Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Agasti 19–25: “Ulondoloziwe Ngamandla Akhe Amangalisayo.” U-Alima 53–63


“Ngo-Agasti 19–25: ‘Ulondoloziwe Ngamandla Akhe Amangalisayo.’ U-Alima 53–63,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Ngo-Agasti 19–25. U-Alima 53–63,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024 (2023)

Isithombe
amaqhawe asemasha ayizinkulungwane ezimbili

Amaqhawe Asemasha Ayizinkulungwane Ezimbili, ngu-Arnold Friberg

Ngo-Agasti 19–25: “Ulondoloziwe Ngamandla Akhe Amangalisayo”

U-Alima 53–63

Uma liqhathaniswa namabutho lamaLamani, “impi encane” kaHelamani (u-Alima 56:33) yabafana kwakungamele libe nethuba lokunqoba. Ngaphandle kokuba yidlanzana ngokwesibalo, amabutho kaHelamani “babe bancance … bonke,” futhi “babengakaze balwe” (u-Alima 56:46–47). Ngezinye izindlela, isimo sabo sasingabukeka sicishe sifane nesabanye bethu abazizwa ngesinye isikhathi bezungezwe futhi becindezeleka empini yezinsuku zokugcina ngokumelana noSathane kanye namandla obubi emhlabeni.

Kepha ibutho likaHelamani lalinokulisizayo ngaphezulu kwamaLamani okwakungekona izibalo noma ikhono lokulwa. Lakhetha uHelamani, umprofethi, ukuba alihole (bheka u-Alima 53:19); “babefundiswe ngonina, ukuthi uma bengangabazi, uNkulunkulu wayezobakhulula” (u-Alima 56:47); futhi “babenokholo lwabo olukhulu kulokho ababefundiswe khona.” Umphumela, bavikeleka “ngamandla Akhe amangalisayo” (u-Alima 57:26). Ngakho ke lapho sibhekene nezimpi empilweni, singaba nesibindi. Ibutho likaHelamani lisifundisa ukuthi “[u]khona uNkulunkulu olungile, futhi nokuthi lowo [o]ngangabazi [uzo]londolozwa ngamandla Akhe amangalisayo” (u-Alima 57:26).

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

U-Alima 53:10–22; 56:43–49, 55–56; 57:20–27; 58:39–40

Isithombe
seminary icon
Ukuba nokholo kuNkulunkulu kuyangisiza ukuba nginqobe ukwesaba.

Ukuba kwakungengenxa yokholo lwawo, amasosha asemancane kaHelamani ayezoba nesizathu esihle sokuzizwa esaba. Kodwa ngenxa yokholo lwawo, babenesizathu esikhulu sokuba nesibindi. Ngesikhathi ufunda ngabo ku-Alima 53–58, bheka izinto ezikusiza ukuthi ngokukholwa kuKristu ubhekane nokwesaba kwakho. Cabanga ngokugxila kulamavesi alandelayo: u-Alima 53:10–22; 56:43–49, 55–56; 57:20–27; futhi 58:39–40. Lelitafula lingakusiza ubhale phansi okutholayo.

Izici zamasosha amancane kaHelamani:

Izizathu okungenzeka ukuthi zenza ukholo lwabo kuKristu luqine kangaka:

Abakwenza ukuze babonise ukholo kuKristu:

UNkulunkulu wababusisa kanjani:

Ukuze sinqobe izimpi zethu zomoya, nathi sidinga amandla kaJesu Kristu. Ungawathola kanjani amandla Akhe na? ­ Ungaqhathanisa iseluleko sakhe nezinto ezenziwa amasosha kaHelamani.

Ngemva kokufunda lezi zinto, cabanga ngezimpi zakho zomoya. Bhala phansi lokho okhuthazeka ukuba ukwenze ukuze usebenzise ukholo lwakho kuJesu Kristu.

Isithombe
Amasosha amancane nonina abo

They Did Not Doubt [Abangabazanga], nguJoseph Brickey

U-Alima 58:1–12, 31–3761

Abalandeli baJesu Kristu abacasuki kalula.

UHelamani noPahorani babenezizathu zokuba bacasuke. UHelamani wayengakutholi ukwesekwa kwamabutho akhe, futhi uPahorani wasolwa ngokwamanga nguMoroni ngokugodla lokho kweseka (bheka u-Alima 58:4–9, 31–3260). Yikuphi okukuhlaba umxhwele ngezimphendulo zabo ku-Alima 58:1–12, 31–37 futhi u-Alima 61? Ucabanga ukuthi kungani baphendula ngalendlela?

IGosa uDavid A. Bednar lakhomba uPahorani njengesibonelo sokuthobeka futhi wafundisa ukuthi “izibonelo ezinkulu zobumnene futhi nesingazuza kakhulu kuzo zitholakala empilweni yoMsindisi uqobo” (“Meek and Lowly of Heart,” Liahona, ngoMeyi 2018, 32). Cabanga ngokuthi uMsindisi wabukhombisa kanjani ubumnene. Bheka, Isibonelo, NgokukaMathewu 27:11–26; NgokukaLuka 22:41–42; NgokukaJohane 13:4–17. Ungasilandela kanjani isibonelo Sakhe na?

U-Alima 60:7–14

Nginesibopho sokuphakamisa abantu abaseduze kwami.

UMoroni wabhala ukuthi uNkulunkulu wayezombeka icala uPahorani uma engazinaki ngamabomu izidingo zamabutho amaNefi. Yikuphi okufundayo ku-Alima 60:7–14 mayelana nokunakekela abantu abaswele? Yini ongayenza ukuze uqaphele futhi ufeze izidingo zabanye na?

U-Alima 62:39–51

Uma ngizehlisa, izinkinga zingaphendula inhliziyo yami eNkosini.

Faka iqanda elikuhlaza kanye nezambane emanzini abilayo ukuze kukusize ucabange ukuthi ungakhetha kanjani “ukuthanjiswa” noma “ukuqiniswa” izivivinyo zakho. Ngenkathi kuphekeka iqanda lakho kanye nezambane, funda u-Alima 62:39–51, futhi uqaphele ukuthi abantu basabela kanjani enkonzweni kaHelamani ngemva kwempi yabo ende namaLamani. Ungakwazi ke ukuqhathanisa lokhu nendlela abasabela ngayo ekushumayeleni kwakhe eminyakeni eyi-13 edlule (bheka u-Alima 45:20–24). Ngabe amaNefi athinteka kanjani ngezindlela ezahlukile yizinkinga ezifanayo na? Uma iqanda nezambane sekuphekwe ngokugcwele, qhekeza iqanda futhi usike izambane. Ngabe amanzi abilayo abe nomthelela ohlukile kanjani na? Ngabe ufundani ngokuthi singakhetha ukuziphatha kanjani uma sibhekene nezinkinga? Ungaphendukela kanjani kuNkulunkulu ngenkathi udlula osizini?

Funda kulokho okwenzeka ekhaya. Uma ufundisa ikilasi eBandleni, cela amalungu ekilasi ukuthi abelane ngalokho abakufundile ekhaya. Isibonelo, thola ukuthi bafundeni ngezinkinga nokuthobeka ngokubilisa amaqanda namazambane.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye noeFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

U-Alima 53:20–21; 56:47–48

Ngingaba othembekile kuNkulunkulu njengebutho lentsha likaHelamani.

  • ­ Ikhasi lomsebenzi lalelisonto lingasiza abantwana bakho ukuthi bacabange ngezindlela abangafana ngazo nebutho likaHelamani. Cabanga ngokwabelana ngezimfanelo zamasosha asemancane ezitholaka ku-Alima 53:20–21 ukuze ubasize baqale. ­

U-Alima 56:45–48; 57:21

Ngingathembeka kulokho abazali bami abakufundisa ngokulunga.

  • Amasosha amancane kaHelamani abheka okholweni lonina ngesikhathi ebhekene nengqinamba enkulu. Mhlawumbe ungafunda u-Alima 56:46–48 nabantwana bakho futhi ubameme ukuba balalele lokho omama balezi zinsizwa babafundise kona ngokholo. Ungababuza ukuthi bafundeni kubazali babo—noma kwabanye abantu abadala abathembekile—ngoMsindisi. Kungani kubalulekile ukulalela “ngokugcwele”? (U-Alima 57:21).

  • Wena—njengonina bamasosha—ungaqiniseka kanjani ukuthi abantwana bakho bayalwazi ukholo lwakho kuNkulunkulu? Enye indlela ukwabelana ngezindlela ukholo lwakho luthinta impilo yakho. Isibonelo, “Ukukhulule” kanjani lapho “ungazange ungabaze” na?

Isithombe
umama efundisa indodana yakhe

Seed of Faith [Imbewu Yokholo], nguJay Ward

U-Alima 53:10–18

Ngingakwazi ukugcina izivumelwano zami noBaba oseZulwini.

  • Abantwana bakho bangakwazi ukukhuluma ngesikhathi lapho othile enza futhi wasigcina isithembiso kubo. Bazizwa kanjani ngesikhathi isithembiso sigcinwa na? Ungafunda u-Alima 53:10–18 futhi umeme abantwana bakho ukuthi babheke ukuthi uHelamani, abantu bakwa-Amoni, kanye namadodana abantu bakwa-Amoni benza futhi bazigcina kanjani izithembiso zabo, noma izivumelwano. Ungabelana ngokuthi uBaba oseZulwini ukubusisa kanjani njengoba ugcina izivumelwano zakho.

U-Alima 61:3–14

Ngingakhetha ukungathukutheli.

Cabanga ukumema abantwana bakho ukuthi bacabange ngesikhathi lapho basolwa ngokwenza into abangayenzanga. Batshele ukuthi lokhu kwenzeka kanjani kuPhahorani (bheka u-Alima 60–61. Ukufunda ngendlela uPahorani aphendula ngayo, shintshisanani ngokufunda amavesi ku-Alima 61:3–14. Ngabe wenzani uPahorani ngenkathi uMoroni emsola na? (bheka u-Alima 61:2–3, 8–9). Ngabe sifundani ngokuthethelela esibonelweni sikaMsindisi na? (bheka NgokukaLuka 23:34).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

Isithombe
amaqhawe asemasha ayizinkulungwane ezimbili

It’s True, Sir, All Present and Accounted For [Kuliqiniso, Mnumzane, Bonke Abakhona Babaliwe], nguClark Kelley Price