva kokufa. Ukukhathazeka kwakhe kwaholela u-Alima ukuba afundise ngemigomo etholakala ku-Alima 40–41. Njengoba ufunda, yenza uhlu lwamaqiniso owatholayo ngezinto ezifana nomhlaba wemimoya, ukuvuka kwabafileyo, nokwahlulela. Cabanga ukufunda lezi zahluko ngokubuka komuntu, onjengo Koriyantoni, odinga ukuphenduka—ngoba vele, lokho kuyiqiniso ngathi sonke.

U-Alima 40

Ngingafuna izimpendulo zemibuzo yami ngokukholwa kuJesu Kristu.

Ngesinye isikhathi singacabanga ukuthi abaprofethi bazi zonke izimpendelo zombuzo wevangeli. Kodwa qaphela imibuzo engaphenduleki u-Alima ayenayo esahlukweni 40. Yini ayenza ukuze athole izimpendulo na? Yikona kuphi akwenza ngesikhathi enganazo izimpendulo na? Ngabe isibonelo sika-Alima singakusiza kanjani na?

Isithombe
owesifazane ekhuleka

Umkhuleko enye indlela esingathola ngayo izimpendulo zemibuzo yevangeli

U-Alima 42

INhlawulo kaJesu Kristu yenza insindiso ifezeke.

UKoriyantoni wayekholelwa ukuthi ukujeziselwa izono zakhe kwakungalungile (bheka u-Alima 42:1). Ku-Alima 42, u-Alima wakuphendula kanjani ukukhathazeka kwakhe na? Ungase uhlele izingxenye zalesisahluko zibe ngamaqembu amabili: “UNkulunkulu ulungile” nelithi “UNkulunkulu unesihe.” Ngabe iNhlawulo yoMsindisi yenza kanjani ukuba kubekhona kokubili ukulunga kanye nesihe na? ­

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

U-Alima 39:1, 10–11

Isibonelo sami esihle singaholela abanye kuKristu.

  • Iseluleko sika-Alima kuKoriyantoni singasiza abantwana bakho baqonde ukubaluleka kokuba yisibonelo esihle. Cabanga ukufunda ndawonye u-Alima 39:1. Umfowabo kaKoriyantoni uShibiloni wayeyisibonelo esihle kanjani? Abantwana bakho bangathola izimpendulo ezengeziwe zalombuzo ku-Alima 38:2–4.

  • Ningadlala umdlalo lapho wena nabantwana bakho nishintshisana ngokulandelana noma ukulingisana. Sebenzisa lomdlalo ukukhombisa ukuthi izenzo zethu zingabasiza kanjani abanye benze izinqumo ezinhle. Siza abantwana bakho bacabange ngezindlela abangaba yisibonelo esihle ngazo.

  • Ngethoshi noma isithombe selanga, ungaqhathanisa ukukhanya namandla esibonelo esihle. Wena kanye nabantwana bakho ningabuka izithombe zikaJesu enza izinto ezinhle futhi nikhulume ngesibonelo asibekela sona. ­

U-Alima 39:9–13

Ngenxa kaJesu Kristu, ngiyakwazi ukuphenduka lapho ngenza khona amaphutha.

  • Ngaphandle kokungena emininingwaneni mayelana nemvelo yezono zakhe, chaza ukuthi uKoriyantoni wathatha isinqumo esingalungile. Singathini ukuze simsize? Cabanga ngokufundela abantwana bakho u-Alima 39:9 ,futhi ubasize baqonde ukuthi ukuphenduka kanye nokulahla kusho ukuthini. Fakaza ukuthi ukuphenduka kungenzeka ngoJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe.

  • Nasi isifundo esingabonisa injabulo yokuphenduka: Nikeza umntwana oyedwa abambe into esindayo ngenkathi uxoxa ngomuntu othile owenza into embi futhi wangazizwa kahle. Tshela abantwana bakho ukuthi lento ayibambile ifana nemizwa emibi esingaba nayo uma senza iphutha. Thatha lento esindayo emntwaneni ngenkathi ufakaza ukuthi uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bangasusa imizwa enzima, emibi futhi basisize sibe ngcono ngesikhathi siphenduka.

U-Alima 40:6–7, 11–14, 21–23

Uma sifa, imimoya yethu iya emhlabeni wemimoya kuze kube ukuVuka Kwabafileyo kanye nokwaHlulelwa.

  • Kungokwemvelo ukuzibuza ukuthi kwenzakalani kithi ngemva kokufa. Yikuphi ongakwenza ukusiza abantwana bakho bathole izimpendulo? Ungabhala ukufa, umhlaba wemimoya (iparadesi nejele lemimoya), ukuvuka kwabafileyo, nokwahlulelwa emaphepheni ahlukene. Siza abantwana bakho baqonde ukuthi lamagama asho ukuthini. Ngesikhathi nifunda ndawonye u-Alima 40:6–7, 11–14, 21–23, abantwana bakho bangabeka amagama ngokulandelana kokuvela kwawo kulamavesi.

  • Abantwana asebekhulile bangazuza ngokuthola izimpendulo zemibuzo ngokubheka ku-Alima 40:6–7, 11–14, 21–23. Cabanga ngokubuza abantwana bakho imibuzo engaphendulwa kulamavesi, njengokuthi “Uyoba njani umzimba wami lapho ngivuswa kwabafileyo?” Bameme ukuthi bafune izimpendulo emavesini afanele.

    Isithombe
    uMariya noJesu

    Mary and the Resurrected Lord [UMariya kanye neNkosi Evukile Kwabafileyo], nguHarry Anderson

  • Ngabe abantwana bakho bayamazi umuntu oshonile? Mhlawumbe ungakhuluma kafushane ngalowomuntu. Faka ubufakazi bakho ukuthi ngolunye usuku yena lowomuntu—kanye nabo bonke abanye—bayovuswa kwabafileyo ngenxa kaJesu Kristu. Uma kudingeka, sebenzisa ikhasi lomsebenzi lalelisonto ukuze uchaze ukuthi kusho ukuthini ukuvuswa kwabafileyo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

Isithombe
U-Alima kanye noKoriyantoni

This My Son [Le Ndodana Yami], ngu-Elspeth Caitlin Young